Umbhidlango wesikhwama sikaR1 billion sokufukula abalimi abamnyama bayeke ukuba ngabasafufusa
UMNYANGO wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya ne-Industrial Development Corporation (i-IDC) bethule isikhwama sikaR1 billion okuhloswe ngaso ukukhulisa abalimi abamnyama, i-Agri-Industrial Fund.
Ngalesi sikhwama kuzogxilwa ezinhlelweni ezizokwenza abalimi abamnyama bayeke ukuba ngabasafufusa kodwa bakhule babe ngabalimi abakhulu futhi ababamba iqhaza elibonakalayo emnothweni waseNingizimu Afrika.
Isikhulu esiphezulu se-IDC uMnu uTshokolo Nchocho sithe isinqumo sokuthi lesi sikhwama silawulwe yile nhlangano sikhombisa ukuthi uhulumeni uyayethemba ukuthi ingabamba iqhaza elimqoka ekuvuselelweni komnotho wezwe.
“Imboni yezolimo imqoka ekuvuselelweni komnotho wakuleli zwe kodwa futhi okubalulekile wukuthi izinjongo zalesi sikhwama ziyahambisana neqhaza le-IDC lokwandisa isibalo sabalimi abamnyama abakhulu,” kusho yena.
UmNyango wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya uthe inhloso enkulu yalesi sikhwama wukweseka imboni yezolimo ngokuthuthukisa abalimi abamnyama ekutheni bandise futhi bathenge okuzobasiza bengeze nokunye ukuqhuba umsebenzi uma isivuno sesiphumile epulazini ngaphambi kokufinyelela emakhasimendeni.
“I-IDC iyaziqonda izingqinamba zabalimi abamnyama nokungakho sikholwa wukuthi loku kusebenzisana kuzosiza ukuqeda ezinye zalezo zinto ezivimba ukungena kule mboni kanjalo nokubafukula laba balimi ukuze bagcine bengabalimi abakhulu,” kusho ibamba lomqondisi-jikelele kulo mnyango uMnu uMooketsa Ramasodi.
Ngalesi sikhwama kuzolekelelwa abazobe benezimfanelo zokuthola usizo kanti bazonikezwa le mali njengesibonelelo, nokungenye yezinto uNchocho athi izokwenza sihehe.
“Into enkulu ngalesi sikhwama wukuthi sihlose ukugudluza okuvimba abantu ukuthi bangene kule mboni, nokuzoheha inqwaba yabalimi abamnyama abafuna ukukhula,” kusho yena.
Enye yezinjongo zalesi sikhwama wukulekelela ukuthi kube nemikhiqizo yezithelo namakinati etshalwe emhlabeni okungeyemiphakathi ezodayiswa kwamanye amazwe nokwandisa ukudayiswa kwenyama neminye imikhiqizo yemfuyo eqhamuka ezinkukhwini, izingulube nenye imfuyo.
Imboni yezolimo yiyona okuthe noma umnotho ushayekile ngenxa yokubheduka kweCOVID-19, njengoba wehle ngo-7%, kodwa yona ibilokhu ikhulile njengoba ngo-2020 ikhule ngo-13% ngokwezibalo zeStatistics South Africa. – Intatheli yoMbele