Uwungoti wezobuchwepheshe osebenzisa ezokuvakasha ukuthuthukisa indawo yasemakhaya. Uxoxe noZANELE MTHETHWA
ULETHE ubukhazikhazi nobumnandi endaweni edelelekile yasemakhaya usomabhizinisi waseMpumalanga ozimisele ukuthuthukisa indawo yangakubo.
UMnu uZakhele Mbatsane uwumnikazi wendawo yokungcebeleka i-Ebukhosisni Resort eMzinti, eMpumalanga. Yize le ndawo ingakaqedwa ukwakhiwa, isivuthwe ngendlela yokuthi ivakashelwa nangabantu bakwezinye izifundazwe.
UMbatsane, oyingcweti yezobuchwepheshe, ubone kungcono aqale ibhizinisi eceleni elizofukula indawo yangakubo.
“Ngisebenze iminyaka eyisithupha enkampanini yezobuchwepheshe ngoba yiwona mkhakha engawufundela lowo. Kuthe ngisasebenza ngaqala ngaqongelela imali yokuqala leli bhizinisi lokungcebeleka. Yonke imali iphume kwelami iphakathe ngoba namanje angixhasiwe. Imali engiyenza kuleli bhizinisi, ngiphinde ngisebenzise yona ukuqhubeka nokwakha,” kusho yena,
Uthi le ndawo, evulwe ngoDisemba wango-2017, ivakashelwa ngabazongcebeleka nabathandi bobumnandi kuzo zonke izinkalo. Uthi kuseyisigaba sokuqala lesi ngoba ngokwezinhlelo zakhe ufisa ifike esigabeni sesihlanu uma isiphelile.
Yize engathandi ukudalula ukuthi yini azoyinezela kule ndawo uma iqhubeka nokwakhiwa, akananazi ukuthi izoheha amehlo ezivakashi zakwamanye amazwe. Angakufihli wukuthi kuzogcina kunezindawo zokulala ezisezingeni eliphezulu. Le ndawo igabe ngama-swimming pool kanti nendlela eyakhiwe ngayo yenza kube sengathi yisendaweni yabadla izambane likapondo.

Ngaphezu kokuthi uMbatsane uhlose ukuphakamisa indawo yasemakhaya ngaleli bhizinisi, ufuna nokuthuthukisa ezokuvakasha. Phakathi kwemicimbi eyenziwa i-Ebukhosini Resort kubalwa amafestiveli aheha nezivakashi zaseSwatini, eMozambique naseCape Town. Unobudlelwano noMnu uJabulani “Mjay” Zama, wasEyadini eMlazi, eThekwini.
NgoMeyi kuzobe kukhona omunye umcimbi khona i-Ebukhosini Resort wabathandi bazo zombili lezi zindawo.
“Lo mcimbi siwenza minyaka wonke futhi uheha izivakashi eziningi. Kuloku ngeke siwenze ube mkhulu ngenxa yeCOVID-19. Le ndawo imumatha abantu abawu-15 000 kodwa siyakugwema lokhu ngenxa yemigomo yeCOVID-19,” kusho uMbatsane.
Uthe uyakhumbula ukuthi le ndawo isemakhaya, okwenza namanani okudla nokungena emicimbini kungabizi. Kukhona izindawo zokudla, indawo edayisa inyama neyokwenzela imicimbi.
Ngo-2019 uMbatsane uhlonishwe nge-Best Man in Tourism Award emcimbini wokuhlonipha osomabhizinisi abasemkhakheni wezokuvakasha eMpumalanga.
Ukuba wusomabhizinisi uhamba ezinyathelweni zikayise owumlimi. Uthe banebhizinisi lomndeni emkhakheni wezolimo. Uphinde abe nenkampani yezobuchwepheshe, esiza ezinye izinkampani.
UMbatsane uneziqu zeHonours kwi-Computer Science zase-University of Zululand.
Facebook: Ebukhosini Resort

