UMnu uMxolisi Kaunda, iMeya yaseThekwini, ophakathi nowebhantshi nothayi, eZimbuzini, eMlaza

Izithombe: Zithunyelwe

Uhlelo lokusimamisa umnotho wasemalokishini nokuthi ‘zidle ekhaya’ luyaqhubeka. UMasipala uvule indawo yezigidigidi edayisa izinsimbi zezimoto nezindawo zabahwebi eMlaza

OHLELWENI oluyingqophamlando ezweni lokuthi kube nendawo yokuphucula indawo yokusebenzela yabahwebi abancane akade benamatafula ludle imali ewu-R22 million, kuyaqhutshekwa nokusimamisa umnotho wasemalokishini, njengoba kuvulwe indawo yabo eZimbuzini, eMlaza, eThekwini.

Kulolu hlelo kuzohlomula abahwebi abancane nosomabhizinisi  abacela ku-33. Laba bahwebi bebedayisela endaweni engahlelekile kanti manje sebendawo ehlelekile.

Le ndawo izoshintsha nendlela eZimbuzini namaphethelo okubukeka ngayo.

Nabahwebi abancane bazohlumula kulesi sizinda

Le ndawo ihambisana nohlelo lukahulumeni i-Industrialisation Strategy lokuxhasa osomabhizinisi abancane, okukhona osozimboni abamnyama kubona basemalokishini nasezindaweni zasemakhaya ukuze nabo bakwazi ukudala amathuba omsebenzi lapho behlala khona.

Enye inhloso wukugqugquzela abantu ukuthi “zidle ekhaya” (bathenge lapho bakhe khona), phecelezi i-Buy Local Campaign.

UMnu uMxolisi Kaunda, iMeya yaseThekwini, uthe loku kuyingxenye yomkhankaso kaMasipala wokuthuthukisa umnotho wasemalokishini.
“(UMlaza) ngenye yezindawo ezimqoka edolobheni zokomnotho kanti uMasipala uzoqhubeka nokutshala izigidi zamarandi ukuqinisekisa ukuthi ukuhlomula ngokomnotho kufinyelela kuzona zonke izindawo zikaMasipala,” kusho yena.

IMeya ithe esigabeni sokuqala sokwakhiwa kwale ndawo kuhlomule osonkontileka abancane bendawo abawu-16, kwadaleka amathuba omsebenzi awu-50 ebantwini bendawo.

Endaweni yezinsimbi zezimoto uMasipala utshale imali ewuR42.7 million ukuxazulula inkinga yomakhenikha abakhandela emakhaya, lapho kuyindawo yokuhlala kwabantu, nokudliwa kwezindawo ezingakhiwe zikahulumeni. Okunye okuhle ngale ndawo wukuthi iseduzane naserenki yamatekisi.

Le ndawo yayiqale ukwakhiwa ngo-Okthoba wango-2018, yaphela ngoFebhuwari ngenxa yokubanjezelwa wukubheduka kweCOVID-19. – Intatheli yoMbele

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page