Gada izinto ezingakhinyabeza ibhizinisi lakho, kuloba uNtokozo Biyela

ENGOSINI edlule sibheke izinto ezinomphumela ongemuhle nezingagcina seziyingozi ekuphathweni kwebhizinisi ngendlela efanele.

Ezinye zezinto esizibalulile wukukhokhwa kwentela, ukuhambisana nemigomo ebekwa ngomasipala ukuze ibhizinisi likwazi ukusebenza kahle.

Sibalule nokubaluleka kwezimo ezihambisana nezempilo nokuphepha emikhakheni eminingi yezimboni ezisebenza ngemikhiqizo ebucayi. Sivale ngokuhambisana nemigomo nemibandela okumayelana nokuqashwa kwabantu ezinkampanini. Lezi ngezinye zezinto eziba yizithiyo ekutheni inkampani noma usomabhizinisi basebenze kahle nangokukhululeka.

Namhlanje ngifisa siqhubeke nezinye izinto ezingaba nobungozi ebhizinisini uma zingaqashelwa ngenkathi ibhizinisi lisaqala. Kubalulekile ukuthi uma nizosebenzisa nangokubambisana ningosomabhizinisi nisayine inkontileka noma isivumelwano sokusebenza. Loku kubizwa ngesivumelwano sokuhweba ezingeni elithile.

Lesi sivumelwano sicacisa kabanzi ukuthi yini elindeleke phakathi kwenu nobabili njengoba nizobambisana nje emsebenzini bese okwesibili kuba phakathi kokulindeleke ezinkampanini zombili.

Uma lesi sivumelwano sesisayiniwe, kwenza kube lula ukuthi wonke umuntu azi ukuthi yini elindeleke kuyena kanti imigomo nemibandela emayelana nesivumelwano ihamba ifike kuphi.

Obunye ubungozi bungaba mayelana nendlela inkampani ezosebenza ngayo. Kukaningi sibona izinkampani zilahlekelwa ngenxa yokuntshontsha. Ukuntshontsha kwenzeka kabili. Kungaba ngabantu abasebenza enkampanini bekhwabanisa imali noma impahla ebhizinisini. Okunye kube mayelana nokuntshontsha isikhathi somqashi nokusebenzisa izinsiza zebhizinisi ukwenza umsebenzi ongaqondene nalo.

Sikubona kakhulu loku kulesi sikhathi sanamuhla lapho ezinye izisebenzi zihlala ezinkundlelni zokuxhumana kunokwenza umsebenzi eziqashelwe wona.

Uthola umuntu engena emsebenzini afike azivulele ikhompyutha ahlale ezinkundleni zokuxhumana, kungaba uFacebook, uTwitter, u-Instagram noma uTikTok.

Akuvumelekile loku ngoba kudla isikhathi somqashi, isikhathi okwavunyelwana ngaso ngenkathi kusayinwa inkontileka ukuthi wena njengomqashwa uyosebenzisa ikhono nobuchule bonke bakho ukusiza inkampani yenze inzuzo.

Uma kuwukuthi inkampani yenza imikhiqizo ethile, ubuningi balowo mkhiqizo bubalulekile. Akufanele inkampani ikhiqize impahla eningi kunelindelekile noma encane kunelindelekile ngoba loko kulimaza ezezimali enkampanini.

Uma kunempahla eningi ehleli ezindaweni zokugcina imikhiqizo, loko kukhombisa ngokusobala ukuthi umkhiqizo wakho awuhambi, okusho ukuthi imali ayingeni. Ngakho-ke akusizi ukuqhubeka nokukhiqiza impahla engahambi. 

Loku kwenza ukuthi kugcine sekuba nempahla eyonakalayo uma izohlala isikhathi eside emgudwini wokusabalalisa izimpahla.

Ukungabi nezinhlaka ezisezingeni eliphezulu lokusebenza nokuphatha umkhiqizo nako kwenza kube nzima ukusebenza ngaphandle kwezinkinga. Kuba nzima kakhulu uma kuwukuthi uzozithola unethimba lezisebenzi elingaqeqeshelwe ukusebenza noma ukuphatha kahle abathengi.

Uzokhumbula mfundi wale ngosi ukuthi emasontweni edlule sike sabheka kabanzi udaba lwezisebenzi ezingabaphathi kahle abathengi noma amakhasimende.

Sesiphetha, kukhona nezinye izithiyo esingeke sakwazi ukuzigwema kodwa ezinomphumela omubi ebhizinisini. Ubugebengu budlangile, ikakhulukazi lapha eNingizimu Afrika. 

Maningi amabhizinisi athintwa wubugebengu bezinhlobo eziningi. Uma nje sibheka imboni yezimoto ezithutha imali sizobona ukuthi budlange kangakanani ubugebengu bokudunwa kwezimoto zemali.

Kungaba futhi wukwehla kwamandla omnotho esesikubone kaningi kusukela ngo-2008, lapho kwabakhona inzikamnotho eyawisa izimboni eziningi. Miningi futhi nemibhikisho eyenzeka mihla namalanga eyenza kungabi nakuzinza ezimbonini eziningi.

Nendlela izwe eliphethwe ngayo ngosopolitiki inomthelela omningi emnothweni wezwe. Siyabona nje zonke izinxushunxushu nemibango eyenzeka eqenjini elibusayo kuleli zwe, akunambitheki.

Ukuqophisana kwemikhiqizo ngamanani nako kunomthelela ezinkampanini nasemikhiqizweni. Sike sabona izehlakalo zemililo yequbula eNtshonalanga Kapa, lapho imililo yequbula icekele phansi amabhizinisi amaningi nomnotho walesiya sifundazwe. Okunye-ke esingeke sakugwema lapha eNingizimu Afrika wukunqanyulwa kogesi. Loku kuphazamisa ukusebenza ngendlela efanele. Nokunyuka kwamanani kapethroli kuba nomthelela emananini ezinto nokuthuthwa kwazo.

Zonke lezi zinto yizinto okufanele siziqaphele ngoba zinomthelela wokunqinda amandla okusebenza kwebhizinisi bese kuletha ubungozi obungalindelekile.

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting

Facebook: Ntokozo Mondli Biyela 

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page