AKASEKHO emhlabeni uMnu uPeter Matlare

AKASEKHO emhlabeni uMnu uPeter Matlare, obeyiphini lesikhulu esiphezulu e-Absa. Udlule emhlabeni ngeSonto emva kokuphathwa yiCOVID-19. 

Esitatimendeni leli bhange lidlulise amazwi enduduzo kumkakhe uNomvula namadodakazi akhe.

UMatlare waqala kwibhodi lase-Absa ngoDisemba ka-2011 engakasebenzi kule nkampani kanti ngo-2016 uqale ukusebenza khona njengephini lesikhulu esiphezulu, nokuyilapho eminye yemisebenzi yakhe bekuwukubhekelela umsebenzi waleli bhange kwamanye amazwe e-Afrika. 

UMatlare, obeneminyaka ewu-61, uke wasebenza eVodacom, eTiger Brands, ePrimedia nase-SABC.

Esitatimendeni somndeni uthe uMatlare usebenzise uthando lwakhe lokupheka ukuhlale ehlanganisa umndeni futhi ubewumuntu obebeseka kakhulu hhayi nje wona wodwa kodwa abangani nabalingani bakhe emsebenzini.  – Intatheli yoMbele

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page