UMnu uSibusiso Ngubane, umsunguli we-Isifiso Egg Nest

Izithombe: Zithunyelwe

Sekugcine kulungile kokade ehamba ethi ngqu ezama amabhizinisi ahlukene njengoba esedayisa amaqanda kanti athengwa ubuthaphuthaphu. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

BESEKUPHELE iminyaka emibili kumhlupha ukubona indlela amaqanda abiza ngayo ngoba ukholwa wukuthi loku ngokunye kokudla okujwayelekile futhi okufanele wonke umuntu akwazi ukukuthola kalula.

Akagcinanga ngokukhathazeka kodwa uzame indlela yokuqhamuka nesisombululo nesigcine siholele ekutheni asungule ibhizinisi lakhe lokudayisa amaqanda ngamanani aphansi.

Namhlanje uMnu uSibusiso Ngubane, we-Isifiso Egg Nest, usenamakhasimende awu-15 athenga kuyena ngqo amaqanda. Kuwona kukhona ama-tuckshop, amahhotela, ama-B&B nabathengela ukuzidlela emakhaya.

“Ngokwami iqanda akuyona into okumele ishiyane kakhulu nesinkwa kodwa uma ubheka indlela abiza ngayo kunezingane ezigcina zingawadli. Kuphele iminyaka emibili ngicabanga ukuthi ngingenzenjani, ngabe sengiqala ukudayisa ngo-Okthoba nyakenye,” kusho yena.

AkaNgubane amaqanda abiza uR40 i-tray lamaqanda awu-30 kanti abaseThekwini ubahambisela mahhala. Ukwazi ukuba naleli nani eliphansi ngoba uzithengela ngqo kubalimi njengoba ethenga emapulazini aseRichmond naseCamperdown.

Amaqanda ase-Isifiso Egg Nest axaka ukwenza

“Kunesikali esithize okumele uzibophezele ukuthi uzosithenga ukuze abalimi bavume ukukudayisela ngqo. Into edliwayo iyahamba. Mina nje ngithenga amabhokisi amaqanda awo-120 abathathu ngenyanga futhi ayaphela.

“Isibalo samakhasimende siyakhula ngoba uma umuntu ngike ngamdayisela ngithi sengiphindela okwesibili usuke esexoxele omunye; sekukhona elinye ikhasimende futhi nalona engisuke ngimdayisele kuqala usuke esethenga isikali esiphindiwe,” kusho uNgubane.

Okwamanje uNgubane, oneminyaka ewu-49, uyasebenza ngokugcwele kanti leli bhizinisi ulenza eceleni njengoba egxila kulona ngezimpelasonto. 

Ukukhula komsebenzi kunezinselelo zakhona njengoba yena manje esedinga imoto enkulu kanjalo nendawo yokuwabeka amaqanda ngesikhathi esalinde ukuwadiliva.

“Iqanda lifa kalula uma uwadiliva ngakho angihambisi amaningi kanyekanye. Enye into iqanda alikwazi ukubekezela, lidinga indawo epholile. Ngakho manje ngidinga imoto ezokwenza kuhambe kahle uma ngidiliva kanjalo nendawo yokuwabeka epholile futhi enkulu.”

Ukuhlale epaquza yinto yakhe uNgubane njengoba ngo-2010 wayengomunye wabantu ababedayisa isihlabathi athi sasiyinyama ngenxa yokwakhiwa kwezinkundla zebhola kodwa wabuye waphuma kulona ngenxa yezinselelo ezithize.

Manje kukhona okunye akuzamayo embonini yezimayini. Kuyisifiso sakhe ukuthi agcine esezisebenza ngokugcwele.

“Kufuneka isineke ebhizinisini ungajahi into ewa la, uzitshele nje ukuthi uyatshala. Yakha isisekelo esihle,” kweluleka yena.

Instagram: @sbu.myaluza

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page