Ziyethembisa izinto kuhulumeni kodwa iseyinde indlela, kuloba uBusi Mavuso
UHULUMENI unezisebenzi eziwu-2 million kanti unesabelomali sikaR1.8 trillion. Lokhu kumenza inkampani engelula futhi ezoba nalo lonke uhlobo lwezinkinga zokuphathwa.
Imboni ezimele ingaphezu kwaloku ngokwesibalo sabantu nemali kodwa ihlukaniswe yaba yizinkampani ezincane futhi ezilawuleka kangcono.
Ngikhumbula loku ngoba kulula kithina esingosomabhizinisi ukuthi sigxeke ngenxa yesipiliyoni sethu sokuphatha izinkampani.
Izinselelo zokuphatha abantu nemali zinkulu kuhulumeni. Yize ukuba yisikhulu esiphezulu kungelula, ikakhulukazi uma kufanele uncintisane nabanye kodwa kungcono ngoba uyakwazi ukugxila kokukodwa futhi uthathe isinqumo masinyane uma sidingeka.
Kodwa uMengameli uCyril Ramaphosa kumele aphathe abantu abanezidingo ezihlukene nenkampani enkulu. Uneminyaka emihlanu ngaphambi kokuthi izinto kwipolitiki zimjikele.
Ngikhumbule loku ngifunda umbiko woMcwaningimabhuku-Jikelele ngesonto eledlule. Ubonisa ukuthi isimo singconywana ekusebenziseni imali kuhulumeni.
UMcwaningimabhuku-Jikelele uTsakani Maluleke uthe imali engasetshenziswanga ngendlela kuhulumeni kazwelonke nasezifundazweni yehle yaba wuR54 billion isuka kuR66bn.
Izifundazwe ezinjengeLimpopo ziphucule indlela ezenze ngayo kwathi ezinjengeFree State zehla. Kodwa lilonke kuyathembisa. Ngibona loku kuwukubuyela ekuphatheni ngendlela efanele kuhulumeni. Kukhombisa umphumela wemizamo kaMengameli yokushintsha ukulandelwa komthetho.
UMengameli uthuthukisa izinto nakwenye indawo emqoka eyonakala ngesikhathi sikaMengameli uJacob Zuma, okuwukwandisa isibalo sabantu abanamakhono nabazi umsebenzi kuhulumeni.
Ukushiya kwabantu abanamakhono kuhulumeni kulimazile kwenza omasipala neminyango kahulumeni basala bengenawo amakhono nabantu abazi umsebenzi ukuhlinzeka izidingo zabantu. Imibiko yokucwaninga amabhuku emibi ngenye yaleyo miphumela, eminye wukuncipha kokutshala imali kwingqalasizinda ngoba amakhono obunjiniyela nokuhola imisebenzi awekho. Izakhamuzi ziyakuzwa loku ngenxa yokuhlinzekwa kwezidingo okuntengayo.
Ikhabhinethi isiluphasisile uhlelo lokuphucula nokuqinisa amakhono kuhulumeni nokumanje kuyaboniswana ngalo nomphakathi. Lolu hlelo lunezinto eziningi ezibheka indlela izisebenzi zikahulumeni eziqashwa ngayo, zithuthukiswe nokugcinwa kwazo.
Inhloso wukukhipha ipolitiki nokuvikela umsebenzi kahulumeni kwipolitiki yamaqembu kube kulungiswa ukuhlonipha umsebenzi nokuwenza ngendlela efanele.
Lolu hlelo luphakamisa ukuthi kuqiniswe indlela okuqashwa ngayo abaqondisi-jikelele namaphini abo kusetshenziswe nongoti abazimele uma kuqashwa nakwinhlolokhono ukuqikelela ukuthi kuqashwe abantu abanohlonze ezikhundleni zokuphatha ezimqoka.
Lolu hlelo lwenziwa ngaphansi kukaNgqongqoshe wemiSebenzi kaHulumeni nokuPhatha uMnu uSenzo Mchunu.
Lokhu kuphucula kokuphathwa kwabantu nemali kumele kunconywe. Kodwa ngenkathi kusalungiswa, izinselelo zokushoda kwamakhono kuhulumeni kumele zilawule ndlelathize. Enye yezindlela esihlale siyiphakamisa siyiBusiness Leadership South Africa wukusebenzisa kangcono imboni ezimele.
Sayibalula imininingwane yesidingo saloko nendlela okungenziwa ngayo embikweni wethu ngenyanga edlule owawukhuluma ngenselelo yengqalasizinda.
Uma senza isibonelo ngokutshala kwingqalasizinda, sikhiphe imininingwane ngokuthi izinselelo zokushoda kwamakhono kuhulumeni nemali kungalungiswa kanjani ngokubambisana nemboni ezimele.
Imboni ezimele ivele iyamelekelela uhulumeni ngamakhono ngeTamdev, okuwuhlelo lokuphakamisa ukuthi labo abanamava asebethathe umhlalaphansi basebenzisane nabaholi bakahulumeni ukulekelela ukuphungula umthwalo wokushoda kwamakhono.
Ukubambisana kungasho nokusebenzisa amakhono obunjiniyela emboni ezimele kanjalo nokuthola imali yabangatshala imali kwingqalasizinda. Izinhlangano zamabhizinisi zikulungele ukweseka umengameli nemizamo yakhe yokuphucula ukuphathwa kukahulumeni nokuhlinzeka izidingo kuwona wonke umuntu waseNingizimu Afrika. Uyabonakala umehluko futhi sizimisele ukuqhubeka silekelele.
Kukhona isikhathi ngonyaka odlule lapho isimo besisibi ngale ndlela yokuthi bekuthiwa intela ezoqoqwa izoba ngaphansi ngoR300bn. Kodwa manje siku2021 abaqoqintela bathole imali engaphezulu ngoR38bn kwebilindelekile njengoba imboni yezimayini ifake u57% waleyo mali ngenxa yenzuzo ethe xaxa edalwe wukunyuka kwamanani okumbiwa phansi.
Siphunyukwe yithuba lapha. Ukube bekunemigomo efanele ezimayini imali ebizongena ibizoba ngaphezu kwaloku nokuvuselela umnotho bekuzoshesha.
- UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa