IKhomishini kaZondo imqoka ekulungiseni umonakalo wenkohlakalo, kuloba uBusi Mavuso

IMPELASONTO ende esiphuma kuyona inginike ithuba lokubukela iKhomishini ephenya ngokugwamandwa koMbuso nokujula ngenselelo esibhekene nayo sonke yokuvuselela uhulumeni emva komonakalo weminyaka.

Ukuqonda ukuthi izikhungo (zikahulumeni) zazibukelwa phansi kangakanani nobugebengu obenzeka ngaleso sikhathi kudinga siphokophele ukwazi iqiniso. Loku kusisiza siqonde okwenzeka futhi kuyigxathu elimqoka elizoholela ekushushisweni okumele kwenzeke ukuze kube nobulungiswa. 

Nakuba kukuningi okumele sibhekane nakho ngikhumbulile, nokwenzeke kahle ngoSuku lweNkululeko, ukuthi impi yokuvuselela izikhungo zikahulumeni ezishayekile iyaqhubeka.  

Le Khomishini iyingxenye emqoka yalo mkhankaso. Njengoba ibheke emaphethelweni ekupheleni kukaJuni, iyaqhubeka nokusembulela amaqiniso ashaqisayo. Namhlanje uMengameli uMnu uCyril Ramaphosa uzovela phambi kwayo nabanye abalingani be-ANC, nokuwuphawu olukhombisa ukuthi ubaluleke futhi ujule kangakanani umsebenzi wayo. Akuzukufana nokwenziwe ngowayenguMengameli uMnu uJacob Zuma, owanqaba ukwethula ubufakazi kuJaji uRaymond Zondo.

Yiningi imali yabakhokhintela esisetshenziswe kwiKhomishini kodwa yimali esetshenziswe kahle. Ukusetshenziswa budlabha bezinsizakusebenza zikahulumeni nezikhungo zazo bukhulu ngendlela yokuthi kudinga ukuthi kusetshenziswe imali eningi ukuze kuhlale obala konke okwenzeka.

Lona ngumsebenzi okumele uqhubeke ngenkathi simatasa nokulungisa umonakalo owenzeka wokuvuselela izikhungo ezabukelwa phansi, inselelo yokushoda kwemali kahulumeni namabhizinisi kahulumeni, ukuvuselelwa kokusebenza ngendlela kuhulumeni olahlekelwe ngabantu abanamakhono nolwazi ngesikhathi izisebenzi ezithembekile zihujwa.

Lesi yisikhathi futhi sokuthi imboni ezimele izihlole. I-Business Leadership South Africa ibumisile ubulungu bezinkampani ezithintekayo kuloku futhi kuyinto esikhathazayo ukuthi lezi zinkampani nezinye ezithintekayo zivuselele isithunzi sazo. 

Sigqugquzela izinkampani ukuthi ziphenye futhi zibike uma kukhona kuzona abangahambisanga kahle njengoba kusho umthetho. Kuyakhuthaza ukubona imizamo yabaholi bezinkampani eziningi bethatha izinyathelo ezinqala lapho konakele khona. Siyayeseka le mizamo ngophiko lwethu i-Business Against Crime SA nangeminye imizamo njenge-Ethics Barometer esiyixhasayo.

Kodwa nami ngiyakhala, njengenqwaba yabantu baseNingizimu Afrika, ukuthi kuze kube manje akekho umuntu oseke wagwetshwa ngamacala akhe. 

Kukhona lapho abanye belimele khona. Kuleli sonto nje, i-United Kingdom ivimbe izelamani zakwaGupta nabanye ezisebenza nabo ukuthi zingakwazi ukungena khona. I-United States of America yafaka abakwaGupta ohlwini lwabantu abavaliwe ngo-2019. Izinqumo ezinjena ezenziwa ngamanye amazwe zinciphisa inkululeko yabathintekayo.

Bakhona nabanye kuleli zwe abajezile ngezenzo zabo njengokuwa kwezinkampani zabo kanti kukhona nezinyathelo zokuqondiswa kobugwegwe njengezinhlangano ezifana ne-SA Institute of Chartered Accountants nokukhishwa kwabameli ohlwini okubhaliswa abameli kulona. Kodwa ukushushiswa enkantolo yamacala obugebengu kuyatotoba. 

Ihlazo nje lasepulazini i-Estina Dairy, lapho kuthiwa kwathathwa khona imali yomphakathi okwakumele ithuthukise abalimi kodwa yakhokhela umshado wodumo wabakwaGupta eSun City, ngelinye lamacala lapho kusondelwa khona ekushushiseni izigilamkhuba. Kodwa njengoba sesizwile kwiKhomishini kaJaji uZondo ziningi nezinye izindawo lapho kudinga ukuthi kuthwathwe izinyathelo zomthetho.

Uphiko lokushushiswa komphakathi iNational Prosecuting Authority (iNPA) nezinye izinhlaka zokulwa nobugebengu lwalimala ngesikhathi kugwamandwa uMbuso. Enye yezinto okumele zivuselelwe yiNPA. Nginethemba lokuthi inqubekelaphambili ikhona futhi iNPA izoqinisekisa ukuthi ubulungiswa buyenzeka. Kodwa kumqoka ukuthi siqhubeke nokweseka izinhlaka zokulwa nobugebengu futhi siwabheke la macala asele. 

UJaji uZondo uzokwethula umbiko engithemba uzosicacisela ngokwenzeka kule minyaka eyishumi okwamele izwe lethu liyibekezelele. Kumele umbiko ufake nalezo zinkampani ezaba yingxenye yaloku futhi kuqinisekiswe ukuthi nazo ziyajeza.

Yize isikhathi senza izinto ezinzima zidlule futhi ingcindezi esibhekene nayo manje kuyiyona esiyinakile, sicishe saphunyukwa yinkululeko eyalwelwa kanzima ngenxa yabantu abasebenzisa intando yeningi ukufeza izinhloso zabo. 

Kuyangithokozisa ukuthi izikhungo ezimqoka zisamile futhi sesiyakwazi ukuvuselela ezinye ukuqinisekisa ukuthi zonke izakhamizi zisizwa ngendlela elungile.

Udaba lwamandla erandi akusiyo nje indaba yesimo somnotho kodwa iqhakambisa ukubaluleka kokuzimela kwezikhungo zethu. Ngisanda kusho ukuthi ikhwelo lokuthi iBhange loMbuso elilawula amandla erandi akube ngelikahulumeni ngokupheleleyo yinto engabiza imali enkulu nengenasidingo nenhloso yalo ukunqinda ukuzimela kwalo.

Ngenkathi iCOVID-19 ihlasela ezweni lethu kwakwaziwa ukuthi nakanjani ingqalasizinda yezempilo izothwala kanzima. Ngasho ukuthi izisebenzi zezempilo zidinga ukunconywa ngesibindi sazo nokuzinikela kwazo ekulweni nalolu bhubhane. Kodwa ukungaphathwa ngendlela kwezinto kwezempilo zikahulumeni kuyasilimaza siyizwe futhi nomnotho. 

Singosomabhizinisi sikulungele futhi sizimisele ukulekelela ukunakekela nokuthuthukisa le mpahla emqoka.  

  • UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page