UNksz uThobeka Ngcongo, umnikazi weZenovuyo Treatz ebhaka amakhekhe

Izithombe: Zithunyelwe

Uncelisa amawele odayisa iziyoliyoli zamakhekhe enkabeni yedolobha ngenkathi eqedela iziqu enyuvesi. Uxoxe noLANGA KHANYILE

UKUZULAZULA imigwaqo yenkaba yedolobha uhambe udayisa noma ukubeka itafula lokudayisa cishe akusiyona into ongayilindela kwisitshudeni sasenyuvesi. Ayisaphathwa-ke eyokudayisa erenki yamatekisi.

Yiloku kanye okwenziwa yisitshudeni seBCom Finance e-UNISA “esinetafula” elidayisa amakhekhe ngasemastebhisini aseCity Hall ku-Anton Lembede (uSmith) Street eThekwini. Ngaphambi kokudayisela kule ndawo, lo mbhakimakhekhe wayedayisa erenki yaseMtshebheni, eNanda. Kulapha lapho ayehlekwa ngabanye abantu bethi wubani ongathenga ucezu ngoR5 kodwa osomatekisi noscabha bameseka kakhulu.

Kepha ukuhlekwa nokunqena amehlo abantu akumthenanga amandla uNksz uThobeka Ngcongo, umnikazi weZenovuyo Treatz, waseTafuleni eNanda, eThekwini. Namhlanje amakhekhe akhe, eVanilla noChocolate, ahamba ubuthaphuthaphu wena owabona amagwinya ashisayo.

Lusuka kude uhambo lukaNksz uNgcongo, oneminyaka ewu-24. Uzalelwe Emfundweni, eMzimkhulu, lapho efunde khona amabanga aphansi. Ufudukele eTroyeville, eGoli, lapho aqeda khona umatikuletshini eDominican Convent.

“Ukudayisa amakhekhe ngikuqale ngisafunda e-University of Johannesburg (e-UJ), lapho ngangenza iBCom khona ngo-2015. Ngo-2017 nango-2018 ngavinjwa e-UJ ukuqhubeka nezifundo ngenxa yokuswela imali,” kulanda yena.

“Ngawo u-2018 belu ngenkathi ngihleli ekhaya ngakhulelwa. Ngenxa yokungafuni ukuthwesa umama umthwalo, ngazibuza ukuthi konje imali ngingayenza kanjani. 

“Ngaqala ukubhaka amakhekhe. Ngabheka amaresiphi okubhaka kuGoogle. Ngaqala ukudayisa amakhekhe ngaseKingsway Campus. Ngemva kwesikhashana ngedlulela eCampus Square (inxanxathela yezitolo). Ezinye izitshudeni ezingabangani bami zazingakholwa,” kukhumbula uNksz uNgcongo.

Ngemva kwaloko ahamba ubuthaphuthathu amakhekhe akhe, edayisa izingcezu.

I-Vanilla neChocolate kwaseZenovuyo Treatz

Uthi ukudayisa wakuqala ngoR250.

Akuphelanga sikhathi, emva kwesikhashana kwanda isidingo samakhekhe akhe. “Abantu babetshelana ngami ngapha nangapha. Ngiyawahlonipha amandla omlomo,” kusho yena ngesasasa.

Nakuba kwakuhamba kahle ebhizinisini kodwa kwabhimba uhlelo ngenkathi enqatshelwa ukuqhubeka nezifundo ngenxa yokushikiliswa yi-major yakhe, i-accounting

“Ngiwumuntu ohlale enecebo. Ngafaka isicelo e-UNISA. Nebala ngathathwa. Kwathi sengazi ukuthi ngithathiwe, ngase ngazisa uMa ukuthi sengifisa ukuyeka i-accounting, ngenze i-finance.

“Nginenhlanhla yokuba nomama ohlale engeseka ezinqumweni nasezintweni engizenzayo. Wavuma, ngase ngithuthela eNanda.”

Uthi iNanda wayikhetha ngoba uyise wahlala khona ngaphezu kweminyaka ewu-20 ngenkathi esebenza eThekwini. “Njengomuntu ohlale enecebo, ngangenzela nokuthi uma kungahambi kahle, ngithole ukwesekwa ekhaya.”

Waqala wazethula kosomatekisi erenki yaseMtshebheni. Uthi bambuza ukuthi wubani ozothenga ucezu lwekhekhe ngoR5. “Ngakhala kancane ngaphambi kokuqala. Ngangikhaliswa ukuthuka. Kancane, kancane sakhula isibalo samakhasimende ami. Kwathi kusenjalo, kwafika iCOVID-19 ngemva kwenyanga ngiqalile. Kwadingeka ukuthi ngihlabe ikhefu.

“Ngenkathi ngihlabe ikhefu, ngacabanga ukuthi yini engingayishintsha ebhizinisini. Nganquma ukushintsha i-packaging. Kwathi sekuxegiswa imigomo ye-lockdown, nganquma ukuyodayisa enkabeni yedolobha. Ngangihambe ngidayisa emgwaqweni.

“Ngemva kwesikhashana ngathola indawo emasitebhisini ngaseCity Hall. Kwabe ngiyithole kahle imakethe yami. Amakhekhe ami ahamba ubuthaphuthaphu, kuthenga abantu abadlulayo.” kusho uNksz uNgcongo.

Uvuka ngo-1 entathakusa abhake, afike “etafuleni” ngo-6.30 noma ngo-7 ekuseni, aze ahambe ngo-2 kuya ku-3 ntambama. Uthi manje nango-12 useyahamba amakhasimende esegeqe ubhazabhaza wesitsha samakhekhe. 

Ubhaka amakhekhe eVanilla noShokoledi bese ewasika izingcezu. Usebhaka nezinye izinhlobo njengama-cup cake, awe-birthday, njll. Usethola nama-oda kwamanye amakhasimende.

Amanye amakhekhe aseZenovuyo Treatz

Inselelo enkulu athi uke wabhekana nayo wumzwangedwa. “Ukuzisebenza kudala isizungu. Kudingeka uzikhuthaze ukuthi uvuke noma ngabe kubanda kanjani noma lina,” kusho yena

Into ayithakasela kakhulu uthi wukuhlangana nabantu nsuku zonke. “Kumnandi ukuhlangana nabantu. Kumnandi ukwesekwa ngabantu,” kusho yena, kuzwakala ukuthi uyachachamba.

Ngokwezinhlelo ngekusasa ufisa ukusimama aze agcine esekwazi ukudiliva ama-oda.

Njengoba umsebenzi ukhula kanti uncelisa amawele, uthi impelasonto eyokubhekana nezincwadi. “Ngezimpelasonto angidlali; yisikhathi sokubhekana nezincwadi zami,” kusho uNksz uNgcongo.

Kwabacabanga ibhizinisi uthi: “Qala! Imfihlo ilele ekutheni uqale. Qala.”

Facebook: Zenovuyo Treatz

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page