UMnu u-Itumeleng Lekomanyane, umnikazi weSandwich Nton Nton yaseGoli

Izithombe: Zithunyelwe

Likhula ngamandla ibhizinisi lensizwa eziphilisa ngokudayisa amasemishi emgwaqweni njengoba isinesitolo. Ixoxe noZANELE MTHETHWA

UKUFEYILA umatikuletsheni kathathu akuyivimbanga ukuthi iqale ibhizinisi insizwa yaseGoli esidume ngeSandwich King. 

UMnu u-Itumeleng Lekomanyane, oneminyaka ewu-29, uwumnikazi weSandwich Nton Nton. Waqala ezama inhlanhla ngokudayisa amasemishi ngoba engawutholi umsebenzi. 

Kwawu-2018 ibhizinisi lakhe lokuqala le-branding lishabalala. Kwadingeka ukuthi abheke okunye angakwenza, wase efikelwa wumqondo wokudayisa amasemishi.

Mhlawumbe ungacabanga ukuthi yinsizwa ebikhuthele ekhishini kanti uthi ubewuvilavoco. Nokho bekudingeka ukuthi azame noma yini ezomphilisa.

“Angikukhonzile ukuba sekhishini nokupheka. Bengiphoqeleka ukupheka ngoba umama ubesebenza, kusala mina ekhaya emini. Ngesikhathi sengibhocobele ngingawutholi umsebenzi, ngabona indlela abantu abadayisa ngayo emgwaqweni. Ngibone ukuthi bonke badayisa okufanayo, ngacabanga amasemishi,” kulanda yena. 

Ngosuku lokuqala wavuka ngo-2 ekuseni, wenza amasemishi ayizinhlobo ezihlukene, waqala ukudayisa erenki ngo-5 ekuseni.

Usuku lokuqala aluhambanga kahle kanti naye uthi wayevele engenawo umdlandla. Emasemishini awu-16 ayewaphethe, kwathengwa ayisithupha kuphela. Akaphelanga amandla, waqhubeka. Labuya ithemba esebuya noR600 ekudayiseni.

“Ngacela umngani esasinaye ebhizinisini le-branding ukuthi angisize. Ngibone ukuthi umsebenzi mningi sesithole nezinye izindawo zokudayisa. Ngikhuthazwe nawukubona ama-video kaDJ Sbu edayisa isiphuzo sakhe emgwaqweni. Ngithole amandla, ngangena ngisho ematekisini ngitshela abantu ngomsebenzi wami,” kuqhuba uLekomanyane.

Uthi kumsizile ukuziveza ezinkundleni zokuxhumana, wathola nezinye izindawo zokudayisa. Kumanje usenezindawo eziyisihlanu adayisa kuzona eGoli. 

Ibhizinisi lakhe lenza u-R20 000 ngenyanga. Uthi izindawo ezine abedayisa kuzona zivalwe ngenxa yokubheduka kweCOVID-19. Kwezisele uqashe abantu abamsizayo.

Usanda kuthola isitolo enzela amasemishi kusona njengoba kuqala ubesebenzisa ikhishi lakubo. Kulesi sitolo unesithuthuthu esihambisela amakhasimende eFourways, enyakatho yeGoli. 

Naserenki ufika qathatha uLekomanyane namasemishi namakhekhe

Useqale nokubhaka amakhekhe kusona lesi sitolo, nathi ukufunde ngama-video kuYouTube. Usuku lokudayisa luqala ngo-5 ekuseni, aqede ngo-10 ekuseni.

Isifiso sakhe wukuba nebhikawozi yezinkwa zokwenza amasemishi. 

Inselelo abhekana nayo ngeyamasemishi asalayo ngenxa yokuthi akufanele awadayise ngakusasa.

Useqhamuke nelinye iqhinga lokunikela ngawo ezinganeni eziswele, wathi maduze uzongena nasezikhungweni zezintandane.

Uyafa yinsini uma echaza ngokufeyila umatikuletsheni, asekwenza ihlaya.

“Angiboni ukuthi kukhona oseke wafeyila njengami. Ngafeyila okokuqala. Ngaphindela ngachibiyela, ngaphinde ngafeyila. Kuthe sengifeyile okwesithathu, ngathi ake ngihlabe ikhefu ngafuna umsebenzi. Ngagcina ngiqashwa esitolo sotshwala ngipakisha amabhodlela ngaphambi kokuqala ibhizinisi le-branding,” kusho yena ehleka.

Uthi uzowubhala futhi umatikuletsheni njengoba esethole nomfundaze wokwenza izifundo zamabhizinisi. Ufisa ukuthola ulwazi ngokuphatha ibhizinisi namabhuku.

Facebook: Itumeleng SandwichKing Lekomanyane

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page