Hambisana nezikhathi wenze impilo yamakhasimende ibe lula, kuloba uNtokozo Biyela

NGESONTO elidlule sizwe kuthiwa iSouth African Post Office ibuyele enkantolo ukuyomisa zonke izinkampani ezihambisa ngesivinini izimpahla ezinesisindo esingaphansi kuka-1kg  ebantwini ezweni lonke.

Loku kungithusile kancane, kwazise angizange nginake ngenkathi iPost Office ifaka isicelo sokumiswa kwalezi zinkampani. Ngo-2019 yamisa iPostnet, esimnkantshubomvu kule ndima yokuthutha impahla ngesivinini.

Kwaphuma isinqumo esithi iPostnet ngempela kufanele ime ukuhambisa izimpahla ezinesisindo esingaphansi kuka-1kg ngoba ngokwenza loko iphula imithetho yePostal Services Act, egunyaza iPost Office kuphela ukuthi ithuthe izimpahla ezinesisindo esingaphansi kuka-1kg.

Ngokomthetho ezinye izinkampani zivumeleke ukuthutha kuphela ezinesisindo esingaphezu kuka-1kg. I-Postnet yasiphikisa lesi sinqumo yacela ukuthi sidlulele eNkantolo eNkulu yaseGauteng.

Kusho ukuthini loku na? Kuyacaca ukuthi uma iPost Office iphumelela eNkantolo eNkulu ukuthi lesi sinqumo sime sizobona ukuphazamiseka okukhulu kwendima yokuthutha izimpahla ezincane ngesivinini futhi kuzolimala amabhizinisi amaningi umgogodla wawo wokuhweba oncike kulezi zinkampani ezenza lo msebenzi.

Ngokomthetho iPost Office yiyona kuphela evumelekile ukuthutha impahla engaphansi kuka-1kg. Loku kusho ukuthi ifuna ukuphuca iqatha emlonyeni ezinye izinkampani esezisimeme kulo mkhakha. 

Baningi abantu abathumela izimpahla ezincane besebenzisa  lezi zinkampani. Nami ngasizakala kakhulu ukudayisa nokusabalalisa incwadi engayibhala ngo-2016 ukuthi ifinyelele ebantwini abaningi ezweni ngokusebenzisa lezi zinkampani.

Manje yini eyenza iPost Office ifune ukuba wugombela kwesakhe kulo mkhakha? Eminyakeni eminingi edlule kwacaca ukuthi iPost Office ngeke isenza imali etheni ngoba izinto sezishintshile. Ngokungenisa kwama-email kwacaca ukuthi ibhizinisi lokuhambisa izincwadi ngeposi liyafadalala ngoba bambalwa abebesazimisele ukulinda incwadi ehamba ngeposi ebe esekhona ama-email ahambisa umyalezo ngokuphazima kweso.

Yilapho-ke sibone khona ukuthi indawo yeposi iyaphela. Kuthe kusenjalo kwangenisa izinkampani ezifana nePostnet ezifike nendlela esheshayo yokuhambisa impahla ezweni lonke. Yilapho-ke abantu abaningi besuke eposini baya kulezi zinkampani. 

Uma ubhekisisa empilweni abantu balandela okuzokwenza impilo yabo ibelula noma indlela elula yokwenza izinto. Iphutha iPost Office elenzile wukucabanga ukuthi abantu bazoqhubeka ukusebenzisa yona noma lingasawanelisi amakhasimende ayo.

Izinto ezicekele phansi iPost Office:

  1. Ukukhwabanisa imali okwenze ukuthi lingasebenzi ngendlela;
  2. Ukungafiki kwempahla ngesikhathi;
  3. Ukulahleka kwempahla;
  4. Ukuvala ngezikhathi ezithile lapho lisadingeka;
  5. Ukungayifikisi qathatha impahla kwamanye amakheli asuke ebhaliwe ifune ukuthi abantu bezolanda impahla eposini;
  6. Impatho engeyinhle emakhasimendeni kusukela ekuthatheni impahla kuze kuyofika lapho kufanele ifike khona;
  7. Izinga eliphansi lokuhlanzeka;
  8. Ukuphelelwa umdlandla kwezisebenzi zayo.

Into abaphathi bePost Office abayikhohlwayo wukuthi ngesikhathi bebona izinto ziguquka kwakufanele nabo baqale benze ushintsho ebhizinisini. 

Abantu isikhathi esiningi bathenga noma bakhokhela ukwenzeka kwezinto ngendlela eqondile noma izinga eliphezulu. Uma wena uyibhizinisi ungakuboni loko, uyosala uphemile uma usadla ngoludala. 

Noma iPost Office ingagcina iphumelele ukuthi kube yiyona kuphela enegunya lokuthumela izimpahla ezingaphansi kuka-1kg, angicabangi ukuthi abantu bazoya kuyona ngobuningi.

Abaningi sebezoncamela ukukhokha imali ethe xaxa kulawa amanye amabhizinisi enza okufanayo ngisho ngabe banyusa isisindo ukuze impahla yabo iye lapho kufanele ifike khona. 

Asiqaphele ukuthi singabi omvakwezinye. NesiZulu sithi isukamuva likholwa izagila.

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting

Facebook: Ntokozo Mondli Biyela

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page