Qinisekisa ukuthi konke okumayelana nebhizinisi kuqoshwa phansi, kuloba uNtokozo Biyela

NGESONTO elidlule sithinte udaba olumayelana nokukhetha uphathina okahle ebhizinisini. Cishe lesi sihloko sikwenze wabukisisa ubudlelwano bakho onabo kabusha nophathina wakho.

Namhlanje ngithanda sibhekisise ukubaluleka kokwenza isiqiniseko sokuthi zonke izinhlaka zebhizinisi zimi ngomumo futhi yonke into ibhalwa phansi. Kubalulekile ukuthi inkampani ibe nenqubomgomo ehambisa ngayo zonke izinto. Loku kusho ukuthi kufanele kudwetshwe futhi kubhalwe indlela ibhizinisi elizoqhuba ngayo. Wonke umuntu okhona enkampanini kufanele abe nenkontileka yokuqashwa ngokuphelele ngaphandle uma ebambe itoho.

Kufanele kube nemikhakha ekhona esobala ecacisa ukuthi obani benzani, nini futhi kanjani. Kufanele kube khona izinto abasebenzayo abazozenza ngokuqashwa kwabo. Wonke umuntu kufanele azi ukuthi uthini umsebenzi wakhe enkampanini. Kuthi konke loku uma sekubhalwe noma kwaqoshwa phansi bese kulandela inqubomgomo yenkampani.

Loku kungaqala ngokuthi inkampani ibe nombono nomgomo ezowulandela. Bese kulandela izinsika ezosebenzela phezu kwazo, kugcine ngemithetho nemibandela inkampani ezokwakhelwa kuyona.

Zonke lezi zinhlaka zibalulekile ukuthi zakhiwe zime, zibe khona ukuze ukusungulwa kwenkampani kwakheke phezu kwesisekelo esiqinile. Loku kwenza futhi kube khona nokubambisana phakathi kwezinhlaka ezehlukene nalabo abaziholayo.

Ukubhala izinto phansi kubaluleke kakhulu ngoba loko kusho ukuthi njengoba inkampani idlondlobala kwakheka amarekhodi ngendlela okusetshenzwa ngayo ukuze kuthi ngelinye ilanga uma kufanele kubhekwe amabhuku, kubonakale ngokusobala ukuthi izinto zazenziwa ngendlela.

Kuhle ukuba nenkontileka uma usebenza enkampanini noma uqashe abantu. Loku kwenza ukuthi wena oqashiwe nomqashi nivikeleke ezintweni eziningi futhi kwenza kungabi khona oseqhamuka nemithetho emisha okungakaze kuvunyelwane ngayo. Okubhalwe phansi kwashicilelwa ngokusayina akulula ukukuphika noma ukukuguqula. 

Yingakho kungamele uyithathe kancane indaba yokusayina amaphepha. Kodwa ngaphambi kokusayina noma yini, kuhle uzinike isikhathi ufundisise konke okubhalilwe.

Akufanele uzithole ususayina izinto ongenasiqiniseko ngazo ngenxa yokuthi ungaphansi kwengcindezi. Ungavumi nangebhadi ukusayiniswa ngaphansi kwengcindezi. Cha! 

Into ongayenza wukucela ukuthi ubusafisa ukuqale ukhombise ummeli wakho amaphepha okufanele uwasayine. Loko kuyokunika ithuba ungekho phansi kwengcindezi. Uyothi uma usuqedile ukuwafunda, weneliseka bese uyasayina-ke bese ucela bakwenzele ikhophi yakho.

Ukwakha izinsika zebhizinisi kubalulekile. Inqwaba yamabhizinisi iqala ingenaso isisekelo esiqinile. Yingakho endleleni ubone abantu sebexabana noma labo abaqashiwe sebenganelisekile ngoba mhlawumbe abanayo inkontileka abayisayina eyisivumelwano. 

Uma sekunjalo, kufanele kubhekwe ukuthi izindlela zokwenza izinto kuzo zonke izinhlaka zibhaliwe yini phansi. Loku kusiza ekutheni uma ngelinye ilanga inkampani idayiswa, oyithengayo afike kulula ukusebenza.

Kunezinye-ke izinto ezidinga abameli ukuthi bazilungise. Lezi yizinto ezidinga ongoti balowo mkhakha inkampani isuke isebenza ngaphansi kwawo. Yibona abanolwazi olunzulu ukuthi inkampani kumele ibhalise kumaphi amabhodi ezinkampani ezilawula lowo mkhakha, kokunye kungaba imigudu ebalulekile okufanele ilandelwe yokuthola ilayisensi ethile ukuze inkampani ibe nemvume yokusebenza ngokugcwele nokukhululeka.

Konke loku kuya ngemboni inkampani esebenza kuyo. Yizo zonke lezi zinto okufanele wena njengomsunguli noma ngengabasunguli benkampani nikuqaphele futhi nikuqikelele ukuthi kuyenzeka ngoba uma nikuthatha kancane kungagcina sekufake wena noma nina noma inkampani uqobo enkingeni enkulu. 

Kunemigomo nemibandela okufanele izinkampani ezithile ziyilandele ngoba uma zingenzi njalo, zingazithola sezingakwazi ukuhweba, zigcine zivalile. 

Kufanele sizifundise ukubhala izinto phansi. Loko kwenza ukuthi sibe nobufakazi ukuthi isivumelwano sasenza uma udaba lugcina enkantolo.

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting 

Facebook: Ntokozo Mondli Biyela

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page