UNksz uSane Kheswa, odume ngelikaChef Sane, umnikazi we-Ekhishini with Chef Sane

Izithombe: Zithunyelwe

Ukucija abapheki ngokwenza i-dessert sekumkhulisele umsebenzi umpheki. Uxoxe noZANELE MTHETHWA

CABANGA emuva kokushaya isitshulu esehla esiphundu bese uphoxwa yi-dessert ekugcineni. Abantu bavele bakhohlwe nayisitshulu leso ngoba isidlo sokugcina okuyi-dessert, yisona esivala sonke isikhala sokudliwe.

Inkinga yokushikiliswa yi-dessert kubapheki abaningi ivuse umbono kuNksz uSanelisiwe Kheswa, naye owumpheki. Lo mpheki, owaziwa ngoChef Sane kulo mkhakha, udume nangamakilasi okupheka njengoba enenkampani Ekhishini with Chef Sane.

Ngaphandle kokwaziwa ngokushaya ibhodwe, useqhamuke nesisombululo kwabahlulwa wukwenza i-dessert. Uzihlanganisele i-dessert esilungele ukudliwa ngoba uthi abaningi bahlulwa ukuyihlanganisa.

“Bekuthi uma ngifundisa ukupheka ngibone ukuthi baningi abanenkinga yokubamba indlela yokwenza i-dessert. Ngaqala ngenza ucwaningo ukuthi ngingazihlanganisela kanjani i-instant mix (i-dessert esilungele ukudliwa). Ngiqale ngokuthi ngizenzele eyami ukuze ngiqinisekise ukuthi iphuma kahle ngempela,” kulanda yena.

I-dessert yase-Ekhishini with Chef Sane

Uthe uqale ngezinhlobo eziyisihlanu zama-traditional dessert, okuyiwona adumile. Kuwona kukhona iTiramissu, iCheese Cake, iMalva Pudding, iChocolate Mousse neCreme’ Brullee.

Uthi akekho ongazithandi lezi zinhlobo ze-dessert futhi zilungele noma yiluphi uhlobo lomcimbi nezidlo. “Ngokwezinhlelo zami ngangihlose ukuthi ngikhiphe incwadi yami yokupheka ngenyanga edlule, ngosuku lwami lokuzalwa. Nokho kuthe uma kufika lo mbono wokuzihlanganisela ama-dessert ngabona kungcono ngiqale ngawo,” kusho uNksz uKheswa.

Ufanisa i-dessert nekhekhe, athi uma selonakele kunzima ukulilungisa usuliqedile. Uthe yingakho abanye abapheki bengazixaki nge-dessert ngoba besaba ukuphoxeka.

Okunye okumenze abone kungcono aziqhamukele nalo mbono wukuthi ama-dessert abuye ngezinkani emicimbini. Uthi indlela enziwa ngayo awasagcini ngobumnandi kodwa kumele ihlobise netafula. Loku kwenze ukuthi kuyona ingxube yama-dessert akhe aphinde anikeze amasu okuthi kumele iphakwe kanjani ukuze ikhange.

Ama-dessert akhe uthe uyawadayisa eChara Café ePinetown, okuyilapho aphinde enzele khona amakilasi okupheka.

Ngesikhathi evula lesi sitolo ngo-2019 wayehlele ukuthi kube yi-coffee shop, esebenze isikhathi esincane yaphazanyiswa yiCOVID-19.

Njengakubona bonke osomabhizinisi nakuyena igadle kwezwela iCOVID-19. Ukuvalwa kwezwe ngonyaka odlule kuphazamise ibhizinisi le-coffee shop.

Uthi kudingeke ukuthi acabange ngokushesha ukuthi uzoyenzani le ndawo ebidayisa ikhofi ukuze kuqhubeke ibhizinisi.

“Yilapho ngiqale khona amakilasi okupheka, ngashintsha i-coffee shop, ngayenza i-kitchen studio. Bengisebenzela kuyona le ndawo kodwa ngenza amakilasi kwi-internet. Ezinkundleni zokuxhumana bengibuye ngithumele abalandeli bami izidlo nezindlela zokuzipheka. Loko kwenze ukuthi kuphileke isikhashana ngoba akekho obazi ukuthi izwe lizovulwa nini,” kwengeza yena.

Echaza ngokuqala kwakhe ukupheka, uthe wayevele ezithandela ibhodwe. Kuthe noma eseqashwe njengomhlengikazi, wasebenza unyaka owodwa ngo-2006 wase ebuyela ebhodweni. Ukufundela ukupheka esikoleni ukwenze eminyakeni eyisihlanu edlule eCapsicum Culinary Studio eMhlanga, athe ubesenzela ukuthola isicucu.

I-dessert yakhe okwamanje uyidayisa kwi-internet nasemakhasimendeni aphekayo. Usanda kwenza isivumelwano sokudayisela inkampani enkulu edayisa okubhakiwe.

Ikhono lokupheka uselidlulisele nakudadewabo, athi useqashwe ngokugcwele kwenye indawo.

UNksz uKheswa unezisebenzi ezingaphezu kweshumi ebhizinisini lakhe futhi ubuye athathe nabazobamba itoho uma ezophekela umcimbi omkhulu.

Facebook: Sanelisiwe Talent Kheswa

Instagram: chef_sane_makheswa

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page