UNksz uGugulethu Nxumalo, umnikazi weZonke Bonke Cakes yaseMlaza, eThekwini, KwaZulu-Natali

Izithombe: Zithunyelwe

Ukudilizwa emsebenzini emva kweminyaka eyishumi esikhundleni kumkhuthaze ukuthi athuthukise ikhono lakhe lokubhaka. Manje unebhizinisi eliqhuba kahle kanti usiza abanye ukuthi baqale awabo. Uxoxe noNOKWANDA NCWANE

UFISA ukuba nebhikawozi yakhe owesifazane osezakhele igama ezinkundleni zokuxhumana ngokucobelelana ngolwazi lokupheka nokubhaka.

UNksz uGugulethu Nxumalo ufundisa abanye ulwazi lwezithako nezindlela zokwenza izibiliboco ezehla esiphundu kubapheki nababhaki abasafufusa ukuze bazithuthukise. Lokhu ukwenza kwelinye lamaqoqo kuFacebook iCooking-baking with passion Abapheki Bangempela enabalandeli abangaphezu kuka-1 million.

“Emva kokudilizwa enkampanini engase ngisebenze kuyo iminyaka eyishumi, ngazithola ngingakwazi ukuzibheka mina nomndeni wami. Ngibonga umama wami owangifundisa ukubhaka, waphinde wangikhuthaza ukuthi ngithuthukise ikhono lami lokubhaka.

“Ngibe sengihambela izigcawu zokucobelela ulwazi ezifundisa ngokubhaka amakhekhe okuzalwa, nokuyilapho ke ngaqala khona inkampani yami iZandizipho Confectionaries T/A Zonke Bonke Cakes,” kusho uNksz uNxumalo, ozalelwe, wakhulela eMlaza, eThekwini. 

Akagcini nje ngokupheka kepha uyazithuthukisa nangokwemfundo. Uneziqu zeProject Management, Electronics and Data Processing Information (Information Technology) ne-Early Childhood and Development. 

Okwamanje umatasa wenza izifundo ze-Food Preparation kwesinye sezikole zokupheka ezivelele eThekwini. 

Mayelana nokuqala kwakhe amakilasi okubhaka uNksz uNxumalo uthe, ngo-2014 abesifazane abathathu beza kuye bezocela abafundise ukwenza ama-scones, ukuze bezokwazi ukuxosha ikati eziko.

“Laba besifazane abathathu bamema abanye abathathu ukuze bezosizakala nabo. Kwabe sekuba wukuqala kwamakilasi okubhaka. La makilasi asekhule kangangokuthi ngonyaka ka-2019 ngiqale engingakubiza ngokuthi ‘classes on the move

“Bengihambela amadolobha ahlukene (ngesibalo) sabantu abafuna ukufunda nokuthi bafuna ukufunda lokhu okuyisisekelo (scones, muffins, snowballs, Madeira loaf, njll) noma okuthuthukile (amakhekhe emishado nawokuzalwa, njll).” 

Amanye amakhekhe aseZonke Bonke Cakes

Amakilasi okuqeqeshelwa ukubhaka abiza phakathi kukaR690 noR1 500.

Uthi useqeqeshe abantu abangaphezu kwamakhulu amathathu kanti cishe uhhafu wabo unamabhizinisi enza kahle. “Njengoba likhula ibhizinisi, nami ngiyakhula. Ngifisa ukuzibona nginelami ibhikawozi kwenye yezinxanxathela yezitolo kanti ngifisa nokuvula indawo yokupheka njengoba ngiqhuba izifundo zami nje,” kuchaza uNksz uNxumalo, owaqala ibhizinisi lakhe ngemali yokudilizwa.

Ukukhuthaza osomabhizinisi abasafufusa uNksz uNxumalo uthi kubalulekile ukuba nothando lwento oyenzayo.

“(Ukubambelela) nokusebenza kanzima yisona sihluthulelo esikuvulela umnyango wempumelelo. Kubalulekile nokuqala kancane kancane uze ufike lapho ufuna ukuya khona noma kuleli zinga olibona kulona ibhizinisi lakho,” kusho lona wesifazane, owumama wezingane ezimbili.

Igama Zonke Bonke liyinhlanganisela yamagama ezingane zakhe uZiphozonke omdala noBahlebonke uthunjana. 

Muva nje, ukudilizwa kwabantu ezinkampanini ngenxa yokutabalasa komnotho kubhokile. I-COVID-19 ishaye kwezwela ezinkampanini nasemikhakheni eyehlukene. 

Ngokwe-Statistics South Africa, bangaphezu kuka-2 million abantu abadiliziwe ngo-2020. 

Facebook: Gugulethu Ndlovu Nxumalo

      : Zonke Bonke Cakes and Events

      : Zonke Bonke Foods 

Instagram: zonkebonkecakesandevents

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page