Sizokhumbula uhleko, amahlaya, uthando nokuzinikela kwakhe uPeter Matlare, kuloba uDaniel Mminele

SIGQEMEKE kakhulu sonke e-Absa namazwe ase-Afrika ngokushona kukaPeter (Matlare). Kwabaningi bethu ubengesiye nje umlingani kodwa ubewumeluleki, esicathulisa futhi ewubhuti onesikhathi sokukupha indlebe. 

Isililo esikhona e-Absa kanjalo nasezweni lonke sikhombisa indlela abehlonishwa futhi ethandwa ngayo uPeter.  

Besengineminyaka ngimazi uPeter futhi ubengomunye wabangani bami ebesisondelene naye ngaphambi kokuthi sibe ngabalingani. Ubewumuntu omangalisayo, ephana, ekuthanda ukuxoxa futhi ekwazi ukuxoxa ngezihloko ezinhlobonhlobo.

Bekumnandi ukuhlala naye ngenxa yohleko namahlaya akhe. Yonke into abeyenza ubeyenza ngothando, kungabe yisemsebenzini noma empilweni.  

Bengimhlonipha ngenxa yendlela abezinikele ngayo emndenini wakhe – kumkakhe uNomvula nasemadodakazini akhe. Siyazwelana nomndeni ngalesi sikhathi. 

U-Peter ungene ebhodini le-Absa Group njengomunye wabaqondisi abangaqashiwe yinkampani ngo-2011. Ngo-2016 waqokwa njengePhini leSikhulu esiPhezulu kanjalo nanjengeSikhulu esiPhezulu esibhekelele amabhizinisi ethu angaphandle kwaseNingizimu Afrika. Kulo nyaka odlule ngibe nenhlanhla yokusebenza kakhulu naye ethimbeni labaphathi abakhulu. Ubewuthanda kakhulu umsebenzi wakhe futhi eyisishoshovu sokuthi akuthuthukiswe izwekazi i-Afrika.

U-Peter wenze umsebenzi omkhulu e-Absa njengomqondisi webhodi ongaqashiwe enkampanini kanjalo nangesikhathi esesethimbeni labaphathi abakhulu. Enye yezinto azizuzile muva nje e-Absa kube wukubhekelela ukuhlukana (kwethu) neBarclays PLC, obekungenye yezinto ebezinkulu futhi ziyinkiyankiya embonini yamabhange e-Afrika, nokubekuthinta ukuthi siqhamuke nendlela entsha esizobukeka ngayo ezwenikazi lonke.

Ngobuholi bakhe sikuphothulile ngempumelelo. U-Peter ubehlonishwa ngamakhasimende abalawuli. 

Njengomholi ubenombono futhi ubeletha ubuchule, amava nesipiliyoni ethimbeni labaphathi. Umsebenzi wakhe sizowukhumbula. Labo abebesebenza naye zonke izinsuku bamchaze njengomholi obekhuthazana futhi enozwelo.

Ngizobukhumbula ubungani bakhe, umlingani abewuyena nezeluleko zakhe. 

  • UMminele uyisikhulu esiphezulu se-Absa Group

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page