Isabelomali saKwaZulu-Natali sigxile ezinhlelweni zokuthuthukisa ingqalasizinda, ukulwa neCOVID-19 nokweseka izinkampani ezisafufusa. USLINDILE KHANYILE uyabika
ISABELOMALI sonyaka wezimali wango-2021/22 esisanda kwethulwa wumNyango wezeziMali KwaZulu-Natali sifakazele ukuthi uhulumeni uzibophozele ekulweni nokubhebhetheka kweCOVID-19, ukuvuselela umnotho ngokweseka osomabhizinisi abasafufusa nokuthuthukisa ingqalasizinda.
Lesi sabelomali, esethulwe wuNgqongqoshe uNkk uNomusa Dube-Ncube, siveze ukuthi kunoR1.6 billion owabelwe ukunqanda ukubhebhetheka kobhubhane oselunonyaka lwahlasela, uR16.3 billion wokuthuthukisa ingqalasizinda, uR50 million okuzokwesekwa ngawo amabhizinisi entsha – okuwuhlelo olwenziwa yiHhovisi likaNdunankulu – noR213 million owabelwe izinhlelo ze-Expanded Public Works Programme (i-EPWP) – uhlelo oluvula amathuba emisebenzi eminyangweni enhlobonhlobo.
Ngaphezu kwaloku umNyango wokuThuthukiswa koMnotho, nokuyiwona oseqhulwini lokwesekwa kwamabhizinisi, wabelwe uR3.3 billion ukuze uqhubeke nezinhlelo okuhloswe ngazo ukuvuselela umnotho ukuze kwande amathuba emisebenzi avulekayo.
UNkk uDube-Ncube uthe iDube TradePort ihlanganisa uhlaka oluzosetshenziswa ukuqhamuka nendlela yokulekelela ezamabhanoyi ukuze kuphinde kunyuke izibalo zabagibeli esikhumulweni sezindiza iKing Shaka kanjalo nokuthi kuphinde kwethulwe amabhanoyi akwamanye amazwe.
“UmNyango uzobeka eqhulwini ukweseka osomabhizinisi abancane abasebenza ngemikhiqizo eyingxenye ye-Operation Vula Fund enjengezinto zokuhlanza izakhiwo, izindwangu nezimpahla zokugqoka, okubhakiwe nabakhiqiza iphepha,” kusho yena.
“Ukubeseka kwethu kuzofaka nokwakha ingqalasizinda abangayisebenzisa ngokuhlangayela njengezindawo zokukhiqiza zosomabhizinisi abancane. UmNyango uzoqhubeka nokuqinisekisa ukuthi kunezinhlelo zokulekelela ukuthuthukiswa kwabesifazane, intsha kanjalo nabantu abamnyama ohlelweni lokwandisa abakhiqizayo ezimbonini ezinkulu,” kwengeza uNkk uDube-Ncube.
UNgqongqoshe uthe lo mNyango unezinhlelo zokuvuselela ukusebenzisana nezikhungo zemfundo ephakeme iNyuvesi yaKwaZulu-Natali neDurban University of Technology ukweseka osomabhizinisi izinhlelo zabo ezigxile ekuthuthukiseni umphakathi ngohlobo lwamabhizinisi olugxile kakhulu ekunikeleni emphakathini.
Kulo nyaka wezimali kuzoqala ukwakhiwa kwesikhungo semboni yezimoto i-Edendale Auto Service Hub kanti kuzothi kwenziwa lokhu, kube kuqala nohlelo lokuqeqesha abazosebenza kusona.
Umnotho wezwe wehle ngo-7% ngo-2020, nokubangelwe kakhulu wukuvalwa kwezwe ngenxa yeCOVID-19 kanti isibalo sabantu abangasebenzi sifinyelele ku32.5%. Esifundazweni saseKZN abantu abangasebenzi bawu-210 000.
UNgqongqoshe uthe bazimisele nokuthi kungabi sengathi uma kukhulunywa kokuguqulwa komnotho kube sengathi yinto nje eshiwoyo kodwa zingabonakali izithelo zayo.
“Enye yezindlela esizokwenza ngayo loku wukuguqula indlela esithenga ngayo impahla kuwona wonke amazinga kahulumeni, ikakhulukazi iminyango yethu kahulumeni nomasipala. Sifuna izinkampani ezincane nemifelandawonye ephethwe ngabamnyama ikakhulukazi abesifazane, intsha, abaphila nokukhubazeka kanjalo nababengamasotsha bahlomule ngoba basalokhu bevaleleke ngaphandle emnothweni omkhulu.”
UNkk uDube-Ncube wethule lesi sabelomali ngaphansi kwengqikithi ethi “Senza imali yakho ikusebenzele ngokuthe xaxa”. Loku kubonakele njengoba yize zikhona lezi zinhlelo zokuvuselela umnotho kodwa loku kwenziwe ngokuthi kuphinde kube khona lapho kuncishiswa khona njengoba uhulumeni kumele alwe nokukhula ngamandla kwesikweletu sezwe.
UNgqongqoshe ugcizelele okushiwo wumNyango wezeziMali ezweni ngodaba lwemiholo yezisebenzi zikahulumeni njengoba kuyilapho kuncishiswe khona kakhulu njengoba ingahlinzekwanga imali yokuthi zikhushulelwe imiholo.
Enye indlela okuncishiswe ngayo kube wukumiswa kokuvalwa kwezikhala njengoba kwehliswe ngoR19.9 billion eminyakeni emithathu ezayo.
Kuncishiswe izinhlelo zezolimo ngoR42.6 million kule minyaka emithathu kanjalo nezinhlelo zokulwa nesifo sesandulelangculazi, esofuba nomalaleveva ngoR1.2 billion eminyakeni emithathu ezayo. Isiyonke imali eyabelwe iKZN iwuR134.1 billion ngo-2021/22.
Eminye imiNyango yabelwe kanje ngo-2021/22:
- OwezeMfundo = R53.2b;
- OwezeMpilo = R48.4b;
- OwezokuThutha = R11.6b;
- OwezokuHlaliswa kwabaNtu = R3.6b;
- OwezeNhlalakahle = R3.7b;
- OwezoLimo = R2.5b;
- OwokuBusa ngokuBambisana = R1.8b;
- OwemiSebenzi yoMphakathi = R1.7b;
- OwobuCiko namaSiko = R999.8m;
- OkaNdunankulu = R800.2m;
- OwezeziMali – R651.8m;
- IsiShayamthetho = R627.8m;
- OwezemiDlalo = R475.6m;
- OwezokuVikelwa koMphakathi = R233.4m
Imininingwane itholakale kwiSabelomali saseKZN ngo-2021/22