Nakhu abakushilo ngesabelomali
USolwazi uBonke Dumisa, usomnotho:

“Yisabelomali lesi esizama ukwenza into ebonakalayo, ke singabantu asiyi nganxanye singemanzi. Benze okusemandleni njengoba nezeMpilo zinikwe omunye uR8 billion wemigomo. Sithe uma siphela isabelomali, ngabheka ukuthi irandi limi kanjani, ngathola ukuthi liqinile impela ngoba ekuseni belikade liwuR14.57 uma uliqhathanisa nedola lase-USA kodwa bese liwuR14.44 kanti uma uliqathanisa nopondo (wase-UK) beliwuR20.64 kodwa bese liwuR20. 42 kanti uma uliqhathanisa ne-Euro beliwuR17.71 ekuseni kodwa bese liwuR17.56.
“Uma ubheka nokushiwoyo ngokunciphisa isikweletu, kuyabonakala ukuthi sigadiwe, akudlalwa ngemali kanjalo nokwandisela intsha imisebenzi.
“Yisabelomali okuphilekayo ngaso.
“Ukuqinisa amaxhama kwaSARS kuzovalwa izintuba ezikhona zabantu abangayikhokhi intela futhi sesiyazibona izithelo njengoba sebekwazile ukuqoqa imali engaphezu kukaR2 billion emva kokusizwa ngoR1.8billion. Siyababona oKlebe belandela abantu abebengakhokhi, bebabopha futhi manje sekumele babophe nalabo abangaphakathi (kuhulumeni).
“Ngeke ukuthole konke futhi kunezinto ezihlale zikhona ezingatheni njengentela kaphethroli kodwa nawo u27c mncane uma kuqhathaniswa neminye iminyaka. Lena yimali okumele ikhokhwe ukuze kuzoholelwa abasebenza emagaraji kanti enye iya kwiRoad Accident Fund. Ngeshwa-ke iRAF iyisizinda zenkohlakalo njengoba imali eningi itholwa abameli. Ngiwummeli nje kodwa nginamahloni ngale nto kodwa ayikho into engenziwa.”
UMnu uBheki Ntshalintshali, unobhala-jikelele weCosatu:

“Umnotho awukhuli, imisebenzi ayikho futhi sidinga ukuthi kuvuselelwe umnotho, nokusho ukuthi kumele sifake imali emnothweni kodwa uhulumeni uphunyukwe yithuba lokwenza njalo njengoba egxile ekunciphiseni isikweletu nokushoda kwemali engenayo nezindleko. Lokho kukodwa ngeke kuwuvuselele umnotho, kumele uboleke ukuze uzotshala imali.
“Kuncishiswa nemiholo, ukuzama kakhulu ukuvikela onakho kugcina sekuphelile nakho lokho okukhona futhi kuzoba nomthelela omubi ekuhlinzekweni kwezidingo zomphakathi.”
UMnu uSandile Zungu, umengameli weBlack Business Council:

“Lesi sabelomali sinabo ubuhlakani, ikakhulukazi uma ubheka ukuthi isimo somnotho sinjani futhi nokuthi kuqoqwe imali engaphezu ngoR100 billion kulena ebilindelekile, kusho ukuthi umnotho awufanga ngendlela ebesicabanga ngayo.
“Abantu abangasebenzi sebengaphezu kuka-30%, ngakho ukuzwa ukuthi kunoR540 million wokusiza imboni yezokuvakasha, efaka oshisanyama, amathaveni nezinto ezinjalo nemali yokulekelela osomabhizinisi abancane, kuyasijabulisa thina lokho ngoba abantu abamnyama abaningi bagcwele kuleyo mikhakha.
“Nokuthi alibeke ngembaba elokuthi ngeke ayinyuse intela, siyakujabulela ngoba iningi intela ekhokhwayo… kuningi nje okukhahlameza umuntu. Kuhle nokuthi nentela ezokhokhwa yizinkampani izokwehla ibe wu-27%. Umnotho wethu ukhahlamezekile, kuyisifiso ukuthi nathi owethu ugcine ukhula njengoChina, okuthiwa uzokhula ngo-8%, nano-India, okuthiwa uzokhula ngo-11%.
“Kube kuhle ukuthi uhulumeni acacise ukuthi ikhona imali yomgomo weCOVID-19 ngoba abantu bebezibuza ukuthi unayo yini uhulumeni le mali futhi kuhle nokuthi yiwona ohola lolu hlelo, lungabi sezandleni zabazimele.”
UMnu uCas Coovadia, isikhulu esiphezulu seBusiness Unity South Africa:

“I-BUSA (i-Business Unity South Africa) iyasithakasela isabelomali. Ungqongqoshe uyasiqonda isimo esibhekene naso futhi uzama ukuwukhulisa umnotho.
“Kodwa kunezinto ezimbalwa kwisabelomali zokukhulisa umnotho ezizokwenzeka ngokuthi kube nezinguquko ezinqala endleleni okwenziwa ngayo nokuwukuthi ngaphandle kwazo, ngeke ukhule umnotho.
“Siyakuthakasela ukwehliswa kwentela ekhokhwa yizinkampani. Sicabanga ukuthi kuzogqugquzela ukutshalwa kwemali. Imizamo yokuthi kufike u2024/25 sibe sesinemali engaphezu kwezindleko zethu, siyayithakasela kodwa-ke akukho okutheni okungenziwa yisabelomali. Into emqoka wukuthi umNyango ukwenze loku okushilo. Sesibone kaningi phambilini ukuthi kubheda uhlelo uma sekufanele kwenziwe kodwa sizolinda, sibone ukuthi kuzokwenzakalani ezinyangeni ezimbalwa ezizayo uma isiyabiwe le mali nokuthi imiNyango izoyisebenzisa kahle yini ngaphandle kwenkohlakalo.”
I-Business Leadership South Africa ithe:

“I-BLSA (i-Business Leadership South Africa) iyasithakasela isabelomali sikaNgqongqoshe uTito Mboweni esikhombise izithelo ezingcono kunebezilindelekile ekuvuselelweni komnotho nokuqoqwa kwentela kulezi zinyanga ezimbalwa ezedlule. Sithakasela kakhulu usizo lwentela oluzotholwa ngabantu nezinkampani, noluzosiza kakhulu ekwesekeni ukuvuselelwa komnotho.
“Inselelo enkulu izwe elibhekene nayo wukukhula komnotho. Iyona kuphela lena indlela yokuphucula isimo sezimali sikahulumeni futhi nesingaholela ekwandeni kwentela eqoqwayo. Ngakho-ke sikhathazekile ukubona ukuthi yehlisiwe imali ezosetshenziswa kwingqalasizinda yize izethembiso zikangqongqoshe zathi ubeka eqhulwini ukutshala kunokuthenga.
“Ingqalasizinda imqoka ekukhuliseni umnotho. Ungqongqoshe umemezele ukuphuculwa kwendlela okuthengwa ngayo ingqalasizinda. Siyasithakasela isimemezelo sokubuyekeza ukubambisana phakathi kukahulumeni nemboni ezimele, iyona lena indlela engcono yokuthuthukisa ingqalasizinda. – nguSlindile Khanyile