UMnu uBulelani Balabala weTownship Entrepreneurs Alliance, eyenze ucwaningo ne-UNISA ngomphumela weCOVID-19 kosomabhizinisi basemalokishini nabasemakhaya

Isithombe: Sithunyelwe

Osomabhizinisi basemalokishini abakhahlanyezwe yiCOVID-19 bathi akulahlwa mbeleko ngakufelwa. USLINDILE KHANYILE uyabika

OSOMABHIZINISI abasebenzela emalokishini eNingizimu Afrika bashayekile ngenkathi izwe livaliwe futhi kwabaningi babo imali ebingeniswa ngamabhizinisi abo yehlile ngaphezu kukahhafu. Yize kunjalo, abaningi bazimisele ukuqhubeka namabhizinisi abo uma izwe selivulwe ngokugcwele futhi abanye bayaqhubeka nokusebenzela emakhaya.

Loku kuvezwe wucwaningo obelubheka umphumela wokuvalwa kwezwe emabhizinisini asemalokishini olwenziwe ngokuhlanganyela yiTownship Entrepreneurs Alliance (iTEA) ne-UNISA.

Lolu cwaningo lukhulume nosomabhizinisi abawu-432 kanti belugxile ekubhekeni ukuthi amabhizinisi abo ahlobo luni, imali ebiwangenisa ithinteke kanjani nokuthi isimo sabo sempilo sishayeke kanjani.  

Ngokwalolu cwaningo, u-88% walabo somabhizinisi ugcine usuphila ngemali obuyilondolozile ngenkathi izwe livaliwe ngoba amabhizinisi abengangenisi mali.

Ngokocwaningo, u77% wala mabhizinisi ubungenisa imali engaphezu kukaR5 000 kuya kuR10 000 ngenyanga ngaphambi kokuthi izwe livalwe, nokwehle kwaba ngaphansi kukaR5 000 ngenkathi livaliwe.  

Iningi lalezi zinkampani liphethwe yintsha kanti izimboni elikuzona ngezenza imisebenzi okubalwa kuyona ukwenza ikhanda, ukuwasha izimoto, ukuba wonogada nomasingcwabisane. Abanye basembonini yezokuthutha, ezokuvakasha, ukudayisa izimpahla kanti kunengcosana enezindawo zokucima ukoma.   

Kulabo somabhizinisi okukhulunywe nabo kuvele ukuthi u-58% uhlala eGauteng bese kuthi u-29% uhlala eNtshonalanga Kapa, eLimpopo, KwaZulu-Natali naseNtshonalanga Kapa. Kukhona u-13% eFree State.

I-TEA yasungulwa wuMnu uBulelani Balabala ngenhloso yokusiza osomabhizinisi basemalokishini nasemakhaya ukuthi bathole ulwazi ngamathuba akhona angabasiza ukuthuthukisa amabhizinisi abo nokuthi babe namakhono njengoba kukhona nezinhlelo zokuthi baqeqeshwe ngokubambisana namanyuvesi. Inamalungu angu-48 722.  

“Indlela kuthiwa ibuzwa kwabaphambili. Sizama nokuthi sincele kulabo abahambe phambi kwethu. Kanti okunye esikwenzayo wukulekelela ukuthi amabhizinisi asemalokishini akwazi ukuthola amakhasimende, asebenze nezinkampani ezinkulu, afunde kuzona futhi akhule,” kusho yena.

Abawu-67% baveze ukuthi abakwazanga ukuqhubeka nokusebenza bese kuthi u-15% uqhubekile nokusebenza, kwathi u-18% wona wasebenzela emakhaya.

Abangu-68% bathe bazoqhubeka namabhizinisi abo uma izwe selivuliwe ngokugcwele kanti u-6% wona uthe ngeke uqhubeke kwase kuthi u-26% wathi awunaso isiqiniseko. 

Ukubheduka kweCOVID-19 kuholele ekutheni umnotho wehle ngo-7% ngonyaka odlule kanti kunabantu abawu-2 million abalahlekelwe ngumsebenzi.

Ziningi izinhlelo ezamanyezelwa okuthiwa kuhloswe ngazo ukusiza osomabhizinisi ukuze bavuke bazithathe ngalesi sikhathi.  

Kodwa ngokwalolu cwaningo lweTEA ne-UNISA, osomabhizinisi abaningi basemalokishini abazange bazihluphe ngokulufuna kanti kukhona nabebengazi ngalo. Idlanzana lifake izicelo.

Mayelana nosizo oluvela emNyangweni wokuThuthukiswa kwamaBhizinisi amaNcane, u-41% awuzifakanga izicelo kwathi u-29% ubungazi ukuthi zifakwa kanjani kanti u-27% ubusalinde izimpendulo.

Kulolo lomNyango wezabaSebenzi, u50% awuzange uzixake, kwathi u-26% wona awazi ukuthi uzifake kanjani izicelo kuthi u-19% usalinde izimpendulo.  

Mayelana nosizo oluvela embonini ezimele, u-47% awufakanga izicelo, u-37% ubungazi wenzenjani kwathi u-13% ufakile kodwa usalindile.

Lolu cwaningo luveze ukuthi izinselelo ezivelile ngenxa yokuvalwa kwezwe kube wukuvaleleka ngaphandle kwalabo somabhizinisi ngenxa yokuthi sekusetshenzwa kakhulu ngobuchwepheshe besimanjemanje, ukuswela ulwazi nezinsizakusebenza, ubugebengu, ukungakwazi ukufinyelela emakhasimendeni nemidanti uma uzama ukuthola usizo lwemali.

Khonamanjalo, iNational Empowerment Fund (iNEF) isanda kwethula isikhwama sokulekelela amabhizinisi akhahlanyezwe yiCOVID-19, i-Economic Distress Fund ukuze kuzolekelelwa amabhizinisi abantu abamnyama ngokuwaboleka imali ezowasiza ukuthi avuseleleke, avikele imisebenzi futhi aphucule ukukhiqiza kwawo.  

Isikhulu esiphezulu seNEF, uNkk uPhilisiwe Mthethwa, sithe:   

“Ubhubhane iCOVID-19 lubhubhise umnotho waseNingizimu Afrika futhi lwabeka engcupheni amabhizinisi nemisebenzi. Amabhizinisi abantu abamnyama anomlando wokuswela imali engawalekelela ashayeke kakhulu. Yingakho i-Economic Distress Fund izosiza izinkampani zabantu abamnyama ngokwemigomo yeNEF. Le mali kuzobolekiswa ngayo kanti enye izokhishwa ngokuthi iNEF ithenge amasheya kulezo zinkampani. Inzalo ngeke yeqe ku-2.5%,” kusho yena.

UNkk uPhilisiwe Mthethwa weNEF uthi kunesikhwama sokusiza osomabhizinisi basemalolikishini

Imininingwane iyatholakala ku-www.nefcorp.co.za kanti kungathunyela imibuzo ku: distressfund@nefcorp.co.za 

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page