IKhomishini yokuNcintisana ilwe namanani agugisa iphakethe ngesikhathi seCOVID-19

Isithombe: wuGoogle

Umbiko weKhomishini yezokuNcintisana ngomphumela wobhubhane iCOVID-19 IKhomishini yezokuNcintisana ibhekane nobunzima beCOVID-19

IKhomishini yezokuNcintisana isanda kukhipha umbiko wayo wokugcina ngomphumela weCOVID-19.  Lo mbiko unaba ngezinto ezitholwe yiKhomishini ngomphumela weCOVID-19 Block Exemptions nomsebenzi weKhomishini ngenkathi kubhoke ubhubhane.

AmaCOVID-19 Block Exemptions aphasiswe wuNgqongqoshe womNyango wezoHwebo, ezeziMboni nezokuNcintisana ngemva kokudingida kabanzi neKhomishini ukulekelela imikhakha emqoka yomnotho emikhankasweni yayo yokubhekana nobhubhane. Ukuxegiswa kwamatomu, phecelezi ama-block exemption, kwenze ukuthi izinkampani zibambisane futhi zihlanganyele emkhankasweni wokulwa nomphumela ongemuhle ngokomnotho nangokwenhlalo ngesikhathi sobunzima. Ngokujwayelekile, ukubambisana noma ukuhlanganyela okunjalo bekuzobe kuphikisana neSigaba 4 neSigaba 5 somThetho.

IKhomishini iphinde yanxuswa wuNgqongqoshe ukuthi ibhekane namanani amba eqolo ngesivunguvungu sokuqala sobhubhane ukuvikela abathengi namakhasimende ezindleleni ezingalungile nezingenaqiniso zokudayisa ngesikhathi sobhubhane ezweni. IKhomishini ibizwe yasabela ngemikhankaso yokufundisa kanjalo nokuphenya nokushushisa lapho obekunezimpawu zokugawula ngamanani.

IKhomishini ikwazile ukusebenza kahle ngesikhathi sobhubhane kube kubuyekezwa umThetho wokuQhudelana, okwenze kwalweka neCOVID-19, ikakhulukazi isiGaba 8 nesiGaba 78, ezicabe indlela ukuthi kushushiswe ababiza amanani amba eqolo nokuphasiswa kwama-block exemption ephasiswa wuNgqongqoshe.

Ucwaningo luthole ukuthi umsebenzi weKhomishini ube nomphumela omuhle omkhulu ezweni ngesikhathi sobhubhane, ikakhulukazi ngesiGaba 4 nesiGaba 5 sokuvalwa kwezwe. Ama-Block Exemption omNyango asize izimboni ezintathu ezimqoka okuyimboni yezempilo, eyezokudayisa izakhiwo neyamabhange, ukuzisiza ukuthi zibhekane nezinselelo zobhubhane.

Izinto zihambe kahle kwezeMpilo, phakathi kwazo okubalwa ukususwa kweziguli ezibhedlela zikahulumeni zayiswa ezibhedlela ezizimele ukuqinisekisa ukuthi ziyelashwa uma zingeke zisizakale ezibhedlela zikahulumeni. Ngaphezu kwaloko, ngenxa yokuxegiswa kwemibandela, lo mkhakha ubambisene ekwehliseni imali yokuhlolela iCOVID-19 isuka phakathi kukaR1 000 noR1 500 iya kuR850, okusize iziguli zonga nama-medical aid scheme bonga imali engaphezu kukaR1.5 billion ngonyaka.

Nasemikhakheni yezokudayisa izakhiwo nowamabhange kuhambe kahle njengoba kube nezingxoxo ezenze omastende  nababolekisi ukuthi banike amakhasimende nabathengi ithuba lokuphefumula ezikweletini zabo ngesikhathi sobhubhane.

Elinye iqhaza elimqoka leKhomishini, ngale kokulwa namanani amba eqolo, kube wukwenza umsebenzi wokufundisa abantu nokuphenya izinsolo zamanani amba eqolo njengoba izitolo nabadayisi abaningi bezimpahla ezimqoka befundiswe ngemithetho elwa namanani amba eqolo namakhasimende afunda ngamalungelo awo ngenxa yomsebenzi wokufundisa weKhomishini.

Ucwaningo olwenziwe wuNielsen, elwenzela iKhomishini, luveze ukuthi bonke abathintwe wumsebenzi weKhomishini abazange bakhuphule amanani, bakhuphule amanani uma ekhushulwa lapho bethenga khona noma uma bebezokwenza incane kakhlu. Okunye okuvezwe wucwaningo wukuthi imigomo ikwazile ukunqanda amanani amba eqolo.

 Lo mbiko obizwa ngokuthi “The Impact of the Covid-19 Block Exemptions and Commission’s Enforcement during the pandemic”, usuyatholakala kwi-website yeKhomishini ethi: https://www.compcom.co.za/47358-2/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page