Asiphokophele ukubuyisela umnotho ezingeni elifanele, kuloba uBusi Mavuso
KUNGEKUDALA kangako umnotho waseNingizimu Afrika ubukhula ngaphezu kwa-5% ngonyaka. Kusukela ngo-2004 kuya ku-2007 bekuyinto ejwayelekile. Uma kwenzekile kwaba ngaphansi kwaloko, bekuthathwa ngokuthi izwe liyisehluleki.
Kuyamangaza ukubona ukuthi indlela esesibuka ngayo loko okwamukelekile isishintshile. Ngenkathi kumenyezelwa ukuthi umnotho wehle ngo-7% “kuphela” ngesonto eledlule, kukhona abazwakale sengathi bathi kungcono loku.
Yebo, izibalo zitshengise ukuthi ikota yokugcina ngonyaka odlule ibingcono kunokulindelekile; nokwenze indlela umnotho owehle ngayo kwangcono kakhulu kunobekuqaguliwe.
Kodwa asicacise loku – loku okwenzekile kuyisibhicongo futhi akusondele nakancane kulokho okumele sikuthathe “njengokujwayelekile”.
Yebo, singaba nenkulumompikiswano ngokuthi umnotho kumele ukhule kanjani nokuthi kumele lezi zibalo sizibuke ngokuthi kwenzekani emhlabeni; okuningi kwakho okungekho ezandleni zethu. Kodwa kumele singakuvumeli ukushaya udaka kube yinto eyamukelekile.
Kumele zisithuse izinto ezinje futhi kumele sizisebenzise ukuzikhandla ngokuphindiwe ekusebenzeleni ukuthi umnotho ukhule ngamandla.
Ukushintsha kwezinto ngokwemukelekile yinto osekuneminyaka engaphezu kweyishumi yenzeka. Ukudlula ku-1% yinto ebingenzeki okutheni kusukela ngo-2015, nokusho ukuthi umnotho wethu ubulokhu wehla.
Kuko konke loku, osomabhizinisi nabanye bebelokhu behlaba ikhwelo lokuthi akuguqulwe izinto ukuze kuzokhula umnotho. Kodwa loku bekungasukunyelwa ngendlela lesi simo esiphoxayo ebesidinga ngayo; bekunokudembesela. Ikakhulukazi ngesikhathi kubusa umengameli omdala, besixakekile futhi siphelelwe yithemba ngokuthi zingashintsha izinto.
Kodwa manje sikwenye indawo – singazishintsha izinto – sinobuholi obuzimisele ukwenza njalo. Kodwa kumele siqaphele ukuthi imikhuba esiyijwayele ngenkathi umnotho ukhula kancane ayisiqedi umdlandla nendlela okumele sibuke ngayo izinto ngokumele sikwenze.
Kumele sibuyele endleleni esasikhula ngayo uma sizoguqula isimo sabantu baseNingizimu Afrika. Lokho yiyona nto okumele siyisebenzele futhi akumele siphumule singakayizuzi.
Kunezinyathelo eziletha ithemba. I-Operation Vulindlela yenza inqubekelaphambili ekwesekeni iminyango kahulumeni ekutheni yenze imigomo osekuvunyelenwe ngayo ezindaweni ezingaletha umehluko omkhulu.
Uhlaka lokuvuselelwa komnotho, i-Economic Reconstruction and Recovery Plan, okuvunyelenwe ngalo ngokuthi yiyona ndlela yokunqoba ubhubhane lucaba indlela ecacile yokulungisa amabhizinisi ukuze kukhule umnotho.
Imizamo yokukhulisa abatshalimali kwingqalasizinda ngenye yezinto ezingaletha izinto ezinhle.
Yilena imizamo okumele sonke siyeseke, osomabhizinisi, uhulumeni nabanye abalingani.
Kodwa kukhona nokuhlehlela emuva. Ngesonto eledlule esinye isinqumo senkantolo sibambezele ukudayiswa kwe-spectrum yi-Independent Communications Authority of South Africa (i-Icasa).
I-spectrum singenye yalezo zinto umnotho odinga ziguquke ukuze kuzoba lula ukudayiswa komoya wokudonsa i-internet. Yikona okuzokwenza kube lula ukusuka kwi-analogue TV kuyiwe kwi-digital kodwa konke akwenzekile kahle kanti izinkantolo ziveza lapho kuxega khona endleleni i-Icasa eyenza ngayo izinto.
Loku akwamukelekile. I-Icasa mayicele usizo ukuze kuzolungiswa indlela eyenza izinto ngayo. Iwumlawuli ozimele futhi loko kuzimela kumqoka kodwa ekugcineni kumele kuhlomule umphakathi. Izakhamuzi kumele zikwazi ukuthemba abalawuli ukuthi abakwenzayo kuzobasiza.
Ugesi ngenye indawo okulukhuni ukubona kunenqubekela phambili kuzona. Silinde imiphumela yezicelo “eziphuthumayo” ezahanjiswa ehhovisi le(Independent Power Producers) phakathi noDisemba njengengxenye yokusheshisa ukuqala ukuthenga ugesi kubaphehli abazimele.
Ngenkathi kuqala lolu hlelo lwabaphehli abazimele, abaphumelele bamenyezelwa emva kwenyanga kuhanjiswe izicelo, ngakho akucaci ukuthi kungani sisalindile ekubeni “kwakuphuthuma”.
Kufanele ngabe sithola izicelo zeziphakamiso zomsuliswano wesihlanu walolu hlelo. Kungani zingaphumile?
Ukubambezeleka kwezinto ezinjena kunqinda umnotho. Inzuzo okufanele ngabe siyayithola ngokukhula komnotho iyabambezeleka. Kungabe lezi zinto sizibekezelela ngoba sesajwayela imiphumela engemihle kwezomnotho?
Singosomabhizinisi sizimisele ukufaka isandla ukuze isimo siguquke. Asibambisane ukulungisa umnotho ngendlela ephuthumayo nefanele iNingizimu Afrika.
Emhlanganweni womkhandlu weBusiness Leadership South Africa ngoMashi 4 kwethulwe uhlaka lwengqalasizinda ngemva kokwethula yihhovisi likaMengameli i-Operation Vulindlela, izinhloso zayo nendima esikhathuliwe.
AbaseHhovisi likaMengameli batshela amalungu omkhandlu ukuthi uMengameli uzimisele ukuletha ushintsho ukuze kube noguquko lapho kunezinselelo nezingqinamba khona.
Sidinga ukusebenzisana ukusheshisa uhlelo lokugoma futhi siqinisekise ukuthi luyimpumelelo. Lolu hlelo yilona oluyingozi enkulu endleleni izwe elibukwa ngayo nokudalwa wukukhula komnotho ngo-6.3% ngekota yesine yangonyaka odlule kanjalo nokunyuka kwamanani okumbiwa phansi.
Wumsebenzi omqoka lona – asiwenze kahle.
Ukuqinisekisa ukuthi uhulumeni uyalifeza leli phupho lokuthi umnotho ukhule kumele uqinisekise ukuthi ongqongqoshe nabanye abaholi bayaphendula ngezinqumo zabo.
Ezinyangeni eziwu-17 ezedlule, u-60% wezicelo eziwu-400 zokuthi kukhishwe izimvume zokuthi indawo ikwazi ukusetshenziselwa ukukhiqiza okumbiwa phansi azikaphasiswa kanti kunezicelo eziwu-238 ezilinde ukuphasiswa wungqongqoshe.
Indlela yokulungisa loku wukuqinisekisa ukuthi ongqongqoshe nezikhulu zikahulumeni bayaphendula ngezinqumo zabo.
- UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA