UDkt uThulani Vilakazi, iSikhulu esiPhezulu e-Ithala SOC Limited.

Izithombe: Zithunyelwe

Usemnkantshubomvu ekuphathweni kwamabhange eNingizimu Afrika nakwamanye amazwe kanti usophe ukuthatha ibhange lasekhaya alibeke kwelinye izinga ezweni. Uxoxe noZANELE MTHETHWA ngohambo lwakhe

ZIMBILI izinto ezigqama ngamangwevu esikhulu esisemkhakheni wezezimali esinamava okusebenza emabhange akuleli zwe nakwamanye amazwe – imfundo nekhanda lezezimali.

Isikhulu esiphezulu e-Ithala SOC Limited uDkt uThulani Vilakazi, oneminyaka ewu-56, ugabe ngesipiliyoni sokusebenzela amabhange amakhulu okubalwa kuwona iStandard Bank Malawi Ltd, i-absa Group neNedbank Group. Wake wasebenza eValley Trust, lapho khona baxhasa izinkulisa ezevile ku-50.

Akugcini nje ngokuhlala emahhovisi anezihlalo ezintofontofo nomoya opholile lapho kukwitizwa khona isiNgisi kukhulunywa khona nangamatemu ezezimali kodwa futhi amakhono akhe uwasebenzisa nasemsebenzi wokufukula umphakathi, njengoba esemkhandlwini wesizwe seNkosi yabaMbo eMfeni, emKhandlini wobuKhosi baseLanga, e-Eston, ezweni lezimoba KwaZulu-Natali, ebukhosini okuzalwa kubo unina u-Eunice.

Kulapho amabanga aphansi awaqala khona esikoleni sendawo, ngaphambi kokuphothula uMatikuletsheni e-Isibukosezwe High School elokishini iMpumalanga.

Wake wathi xinti ekufundiseni, efundisa oNgoye. Ngemva kwaloko wabe esengena kwezezimali nezobuchwepheshe.

Uneziqu zeMBA zaseHenley Management College eLondon. Emkhakheni wezezimali waqala ngokusebenza e-Absa. Uke waba ngomunye wabaqondisi beMalawian Stock Exchange. UVilakazi ungomunye wababekhona kusungulwa iStanbic Bank Malawi Ltd. Ngaleyo nkathi wayesebenza eStandard Bank.

Kuthe ngoSepthemba nyakenye kuhlasele iCOVID-19 wathatha amatomu e-Ithala SOC Limited, engaphansi kwe-Ithala Development Finance Corporation.

Uthi yize ebekwe izwe lisavaliwe, ngenxa yobhubhane, kodwa uthi akuzwelanga kangako ngenxa yesipiliyoni. UVilakazi, ogabe ngeminyaka ewu-25 emkhakheni wezezimali, uyaweseka umbono wokuthi sekuyisikhathi sokuthi izwe libe nebhange eliphethwe wuhulumeni. Akahlonizi ukuthi Ithala lingalekelelana kahle nohulumeni ekusunguleni leli bhange.

UVilakazi nakuba ethathe amatomu ngesikhathi seCOVID-19 kodwa uqhubekile nokusha umsebenzi

Elanda ngokuqokwa yiThala, uthe isimo besimanzonzo njengoba namabhange eshayekile ngenxa yeCOVID-19. “Izisebenzi bezisebenzela emakhaya futhi zishintshana ukuze kulandelwe imigomo yeCOVID-19. Loku kwenze ukuthi kungasebenzeki ngendlela ejwayelekile. Kudingeke ngokushesha ngidwebe umhlahlandlela esizosebenzela phezu kwawo ukuya phambili, saphuma nohlaka olusha lokusebenza,” kulanda yena.

Uthe yize amakhasimende abo amaningi awasezindaweni ezisemakhaya, bawakhuthazile ukuthi asebenzise ubuchwepheshe. “Empeleni sekucacile ukuthi iCOVID-19 isazohlala isikhathi eside, indlela esesisebenza ngayo manje isizohlala unomphelo. Kuyacaca ukuthi amabhange asezosebenzisa kakhulu ubuchwephese, sizoncipha isidingo sokuya emagatsheni amabhange,” kuqhuba yena.

Uzishaya isifuba ngokuthi phezu kwezinselelo zeCOVID-19, bakwazile ukusiza amakhasimende abo adonsa kanzima. Uthi bakhiphe uR1 million beboleka amakhasimende. Kulawo makhasimende ubale abadayisi nosomabhizinisi abangabodwana, athe bashayeke kakhulu. Kudingeke behlise nomthwalo ngokuthi kube noshwele kulabo abanezikweletu ebhange.

Enaba ngombono webhange eliphethwe wuhulumeni, uVilakazi uthe lingatakula abantu abaningi abadonsa kanzima. “Ibhange eliphethwe wuhulumeni alibeki kakhulu phambili inzuzo njengoba kwenza amanye amabhange. Isibonelo nje wukuthi amabhange ajwayelekile uma umuntu ewakweleta bese elahlekelwa wumsebenzi ahluleke wukukhokha, uyahlawuliswa. Siwabonile amabhange aphethwe wuhulumeni emazweni afana neChina, ethuthukisa ngisho abalimi. Inhloso yebhange eliphethwe wuhulumeni wukuthi lithuthukise ngisho abasezindaweni ezisemakhaya,” kuchaza uVilakazi.

Njengoba Ithala selineminyaka ewu-60 lasungulwa, uVilakazi uthe linesipiliyoni esikhulu ekuthuthukiseni impilo yabantu. Ubona loku kungasiza nasekutheni lisheshe lingene khaxa embonweni webhange eliphethwe wuhulumeni.

UVilakazi usophe ukuvula isahluko esisha ne-Ithala

Ulinganise ngokuthuthukisa abantu ngokubaxhasa ngemali yokwakha izindlu. Uveze ukuthi amabhange amaningi awamboleki imali umuntu ozokwakha ezindaweni zamakhosi kodwa Ithala liyayamukela i-Permission To Occupy, incwadi esho ukuthi umuntu usikelwe emhlabeni wenkosi, ebantwini ababoleka imali yokhwakha.

Uthinte eyohlelo lomakhenikha  abangafundile, athe leli bhange libanikeze izindawo zokusebenza. “Okuhle wukuthi indaba yebhange loMbuso wumbono ovela ebuholini obuphezulu kuzwelonke. Ngisho uNdunankulu wethu KwaZulu-Natali uMnuz Sihle Zikalala uyaweseka lo mbono. Thina silinde ukugunyazwa ngelayisensi kuphela, konke kumi ngomumo ukuthi sesingaba yibhange eliphethwe wuhulumeni,” kusho yena.

Wake wakhethwa wuDkt uLeon Sullivan, ongasekho, owaba wusihlalo wokuqala omnyama weGeneral Motors USA. U-Sullivan wamqoka kwiTop 30 Best and Brightest Bankers e-Africa. Loku kumnike ithuba lokuqeqeshwa yiChase Bank New York, esiyaziwa ngeJP Morgan Chase.

Ngaphambi kokungena esikhundleni se-Ithala, ubesesebenze iminyaka elishumi eNedbank Group.

Uma engekho emahhovisi kanokusho asesicongweni futhi engenzi umsebenzi wokufukula isizwe, uVilakazi uwuntu womndeni nenkonzo. Uganwe wuMpume, uLaMkhwanazi, kanti banamadodakazi amabili nendodana kanti bakhonza eWeseli.

Ezinhlelweni zeThala zokuba yibhange loMbuso akungatshazwa ukuthi lo somaqhinga umelwe wumqansa njengoba amabhange afana nalo njengeVSB Mutual Bank, yodumo lokutanyuzwa kwezimali zempesheni yezaguga eLimpopo, engenalo igama elihle emehlweni abantu kanti futhi kuvele kunamabhange nezikhungo kukahulumeni iThala elizoqhudelana nawo njengeDevelopment Bank of Southern Africa neLand Bank.

Okunye ngoVilakazi:

  • Uthanda ezomlando, ezolimo, ukuvakasha, i-ocean yatching namahhashi;
  • Egalofin, una-5 handicap, umandla kwi-cross fit home gym ne-lumber jacking;
  • Esakhula wayeshelela ebholeni kanti uwumlandeli we-Orlando Pirates.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page