Amava kayise okuba ‘wumapendane’ amcabele indlela kulo mkhakha obone ithuba lokuqala ibhizinisi kanti selivuthiwe manje. Uxoxe noZANELE MTHETHWA
UMSEBENZI wokupenda ububukelwa phansi, umuntu owenzayo abizwe ngamagama ayiziswana. Namanje abantu abapendayo basabizwa ngomapendane, okufakazela ukubukelwa phansi kwalo msebenzi.
Abenza lo msebenzi bafaka ama-ovaloli agcwele amanembe kapende. Nokho emndenini waKwaMashu, eThekwini, lo msebenzi awugcinanga ngokwenziwa wubaba wakhona, owakwazi ukondla umndeni wonke, kodwa futhi sekungene indodana kuwona; kwasunguleka nebhizinisi elichumayo.
Ngenkathi uMnu uSiboniso Zwane eqala ukusebenza njengomapendane ezinkampanini zikapende ezehlukene ngezikhathi zobusha bakhe wayengazi ukuthi ngelinye ilanga umndeni uyosungula ibhizinisi lawo.
Ukusebenza ezinkampanini zikapende akumenzanga nje umapendane obukelwa phansi kodwa kumnike nolwazi olunzulu ngokuthakwa kwawo. Kuthe uma ethatha umhlalaphansi waphuma nesipiliyoni esimenze ngo-2017 wasungula ibhizinisi nendodana yakhe uMnu uLungisani Zwane, oneminyaka ewu-31.
Ngenkathi beqala ibhizinisi iZebraah Paints bebesebenzela egaraji ekhaya, benza okungajwayelekile bephuma bengena komakhelwane bedayisa.
Elandisa uMbele uLungisani, uthi ubengemusha ebhizinisini kodwa ubenomlando ongemuhle kulona.
“Bese ngiphelelwe nawukuzethemba ebhizinisini ngoba bese ngihluleke kwamane (amabhizinisi) phambilini. Kuthe noma siqala elikapende kwanzima nokuzikhangisa ngoba ngisaba ukuthi kuzokwenzeka nalo lingasimami,” kulanda yena.
Nokho okumqinisie idolo yisipiliyoni esinzulu sikayise.
“Ubaba ubenenhlanhla yokuthi izinkampani abezisebenzela bezimqeqesha nasekuthakeni upende nangomsebenzi wonke. Awukho upende angakwazi ukuwuthaka, okwenza nopende wethu wehluke kakhulu. Ngesikhathi siqala bekunzima ngoba abantu bebengasithembi. Sizame ukungena nasezitolo kodwa sachithwa, okwenze sanquma ukuzidayisela ekhaya,” kusho yena.
Umsebenzi ukhule ngamandla, okwenze ukuthi ngoMashi wango-2018 bathuthele endaweni evulekile KwaMashu, kwa-E ema-workshop. Le ndawo isincane njengoba behlanganisa khona upende, bawufake emabhakedeni.

Sebefake nesicelo sendawo evulekile. Uthe ukuthola indawo evulekile kuzokwenza bakwazi nokwenza ezinye izinhlobo zikapende abangakazenzi.
Ibhizinisi baliqale ngokushaya iphakethe labo. Uthi basebenzise imali kayise yempesheni. Ukuqala ibhizini kubadle ngaphezu kukaR200 000. Kudingeke bengeze ngoR97 000 bethenga umshini omkhulu wokuthaka upende. Uveze ukuthi kudingeke ukuthi naye afake isandla ephaketheni, baphinde baboleka enye ukuze lisukume ibhizinisi.
Umshini abawusebenzisayo ukhipha amalitha awu-400. Kudingeke ukuthi bathenge neveni yokuthutha upende. Kumanje amaveni okusebenza asemabili, baqasha nezisebenzi ezintathu.

“Akunzima ukuqala leli bhizinisi, wukuthi nje abantu bashoda ngesibindi. Sifisa ukukhula siqeqeshe abanye, kuvuleke amathuba omsebenzi nawebhizinisi. Inselelo enkulu wukuthi izinkampani zikapende zisaphethwe abebala (elimhlophe), okwenza kube nzima ukungena kwezinye izindawo. Sizama nokungena kuhulumeni ngoba nakhona kusenzima ukuthola umsebenzi,” kusho uZwane omncane.
Bathaka upende wodonga, owophahla nosetshenziswa ngamaciko adwebayo. Uthi okwenza bahluke wukuthi awukho upende abangakwazi ukuwuthaka.
Yize kubonakala sengathi leli yibhizinisi elingangenisi imali njalo, uthi abantu sebewushintsha njalo upende emizini yabo, abasalindi uKhisimusi. Loku kwenza ibhizinisi lingantengi. Bayakwazi nokupenda imizi emikhulu kodwa kwemincane umsebenzi bawudlulisela kosonkontileka abancane.
“Ibhizinisi likapende lifuna uqinisekise ukuthi uyawushaya umsebenzi. Okwenze amakhasimende ethu anamathele kithi wukuthi siwanikeze isiqiniseko sokuthi upende wethu owangempela futhi uyahlala,” kusho uZwane omncane.
Ngokwezinhlelo zekusasa uma bethola indawo enkulu bazoqala ukwenza nowokudweba imigwaqo nezinye izinhlobo.
Facebook: Zebraah Paints