Uwusomabhizinisi uziphucula kanjani ukuze ubengcono?, kuloba uNtokozo Biyela
NAMHLANJE ngifisa sibheke izindlela eziyisikhombisa ongazisebenza ukuze ube wumuntu ongcono empilweni.
Loku ngikubiza ngokuthi wukuphila impilo yobizo. Ngiyazi abaningi bakuthatha kancane ukuthi kwakona ukuba sebhizinisini noma ukuzisebenza kuwubizo oluthile.
Asikuqondi ukuthi akuthina sonke esingaba wosomabhizinisi, yingakho kubalulekile ukuthi thina esibizelwe ukuguqula impilo yabantu kwezomnotho nezamabhizinisi senze izindlela ezilula zokuthi abantu bakwazi ukuhlomula noma ukukhula empilweni.
Ngesonto eledlule kade ngiqeqesha osomabhizinisi abancane eKapa. Besigxile ekutheni bangenzanjani ukuziguqula ukuze bazisimamise bona uqobo ngolwazi kanjalo namabhizinisi abo.
Nazi ezinye izinto esizidingidile ngaphambi kokukhuluma ngezimo ababhekene nazo kwezamabhizinisi:
- Ezomnotho
Uyiphatha kanjani imali empilweni yakho? Unawo yini amacebo athile owasebenzisayo noma owalandelayo ngokusebenzisa imali ngobuqotho? Ikhona imigomo ethile oyilandelayo ekwenza ungazitholi ususenkingeni yokushodelwa yimali?
- Ezomsebenzi
Ingabe umsebenzi owenzayo uyakugculisa na? Ingabe ibhizinisi okulona liyinto owawunesifiso sokuyisungula futhi ugugele kuyona? Ngaphandle kwemali oyingenisa ngebhizinisi lakho, kungabe liyakujabulisa, uzizwe ukuthi ugculiseke ngaphakathi uma usebenza kulona noma seliwumthwalo empilweni yakho? Kuhle ukwenza into ekujabulisayo. Loko kwenza uvuke ngisho phakathi kwamabili ungakhonondi wenze umsebenzi.
- Umndeni
Bunjani ubudlelwano bakho nomndeni wakho? Ingabe konke kuhamba kahle? Niyazwana? Ngesonto eledlule sibheke lolu daba ukuthi kubaluleke kangakanani ukwakha ubudlelwano obuhle phakathi kwakho namalungu omndeni wakho. Loku kwenza kube lula ukuba nobudlelwano obuhle nabantu obaholayo.
- Abangani
Nalapha kuhle ukuthi uke ubheke ubudlelwano onabo nabangani bakho. Banjani abangani osondelene nalo noma wena ozimatanisa nabo? Loku kubalulekile ngoba isikhathi esiningi impumelelo yakho, kulula ukuyibona ngohlobo lwabangani onabo.
- Izinkolelo zakho
Ngabe yini okholelwa kuyona empilweni nasemoyeni nje? Lezi zinto zinomthelela othile empilweni yakho. Ezinye zazo zingenza ukwazi ukuqhubekela phambili kalula kanti ezinye zingaba yimbangela yokungayi ndawo. Kuhle-ke ukucubungula kabanzi ukuthi iziphi izinto eziwusizo, yiziphi ezingakusizi ngalutho empilweni.
- Ukunakekela umzimba
Loku kumayelana nazo zonke izinto ezisiza ukuthi zonke izinhlaka zomzimba wakho zibe sesimweni esihle. Lapha sisho izinto eziphathelene nomqondo wakho, umzimba wakho qobo, ukubukeka kwakho nempilo yokujula komqondo nokucabanga kwakho. Ziningi-ke izinto abantu abazenzayo ukuthi zonke lezi zinhlaka zomzimba nokuphila kwakho zihlale zisesimweni esihle. Kungaba wukuzivocavoca, ukufunda izincwadi ukuze uthole ulwazi, ukubona odokotela bezengqondo ukuze bakweluleke ngokukuhluphayo emqondweni nasemoyeni.
- Ukufunda nobuchule
Yini oyenzayo ukuze wakhe ubuchule obusha ekwenzeni izinto? Loku kwengeza amava oba nawo kuleyo nto oyenzayo emkhakheni wakho. Kuhle ukuzakha, wandise ulwazi. Loku kusiza ukuthi njalo nje uhlale unolwazi olusha ongaludlulisela ebantwini osondelene noma ohlangana nabo emikhakheni eminingi ozithola kuyona.
Lezi yizinto eziyisikhombisa engicabanga ukuthi zibalulelike ukuthi sizibheke njengabantu ukuze siziqonde kabanzi kwathina ukuthi singobani, sifunani futhi siphokophelephi empilweni.
Kubalulekile futhi ukuthi senze izinto ezihambisana nobizo lwethu. Loko kwenza siyithande imisebenzi esiyenzayo futhi siyenze ngenhliziyo emhlophe.
Kuhle ukwenza into oyithandayo noma-ke kungeke kwenzeka ngaso sonke isikhathi. Kufanele futhi sivume uma indlela ebesiyihamba isithanda ukushintsha kancane ngoba loko kusuke kufana nezinkomba ezisho ukuthi manje sekuyisikhathi sokushintsha indlela.
Ekwenzeni loko uyothi ufika ekupheleni kohambo lwakho uthole ukuthi njengoba ubuloku wenza into oyithandayo, wakhe umlando ozowushiyela abantu noma izizukulwane zakho kodwa wena ukade unganakile.
- UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift
Facebook: Ntokozo Mondli Biyela