Siphila esikhathini lapho impilo ilawulwa wubuchwepheshe ngezindlela ezihlukene nokwenza ukuthola ulwazi kube lula. Kukhona nezinkundla zokuxhumana lapho noma ngabe wubani, hhayi nje ungoti kuphela ekwazi ukubhala noma yini ayithandayo kuzona. Kodwa akulona lonke ulwazi olutholakala kwi-internet nasezinkundleni zokuxhumana oluyiqiniso nokungakho kumqoka ukwazi ukuthi uyibona kanjani into ukuthi iyiqiniso noma cha. Kusukela namhlanje sizokwethulela umkhankaso oxhaswe yi-Africa Check ozonicushisa ngaloku

Ungalihlukanisa kanjani iqiniso nombono?

AKUYONA yonke inkulumo ongakwazi ukubheka uthole ubuqiniso bayo. Umbuzo wokuqala okumele uzibuze wona ngaphambi kokuzama ukubheka ubuqiniso ngothi: ingabe le nkulumo ingahloleka yini noma cha?

Mhlawumbe ukuze kube lula ukuqonda konke lokhu, ukwazi nokugwema ukudideka, okumele ukwazi wukuthi umbhalo ongakwazi ukuwubhekisisa yilowo onobufakazi, bese ongeke ukwazi ukuwubhekisisa kube yilowo owumbono, izethembiso noma ukuqagela ukuthi yini engenzeka ngomuso.

Ngezansi sizonaba ngomehluko phakathi kweqiniso eligaquki, i-fact, nombono, i-opinion

Ubufakazi yiwona mongo weqiniso. Iqiniso lingakwazi ukuhloleka, liphinde lesekwe ngobufakazi.

Imibono isuselwa kulokho umuntu akholelwa kukhona okungenzeka kwesinye isikhathi akushoyo kube nokuchema. Ukucabanga ukuthi into ethile iyiqiniso ngoba nakhu sivumelana ngayo, akuyenzi ibe iqiniso. Abantu ababili bangaba sendlini eyodwa, omunye athi kuyashisa kodwa omunye ebe ethi kuyabanda.

Leyo mibono ngeke ukwazi ukuyihlola ubuqiniso bayo. Kunalokho ongakwazi ukukuhlola yisimo sezulu noma izinga lokushisa nelokubanda kuleyo ndlu. Ulapho-ke umehluko.

Ukuqagela nakho ongeke ukwazi ukukuhlola ubuqiniso bakho buyinkulumo esiqagelayo noma esethembisa ukuthi into ethile izokwenzeka ngomuso. Umuntu ohlola ubuqiniso bento angathatha amanothi kokuhlawumbiselwa wusopolitiki noma ungoti wezempilo ukuthi kuzokwenzeka ngomuso, bese ngokuhamba kwesikhathi ahlolisise ukuthi ngabe ababekuhlawumbiselile kwagcina kwenzeke njengokusho kwabo yini.

Izinhlangano ezihlola ubuqiniso bezinto, ezinjenge-Afrika Check, zivame ukwenza lokhu zisebenzisa okubizwa nge-promise tracker tool. 

Ngezansi sinezibonelo ezingakusiza uqonde ngokuphelele ukuthi iyiphi inkulumo ongakwazi ukuyihlola ubuqiniso nongeke ukwazi ukuyihlola:

  • Inkulumo: Akekho umuntu wase-Ethiopia ongafuna ukuyokwelashwa ngokwezempilo kwelinye izwe.
  • Ungakwazi ukuyihlola? Cha, ngoba siwukuqagela nje noma umbono wothile.
  • Inkulumo: Inhlangono eyengamele ezempilo emhlabeni, i-World Health Organization (i-WHO) yenza konke okusemandleni ukulwa nobhubhane iCOVID-19.
  • Ungakwazi ukuyihlola? Cha, iwumbono womuntu othile. Abantu abahlukene bangaba nemibono eyehlukene ngokuthi “yenza konke okusemandleni”.

Ukugcwalisa ukuthi into ethile ingakwazi ukuhlolwa ubuqiniso bayo noma cha yisona sinyathelo sokuqala sokuhlola. Ngezansi izibonelo zezinyathelo ezimbili zokuhlola ubuqiniso bento:

  • Isibonelo sokuqala: Kuyabanda eGoli namhlanje. Ngeke ukwazi ukuhlola ubuqiniso balokhu njengoba kuwumbono womuntu, ongaya ngokuthi yena ujwayele isimo sezulu esinjani.

Umuntu ojwayele isimo sezulu saseTzaneen, eLimpopo, angabona ukuthi kuyabanda, bese kuthi omunye oqhamuka kwelinye izwe eliseNyakatho yoMhlaba, angachaza isimo sezulu saseGoli njengesishisayo

Isimo sezulu eGoli siwu-20°C namhlanje. Lokhu kungahloleka ubuqiniso bakho futhi kungaqinisekiswa ngoba kuyakwazi ukukaleka nokubhekisiswa ukuthi kuyiqiniso ngempela yini.

  • Isibonelo sesibili: Abantu bagcina sebenegciwane lengculazi (i-Aids) ngomphumela wokutheleleka ngegciwane lesandulela yalo (i-HIV). Lokhu kuyiqiniso. Sekufakazeliwe ngokocwaningo lwezesayensi ukuthi igciwane lesandulelangculazi lidala ingculazi uqobo.

Abantu abatheleleke ngegciwane lesandulela ngculazi (i-HIV) bonke bafa ngokushesha. Lokhu kuwumbono, ikakhulu oncike ezinkolelweni noma ezimweni umuntu aseke wabhekana nazo. – yi-Africa Check

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page