Bavuke bazithatha abadilizwa kwaRainbow Chicken njengoba sebengabalimi bezinkukhu ezithi bona. UZANELE MTHETHWA uxoxe nabo
KUGCWALISEKE isisho esithi ukuwa kwenye wukuvuka kwenye ezisebenzini ezadilizwa kwaRainbow Chicken eCato Ridge, entshonalanga yaseThekwini. Kwaqhuma isililo nxa zonke ngenkathi kudilizwa izisebenzi ezingaphezu kuka-100 kule nkampani, kwalala ikati eziko emindenini eminingi.
Nokho ezinye izisebenzi azivumanga ukuqhatha usizi, zilinde ukukhangezwa emuva kwalo mshophi. Kunaloko zicabange ibhizinisi lezinkukhu njengoba kuyiwona mkhakha eziwazi kangcono.
UNksz uNonhle Mdunge, omunye wabadilizwa, usewusihlalo we-Isukile Agricultural Co-operative, esungule iCato Ridge Poultry Farming. Wunyaka wesihlanu lona seloku uNksz uMdunge adilizwa nabalingani bakhe.
“Sibawu-129 esahlangana emva kokudilizwa sabhunga ukuthi singenzenjani ukuziphilisa. Ngo-2017 sahlangana noSihle Zikalala (uNdunankulu waKwaZulu-Natali), wasiluleka ukuthi sisungule umfelandawonye ngoba sibaningi,” kulanda yena.

Uthe ngenkathi bebhunga ngebhizinisi babefuna ukuqala ngokutshala kodwa baswela indawo. Emva kokulekelelwa wuhulumeni, bagcine beqala ibhizinisi lezinkukhu ngoDisemba ngonyaka odlule. Basebenzisa izindlu ezimbili epulazini obekungelakwaRainbow Chicken.
“UMasipala waseThekwini wathenga ipulazi esiliqashile, okuyilona esisebenzela kulona. Sibawu-34 esikuleli bhizinisi ngoba abanye banentshisekelo kolunye uhlobo lwebhizinisi. Sixhaswe wuMasipala ngamachwane awu-15 000, abelokhu elethwa ewu-4 000 ngesikhathi,” kuqhuba uNksz uMdunge.
Uthe njengoba besebenzisa izindlu ezimbili, bakhulisela kuzona amachwane abawadayisa uma esenemasonto ayisihlanu. Bashintshana ngokwamashifu amabili ukugada umsebenzi. Yize benolwazi lomsebenzi wokufuya izinkukhu kodwa zikhona izinselelo njengakuwona wonke amabhizinisi.
“Izindlu esikhulisela kuzona izinkukhu sezindala ngoba kade zagcina ukulungiswa. Sisebenzisa amalambu axhunywa kugesi ngoba izinkukhu zidinga ukukhanya uma zikhuliswa. Kwesinye isikhathi ezinye izinkukhu ziyafa ngenxa yokushisa ezindlini esizisebenzisayo,” kusho yena.

Ugcizelele ukuthi leli bhizinisi linawo amathuba okusimama, inselelo wukuthi indawo abayisebenzisayo incane. Uma bengathola izinsiza ezifanele bangagcina benendawo yokuhlinza izinkukhu, badayise nesezilungele ukungena emafrijini. Uthe amanye amakhasimende afuna izinkukhu esezihlinziwe, okuseyinselelo kubona ukuzidayisa.
Amakhasimende abawadayiselayo ngosomabhizinisi abadayisa emakethe eMgungundlovu. Baphinde baphakele abaseClermont, Isiphingo, eMbumbulu nasemphakathini waseMpumalanga.
Uthe iningi lamakhasimende athenga ngomthamo omkhulu, okwenze ibhizinisi lashesha ukuchuma.
Bayafisa ukusimama ebhizinisini ukuze bavule namathuba entsheni yomphakathi. Uthe kusukela laqalwa ibhizinisi selingenise imali elinganiselwa kuR150 000 ngemva kokudayisa izinkukhu eziwu-7 500.
Amalungu e-Isukile asanda kuvakashelwa yiMeya yaseThekwini uMnuz uMxolisi Kaunda, obezobheka umsebenzi epulazini.
Uthembise ukuthi bazokwenza i-Agri Park Incubator kuleli pulazi, abahlose ngayo ukuqasha abantu abawu-103.
“Simatasa nezinhlelo zokusungula ipulazi leziklabhu nelizovulela osomabhizinisi abancane abalinganiselwa ku-48 amathuba. I-sheep unit installation eCato Ridge izoqala ngoMeyi kanti kubhekwe ukuthi iphothulwe ngoJulayi nonyaka.
“Esigabeni sokuqala, izindawo ezine zokufuya iziklabhu zizokwazi ukumumatha iziklabhu eziwu-1000 iyodwa. Isigaba sokuqala sizovula amathuba emisebenzi awu-16,” kusho uKaunda.