Izingqinamba nobungozi ongahlangana nazo ebhizinisini, kuloba uNtokozo Biyela

KULELI sonto ngifisa sibheke izinkinga ongahlangabezana nazo uwusomabhizinisi noma ebhizinisini okulona ngezigaba zalo.

Ukungena nje ebhizinisini kuza nobungozi bakho. Phezu kwaloko bese kuba uwena njengomnini webhizinisi ongase ubhekane nezingqinamba ezithile, kuya ngohlobo lwemboni osuke ungene kuyona. Loku kuncika kakhulu olwazini onalo kuleyo mboni. Ubunzulu nolwazi onako kungakuphumelelisa noma kukufake enkingeni. Bese sibheka imithetho ethile ehambisana nohlobo noma imboni yebhizinisi okulona. 

Konke loku kuhlangene kungadala izingqinamba nobungozi obuningi uma kuwukuthi ekuqaleni kwebhizinisi akubhekisiswa ngeso elibukhali.

Ake sibheke wena uqobo njengosomabhizinisi. Inkinga yokuqala nje engiye ngiyibone wukuthi abantu abaningi bangena emabhizinisini abangawazisisi ukuthi enzani. Uthola umuntu engena ngoba ezwe kuthiwa kwenziwa imali. 

Ake senze isibonelo ngemboni yezokwakha. Abantu abaningi abasembonini yezokwakha amabhilidi noma imigwaqo abasibona onjiniyela abafunde kabanzi ngokhwakha. Abakhi abaningi noma abantu abanezinkampani ezakhayo ngabantu okulula ukufaka i-tender ukuze bathola umsebenzi wokwakha, bese bengena kanjalo endimeni yokwakha.

Loku akusho kodwa ukuthi abazange baqashe ongoti uma kwezokwakha. Bayaqasha kodwa bakhona abanye abaphethe inkampani ngolwazi olungenele noma olufushane.

Okunye okungaba yingozi wukuthi wena ungusomabhizinisi ungabi nogqozi lokwenza lelo bhizinisi okulo. Loku kwenza ungabi nawo umdlandla wokuqhuba ibhizinisi lakho.

Enye inkinga wukuthi uma usuliqalile ibhizinisi bese uziholela imali enkulu ibhizinisi lakho elingakakwazi ukuyithwala, uphinde uhluleke wukuhlukanisa imali yebhizinisi neyakho. Wubungozi obukhulu lobu.

Enye inkinga enkulu wuhlobo lwezisebenzi oziqashile. Ingabe uqashe abantu abazokwenza loku okulindelekile kubona ukuze ibhizinisi lichume. Mhlawumbe ubaqashile nje abanazo izinkontileka noma into esho ukuthi benza msebenzi muni, abanakekeli amakhasimende, ngabantu abangenandaba nokufika emsebenzini ngesikhathi noma unezisebenzi eziningi kunokudingwa yibhizinisi.

Omunye wabangani bami wake waxoxa isehlakalo esake samehlela edlula kwenye indawo izinsizwa ezisebenzela inkampani yamabhuloho zazama ukumdayisela usimende ngamanani aphansi ngoba zifuna imadlana, kwazise umqashi wayesathe shelele. Wabonga, waziqhubekela ngendlela.

Loku singakuthatha kancane kodwa kuyacaca ukuthi yinto lena lezi zinsizwa ezazijwayele ukuyenza. Nabu ubungozi obuhambisana nalesi senzo. Lezi zinsizwa zazingenako ukuqonda okuphelele ukuthi ukuma kwebhuloho isikhathi eside kuya ngamanani kasimende asuke esebenzile uma kuxovwa usimende. Kuzona zakuthatha kancane ukuthi amasaka amabili noma amathathu ngeke enze mehluko kanti azazi ukuthi abaluleke kanjani ekuqiniseni ukhonkolo webhuloho. Ukube zake zalunguza esikoleni sokufundela ukwakha, zafunda izifundo ezimayelana nokuqina kwezinto zokwakha, phecelezi i-strength of materials, ngabe azilenzi nangengozi lelo phutha. Iyona-ke le nto eyenza sigcine sesinamabhuloho antekenteke nabhidlikayo.

Uma kuziwa kwezezimali, maningi ke amabhizinisi azithola esenkingeni ngokungabi nezincwadi ezihlelekile. Uma ibhizinisi lakho lingenzi imali, uba sengcupheni yokuthi livale. 

Abanye benza izikweletu ezingaphezu kwamandla ebhizinisi noma basebenzise imali budlabha. Uthole ukuthi amanye amabhizinisi awanabo umgcinimabhuku. Loko kwenza ukuthi ibhizinisi lingafaki i-invoice ngesikhathi, okwenza ukuthi kushode imali yokukhokhela izisebenzi noma labo abahlinzeka inkampanini ngezinto ezithize noma abayidayiselayo.

Kunezimboni okufanele ukuthi ngaphambi kokusebenza kuzona kufanele uhambisane nemigomo ethile. Uma kungenjalo, akukho okwenzekayo. Singabala abaqoqintela. Uma izindaba zentela yebhizinisi zingalungile, ngeke ukwazi ukuthola imisebenzi ethile.

Kokunye kube yimigomo ebekwa womasipala ukuthi ungasebenza kanjani kuphi futhi. Inkinga amabhizinisi abhekene nayo ezokuphepha kwabasebenzi nebhizinisi uqobo. Loku kubalulekile, ikakhulukazi njengoba umhlaba wonke ubhekene nobunzima be-lockdown.

Ngesonto elizayo ngizofisa ukuthi sibheke ezinye izinhlaka ezibalulekile ebhizinisini ezingase zikufake ebungozini noma zibe yizingqinamba ekusebenzeni ngokukhululeka.

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting 

Facebook: Ntokozo Mondli Biyela

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page