Waqaphela ukuthi inkulu indaba emhlabathini ngenkathi ebambe itoho epulazini osenepulazi elithi yena. Uxoxe noZANELE MTHETHWA
UBEHOLA ibhakede likatamatisi ngenkathi ebamba amatoho emapulazini umlimi osemncane waseMzimkhulu, KwaZulu-Natali. Kepha zishintshile izinto njengoba esephakela amasuphamakethe.
UNksz uMbali Bengu, oneminyaka ewu-29, uyisitshudeni saseDurban University of Technology (eDUT), lapho esesemaphethelweni eziqu i-Bachelor of Education khona.
Ukuba kulesi sikhungo semfundo yikona okumnike amandla okusungula ibhizinisi Ik’saselihle Fresh Vegetables.
Yize eliqale ngo-2019 leli bhizinisi lezolimo kodwa libonakala lidlondlobala ngokushesha. Uthi okwenza lidlondlobale ngokushesha wukuthi abekho abalimi abaphakela izitolo njengaye ngakubo.
“Ukusebenza epulazini ngineminyaka engu-18 yikona okungivule amehlo ngabona ithuba lebhizinisi kwezolimo. Ngangisanda kuqeda u-matric ngesikhathi ngisebenza epulazini, sibuye siholelwe ngebhakede likatamatisi.
“Epulazini besivuna amaklabishi nawo utamatisi, ngabona ukuthi ikhona imali kuleli bhizinisi indlela ebesinesivuno esiningi ngayo,” kusho yena.
Elanda ngokuqala kwakhe ibhizinisi, uthi uhlomule ngaphansi kohlelo lokuxhasa izitshudeni e-DUT. Bekuxhaswa izitshudeni ezifisa ukuqala ibhizinisi, ziphinde ziqeqeshelwe ukuliphatha. Ngenxa yokuba nevuso lokuba ngusomabhizinisi, uligxumele leli thuba.
Uveze ukuthi waqala waxhaswa ngoR15 000 , awusebenzisela ukubiyela ipulazi. Akubanga wumqansa ukuqala ngoba ucele ukusikelwa umhlaba wakubo. “Ekhaya bekunomhlaba omkhulu kodwa ungasetshenziswa. Ngicele (ukuthi) banginikeze wona ukuze ngilime. Banginike umhlaba ongamahekthare ayisihlanu kodwa ngisatshale amabili ngenxa yokuswela imali eyanele. Kudingeke (ukuthi) ngiqale ngokutshala ubhontshisi ukuze kuvunde kahle umhlabathi obungakaze ulinywe,” kulanda uNksz uBengu.
Uthi uphinde wengezelwa ngoR39 000 kuloku kuxhaswa kwezitshudeni, wakwazi ukuqala kahle ibhizinisi. Usetshale isipinashi, amaklabishi, amazambane ne-butternut. Ufisa ukuqhubeka atshale namanye amaveji, wathi okubambile wukungabi nemali eyanele yokulima umhlaba wonke.

Eqala ukutshala uvune amasaka ayisithupha kabhontshisi namasaka amanye amaveji awatshalile. Ubesevele esenawo amakhasimende, aqale ukuwashela esaqala ukutshala nokuyikona okwenze kwaba lula ukudayisa sonke isivuno sokuqala.
Uthi uqale ngokuphakela izinkampani ezizimele eziphekayo, edayisela nabantu bendawo. Uthi ayinyama amaveji emasuphamakethe amakhulu ngakubo ngoba abekho abalimi abawaphakelayo. Usanda kuphakela amasuphamakethe izixhaka eziwu-300 zesipinashi. Usanda kuvuna amasaka awu-50 e-butternut, amaklabishi awu-400 namasaka amazambane awu-45.
Mathathu amasuphamakethe awaphakelayo eMzimkhulu. Uthi indlela athengwa ngayo amaveji akhe, uze aphelelwe yisitoko amasuphamakethe esafuna ukuthenga.
Nakuba ekhonze ukuzibambela ensimini ukuze aneliseke ukuthi konke kuhamba kahle kodwa ngenxa yokukhula komsebenzi kudingeke ukuthi aqashe izisebenzi ezintathu ngokugcwele neziyisishiyagalombili eziyitoho.
Nokho akakwazi ukuzibambela njalo ngoba usanda kuqashwa njengothisha oyitoho ngaphansi kohlelo lomNyango wezeMfundo.
UNksz uBengu uthi uma engaqashwa ngokugcwele ngeke liphazamiseke ibhizinisi.

