Siphila esikhathini lapho impilo ilawulwa wubuchwepheshe ngezindlela ezihlukene nokwenza ukuthola ulwazi kube lula. Kukhona nezinkundla zokuxhumana lapho noma ngabe wubani, hhayi nje ungoti kuphela ekwazi ukubhala noma yini ayithandayo kuzona. Kodwa akulona lonke ulwazi olutholakala kwi-internet nasezinkundleni zokuxhumana oluyiqiniso nokungakho kumqoka ukwazi ukuthi uyibona kanjani into ukuthi iyiqiniso noma cha. Siyaqhubeka nomkhankaso oxhaswe yi-Africa Check ozonicushisa ngaloku
Imithombo ethembekile yokuhlola ubuqiniso bolwazi
LE MITHOMBO ingaba yisiqalo sokuzama ukuthola ulwazi olusezingeni eliphezulu. Nakuba kunjalo nokho kumele uhlale ubeke emqondweni ukuthi awukwazi ukuvele uthathe noma iyiphi inkulumo nje bese uzitshela ukuthi inolwazi okuyilona ngesihloko esithile.
Ukuxhumana ngqo nomthombo ukuze uthole ulwazi okuyilona olusha ngokwemiphumela yocwaningo lwakho, uqhathanise ulwazi olutholile nolweminye imithombo noma uxhumane nongoti kulowo mkhakha ongakusiza uhlanganise ulwazi olukholakalayo ngezinye zezindlela ongazisebenzisa ukuhlanganisa ulwazi olunobuqiniso.
Eminye yemithombo ongayisebenzisa ukuqoqa nokuthola ulwazi oludingayo ngokwemikhakha eyehlukene yempilo yilena engezansi:
- Izikhungo zemininingwane ezinjengeStatistics South Africa.
- Izinhlangano zamazwe omhlaba ezinjenge-United Nations ne-World Bank.
- Amanyuvesi avelele emhlabeni esingabala kuwona i-Havard University, i-Stanford University, i-Oxford namanye nezikhungo zocwaningo.
- Ohulumeni.
- Ongoti bemikhakha ehlukene.
- Izinhlangano ezibhekisisa ubuqiniso nemibhalo nolwazi olwehlukene ezinjenge-Africa Check.
Ngemininingwane emayelana nezempilo umhlaba wonke, ungabheka kule mithombo engezansi:
- I-Institute for Health Metrics and Evaluation (healthdata.org)
- I-World Health Organization (who.int)
- I-World Bank (worldbank.org)
- I-Unicef (unicef.org)
Ngolwazi olumayelana nobhubhane iCOVID-19, ungabheka le mithombo yolwazi engezansi:
- I-World Health Organization (who.int/emergencies/diseases/novel-coronavirus-2019)
- Iminyango yezempilo.
- I-Poynter’s CoronaVirusFacts database (poynter.org/coronavirusfactsalliance/)
Ngeminye imininingwane ngeCOVID-19, ezempilo e-Afrika nasemhlabeni jikelele nokunye okunjalo, ungabheka le mithombo engezansi:
- africacheck.org/how-to-fact-check/factsheets-and-guides
- africacheck.org/infofinder
- africacheck.org/infofinder/#/facts/covid-19).
#StopDisinformation
#Ungalutheki