Sidinga uMboweni atshengise ukuthi uhulumeni uyayazi into oyenzayo, kuloba uNksz uBusi Mavuso
ISABELOMALI esizokwethulwa kuleli sonto simqoka ekukhombiseni wonke umuntu ukuthi uhulumeni uyayazi into ayenzayo ngemali. Ngonyaka odlule kwakucacile ukuthi akayazi ngoba izindleko zazingaphezu kwemali engenayo, loku yinto eyayiqale ingakahlaseli iCOVID-19 futhi sasingazami ukukuguqula loko. Sasibhekene nenkinga enkulu.
UNgqongqoshe wezeziMali uMnu uTito Mboweni wathembisa ushintsho – ukunciphisa ukukhula kwezindleko. Manje usezothola ithuba lokukhombisa ukuthi uhulumeni uzibophezele kuloko. Kodwa ekwenzeni njalo uMboweni kumele akhombise nokuthi uhulumeni ugxilile nasekutheni ziyini izindleko ngokuthi angazinciphisi nje kodwa aqinisekise ukuthi imali isetshenziselwa izinto ezifanele.
Sidinga ukutshala imali kuhulumeni ozokwazi ukuphatha umnotho okhulayo futhi ulethele nabo bonke abantu baseNingizimu Afrika izidingo zabo. Kumele sihlukane nokumosha imali kodwa sigxile ekutshaleni imali kwingqalasizinda nasekuqiniseni amaxhama kahulumeni.
UNgqongqoshe uMboweni usebe nenhlanhla. Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule amanani okumbiwa phansi abedla amagalane, nokunyuse imali engenile ezimayini kanjalo nentela eqoqiwe; ngakho kunemali ethe xaxa kunebilindelwe ngo-Okthoba. Loku kuzokwenza ukuthi kuphefumuleke kancane kodwa akusiguquli isimo.
Inkinga ungqongqoshe anayo yilena yokuthi asikho esinye isisombululo ngaphandle kokuthi kukhule umnotho. Ukukhula komnotho yiyona ndlela yokwandisa imali yentela uhulumeni ayiqoqayo, nezokwenza ukuthi kulungiseke isimo semali. Ngakho enye injongo kangqongqoshe kumele kube wukukhuluma ngendima esikhathuliwe ekuvuseleleni umnotho.
UMengameli uCyril Ramaphosa ukhulume ngokubaluleka kokuvuselela umnotho ngenkathi ethula iNkulumo yeSimo seZwe emasontweni amabili edlule ikakhulukazi ngohlelo i-Operation Vulindlela, okunethimba elibunjwe ngabasehhovisi lakhe nomNyango wezeziMali ukuhola lo msebenzi.
UMengameli uthe lezi zinhlelo zithinta ugesi, amanzi, ezokuxhumana, ezokuthutha nokukhishwa kwezimvume zokuvakasha nokuthuthela kuleli zwe.
UNgqongqoshe uMboweni kumele aqhubeke lapho akhombise ukuthi umNyango wezeziMali ugxile kanjani kulo msebenzi wokuvuselela (umnotho). Kufanele ushintsho lufake nendlela ingqalasizinda ethengwa ngayo.
Ukutshala kwingqalasizinda yikona okubekwe eqhulwini ekuvuseleleni umnotho futhi kufanele. Uhlaka lokuvuselela umnotho olwagunyazwa yiKhabhinethi nyakenye lubalula isidingo sokuguqula imithetho uhulumeni athenga ngayo ingqalasizinda, okukhona nokubambisana phakathi kukahulumeni nemboni ezimele nendlela loku okwenziwa ngayo ukuze kube lula ukuthi imboni ezimele ikwazi ukuxhasa nokwakha ingqalasizinda kahulumeni. Nokho asikezwa lutho olutheni emNyangweni wezeziMali ngezinhlelo zawo kuloku.
Okuhluphayo yikona ukuthi izinguquko azihlale zizinhle. Inkulumo kamengameli ngokuguqula izimvume zokuvakasha nokuthuthela kuleli zwe yalandelwa wukukhishwa kohla lwamakhono ashodayo, olwakhishwa wumNyango wezaseKhaya. Lolu hla lwakhombisa ukuthi kukhona kuhulumeni abafuna ukulawula kunokuthi benze ukuthi amabhizinisi aphumelele adlondlobale.
Lolu hla lukhishiwe ukuze umphakathi uphawule ngalo kodwa nje iyonke indaba yamakhono ashodayo yinto engekho. Uhulumeni awukwazi ukusho ukuthi yimaphi amakhono adingwa ngamabhizinisi – akekho ongasho.
Sekukhulunywe kakhulu ngokuthi lolu hla lufaka abapheki nalabo abakwazi ukuphatha ama-caravan nama-camp sites kodwa akushiwo lutho ngabaphathi abadingekayo ukuphatha izinkampani ezinkulu.
Umnotho oncintisanayo futhi ozama izinto ezintsha uhlale uzodinga amakhono amasha. Izikhulu zikahulumeni ngeke zikwazi ukusho ukuthi yimaphi lawo makhono nokuthi azodingeka nini – le nto yokwenza izinto ngale ndlela ayilungile.
Ivula intuba yokuthi labo abangabokufika baziqeqeshe kabusha noma bashintshe ama-CV ukuze bezongena kulolu hla.
Abantu balapha ekhaya yibona okumele babekwe eqhulwini. Izinkampani kumele zikhuthazwe ukuthi zitshale imali ekuthuthukiseni amakhono abantu bakuleli zwe kunokulanda abanalelo khono kwamanye amazwe.
Kodwa ukushoda kwabanamakhono kuvimba izinkampami ukuthi zikhule nasekuqasheni abantu abaningi. Ngakho ngokuvimba ukuqashwa kwabasemazweni aphesheya kungadala umonakalo ekwakhiweni kwemisebenzi kunokukusiza.
Kunezindlela ezingcono zokwenza loku. Amazwe amaningi asebenzisa i-points-based system (lolu wuhlelo oluthi umuntu ongeyena owakulelo zwe kunesikali samaphuzu okumele athole ngaphezu kwaso uma kubhekwa izinto ezifana nemfundo, ingcebo nokuthi unazo yini izihlobo kulelo zwe) ukukhetha izisebenzi kodwa ngokubona kwami uhlelo lokuthuthela kwabantu kuleli kumele kuhambisane nokuthi yini edingekayo; kumele kuqale kuye ngokuthi ngobani inkampani efisa ukubaqasha.
Uhulumeni ungasho amakhono adingekayo futhi lezo zindleko zithwalwe wumqashi. Asidedele imali ikhulume, izinkampani ngeke zibaqashe abantu bakwamanye amazwe uma kukhona ezinye izindlela ezibiza kangcono. Kodwa ngeke izikhulu zikahulumeni ezizihlanganele zaqhamuka nezinhlobo zemisebenzi zithi zizokwazi ukuxazulula le nkinga.
Ngeshwa indlela uhulumeni ayithathe ngayo le nto ikhombisa ukungakwazi ukubuka izinto ngeso elibanzi. Sekuvele kwangathi kushintshwa amakhono asohlwini kunokuthi kushintshwe indlela lolu hla olusetshenziswa ngayo.
Izinguquko emnothweni kumele zibhekwe ukuthi kungabe ziyaziguqula ngempela yini izinto. Kungabe zenza kube lula futhi kushibhe ukuphatha amabhizinisi, yiyona ndlela okufanele sihlole ngayo. Lesi sibonelo se-visa siyafeyila.
Ngiyethemba ungqongqoshe uzokwethula izinguquko esizothi uma sizihlola, ziphase futhi zisibuyisele ithemba ukuthi uhulumeni uyayazi into ayenzayo ngemali.
Abanye osopolitiki sebeqale izinkulumo ezikhomba ngenjumbane abatshalimali ngoba befuna ukusola bona ngokuthi iNingizimu Afrika ayikho klamuklamu kubatshalimali.
Asicaciseni: akubona abatshalimali abasephutheni kodwa umnyombo wakho konke lokhu wukuthathwa kwemigomo engemihle, ukungacaci kwemigomo, inkohlakalo futhi okungabonakali kukhona othathelwa izinyathelo, amabhizinisi kahulumeni angasebenzi kahle nokunyuka kwesibalo sabantula umsebenzi.
Inkulumo kaRamaphosa ikhomba umhlahlandlela ofanele ngokugxila ekunqobeni iCOVID-19, ukuvuselela umnotho nokulwa nenkohlakalo.
Singosomabhizinisi sikulungele ukusiza ngokugonywa kwabantu nangezinhlelo zokuthuthukisa ingqalasizinda nokuyizona zinto ezizoba wukhiye ekuvuseleleni umnotho.
- UNksz uMavuso yisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa