I-ICC yaseThekwini isizoba neWorld Trade Centre 

UMASIPALA waseThekwini uvule isikhungo sohwebo iWorld Trade Centre e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (e-ICC) ukuze iqhubeke ikwazi ukukhulisa umnotho, ukudala imisebenzi, ukuphucula ukuhambisa izidingo kubantu nokwenza izinto ngendlela entsha.

Uhulumeni kufanele uyifakele izibuko eyamabhizinisi angakhokhi i-VAT, kuloba uJabulani Sikhakhane

IZIBALO ezintsha ezikhishwe yiStatistics South Africa (iStats SA) zikhomba ukuthi siyehla isibalo sabantu bomdabu abanamabhizinisi angabhalisiwe ngokusemthethweni, ikakhulu lawo angakhokhi i-value-added tax (i-VAT).

Umlimi osemncane ufisa ukulima ku‘dlise’ entsheni

INTOKAZI yaseNgonyameni, ngaseMlaza, eningizimu yaseThekwini, KwaZulu-Natali, yabona ukuthi emphakathini ehlala kuwona imisebenzi iyindlala futhi abantu baswela ukudla nsuku zonke. Yalibona kanjalo ithuba lokwenza umehluko ngokulimela umphakathi amaveji.

Lizovalwa Ithala eseliphelelwe wushwele wesikhashana 

AZOVALWA ama-akhawunti acela ku-257 000 abantu abasebenzisa Ithala emva kokuthi uphiko lweBhange loMbuso elingamele ukusebenza kwamabhange iPrudential Authority selufake isicelo eNkantolo ePhakeme eMgungundlovu sokuvala ukusebenza kwaleli bhange elingaphansi kukahulumeni waKwaZulu-Natali.  

Izikhulu eziphezulu zinengcindezi yokuqinisekisa ukuthi amabhizinisi ayasimama, kuloba uBusi Mavuso 

INTO egqame nge-Africa CEO Outlook Report yango-2024, umbiko osanda kushicilelwa yiKPMG, wukuthi izikhulu eziphezulu zasemazweni ase-Afrika aseningizimu azinalo ithemba elitheni ngesimo somnotho womhlaba kulo nyaka uma kuqhathaniswa nangonyaka odlule.

ITheku lixhase amabhizinisi aselokishini ngezenzo ngeDBF

OSOMABHIZINI abasafufusa bahlonyiswe ngolwazi lokuthuthukisa amabhizinisi abo embukisweni iSouth Regional Durban Business Fair (iDBF) obuKwaMnyangu Shopping Centre eMlaza, eThekwini, KwaZulu-Natali, ophothulwe izolo.

Ishayekile imboni yezolimo ngemisebenzi – usomnotho

IZIBALO zezinga lokungasebenzi kwabantu eNingizimu Afrika eziveze ukuthi isibalo sabantu abangasebenzi sinyukele ku-33.5% ngekota yesibili yango-2024, ezishicilelwe yiStatistics South Africa ngesonto elidlule, zitshengise ukuthi ukuncipha
kwemisebenzi kushaye kwezwakala kakhulu embonini yezolimo.

Asafufusa kwezokuvakasha athole isigxivizo

KUBONGWE abanikazi bamabhizinisi ezokuvakasha asafufusa kwi-Africa’s Travel Indaba izolo ngesikhathi benikwa izitifiketi eziqinisekisa ukuthi amabhizinisi abo asezingeni elifanele ukuhlinzeka ngomsebenzi.

Owaqala ibhizinisi esesenyuvesi usephatha imali yakwamanye amazwe

KUTHIWA uboqaphela into oyifisayo ngoba kungenzeka ifezeke. Kunjalo nakwintokazi yasemishini, eyakhulela emajukujukwini asesigodini KwaZulu-Natali, manje elibangise phesheya kwezilwandle

Sengathi abafundanga lutho abeNSFAS eminyakeni eyisihlanu edlule, kuloba uJabulani Sikhakhane 

UKUBUYELA kwesikhwama esixasa izitshudeni i-National Student Financial Aid Scheme (iNSFAS) esandleni somlawuli kungakapheli ngisho iminyaka emibili yaphuma kulolu hlelo kuqubula imibuzo ngenqubekelaphambili ekuphatheni lesi sikhwama ngendlela.

Abashaya imithetho bakushaya indiva ukuphawula komphakathi, kuloba uBusi Mavuso

UKUHOXISA imithetho emisha ehlongozwayo ngezimvume zokusebenza eNingizimu Afrika, phecelezi ama-visa, ngesonto elidlule ebizokwenza kube lula ukuthi izisebenzi ezinamakhono zize eNingizimu Afrika kuyisibonelo sokuthi kuthathwa kuncane kangakanani ukubonisana nomphakathi ezinhlakeni eziningi zikahulumeni

Ukugqekeza isikoqokoqo sikagadingozi akuyixazululi inkinga yezwe – ukubhasha komnotho, kuloba uJabulani Sikhakhane

Ukugqekeza isikhwama sikagadingozi akuyixazululi inkinga yezwe – ukubhasha komnotho, kuloba uJabulani Sikhakhane

This week, in a CELEBRITY and MONEY we chat to Sindani Mbatha, a stand-up comedian and actor.  He has featured in a comedy slot of Ukhozi FM’s Vukukhanye Afrika show and Izwi Lomzansi FM. He featured in Sarafina! (The Movie) and James Ingram’s One More Time video. Lately, he has a comedy segment on Inanda FM and is a sought-after act at functions

Did you ever get pocket money when you were young?Yes, I used to. I used to get it, but it was only after I had acted and recited the praises … Read More

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page