Unebhizinisi lokubhucabhuca elivame ‘esilungwini’ emajukujukwini kobantu
WUSIMANGALISO NTSHANGASE
UKUPHELA komsebenzi ayewenza wokubhalisa izindlu ezixhaswe wuhulumeni ngenxa ye-COVID-19 ngo-2021 kwamkhumbuza iphupho elidala elamnika umqondo webhizinisi.
UNksz u-Abegail Cele, umnikazi weSmart and Beauty Abegail Spa, ibhizinisi lokubhucabhuca umzimba, uthi lo msebenzi “wawuboniswa elele” ephusheni.
“Ngangingakaze ngicabange ukuthi ngingaba wusomabhizinisi, kangangokuthi naleli phupho ngaqala ngangalinaka kwaze kwaba ngiphelelwa wumsebenzi ngo-2021, ngalikhumbula, nganquma ukulifeza,” kusho yena.
UNksz uCele waseNgcongweni, eNanda, enyakatho yaseThekwini, KwaZulu-Natali, uthi wayeyothenga igrosa eGateway, eMhlanga, mhla ezithela phezu kwezindishi zokubhucungela izinyawo, labuya lapho iphupho lakhe.
“Ngaleso sikhathi kwase kuphele iminyaka emithathu ngaphupha lelo phupho, ngalikhumbula ngase nginquma ukuthenga lezi zindishi ezine ngoR2 200 ukuqala leli bhizinisi njengoba ngangingasasebenzi ngaleso sikhathi.
“Ngafika ekhaya ngashutha (izindishi), ngase ngizifaka kwiWhatsApp ngicela abantu ukuthi beze kwami ngizobabhucabhuca. Bababaningi kakhulu abangithinta becela ngibabhucabhuce. Ngaqala kanjalo-ke ngingakawazi nakahle lo msebenzi, ngithekela olunye ulwazi kuYouTube ngendlela,” kulanda yena.
Amakhasimende enanela ukubhucungwa eSmart and Beauty Abegail Spa
Ukwesekwa womakhelwane nabangani kwamkhuthaza kakhulu ukuqhubeka nebhizinisi lakhe, kwaya ngokuya wandisa izinsizakusebenza, waqasha nezisebenzi eziyisikhombisa eziyitoho nendodakazi yakhe esenyuvesi abamsiza ukuphuthumisa umsebenzi uma kunamakhasimende amaningi.
KuwuR100 ukubhucabhuca ubuso, umqala namahlombe (ngokuhlukana), uR180 izinyawo kuphela, uR180 umzimba wonke izingane ezineminyaka emibili kuya kwewu-10, uR220 ezino-11 kuya ku-15 noR350 abantu abadala.
Imali abayenzayo iphakathi kukaR4 000 noR12 000 ngenyanga, kuye nokuthi yisiphi isikhathi sonyaka. Amakhasimende amaningi aseNanda, eNtuzuma, KwaMashu, eMayville, eNewlands West naseNdwedwe.
Nodado bayatendwa ngokubhucungwa nangeziphuzo ezihlwabusayo eSmart and Beauty Abegail Spa
Kwezinye zezinselelo abhekana nazo, ubalule ukushoda kwamanzi nadingeka kakhulu kulo msebenzi nokubheda komgwaqo ongenela kwakhe. Amanye amakhasimende asuka kude ayakhononda ngoba itekisi yehlisana kude.
UNksz uCele uhlela ukuthola enye indawo yokusebenzela, okuzokwenza kubelula ukuza kuyona kumakhasimende akhe bese ethuthukisa ibhizinisi lakhe ligcine selingene ekhaya labadala nasemitholampilo ukubhucabhuca izaguga, afukule intsha yendawo ngokuyiqasha ebhizinisini lakhe.
- Facebook: Smart and Beauty Abegail Spa
- Instagram: smart_and_beauty_abegail_spa