Owaqala ibhizinisi esesenyuvesi usephatha imali yakwamanye amazwe
WULANGA KHANYILE
KUTHIWA uboqaphela into oyifisayo ngoba kungenzeka ifezeke. Kunjalo nakwintokazi yasemishini, eyakhulela emajukujukwini asesigodini KwaZulu-Natali, manje elibangise phesheya kwezilwandle.
Ekhula e-Adams Mission, eningizimu yaseThekwini, naseMbumbulu, entshonalanga-ningizimu yaseThekwini, KwaZulu-Natali, uNksz uNokwanda Cele, oneminyaka ewu-25, wayefisa ukuba yisikhulu esiphezulu, Okukitazayo uma exoxa indaba yakhe wukuthi wayecabanga ukuthi kuyafundelwa loku, ufeleba engazi ukuthi yisikhundla somsebenzi.
Namuhla uNksz uCele uwumsunguli nomqondisi weLitKlean Chemicals, inkampani edlondlobalayo eyenza imikhiqizo ehlukene yokukhuculula. Isidlondlobele kangangokuthi isinesikhungo esiqeqesha abenzi bemikhiqizo iLitKlean Training Institute.
Uqale ukubona ibhizinisi ngebhizinisi lokwakha likayise. Uthi kulapha efunde khona okuyisisekelo sebhizinisi. “Bengithanda ukuba yi-CEO (isikhulu esiphezulu), ngazi ukuthi wumsebenzi ofundelwayo,” kukhumbula yena ezihleka.
Ngokuhamba kwesikhathi inkungu yasa emehlweni kaNksz uCele, wagcina efundele i-Bachelor of Chemistry eNyuvesi yaKwaZulu-Natali. Kusenyuvesi lapho aqala khona ibhizinisi ngo-2018. “Inhloso kwakuwukwazi ngamathuba akulo mkhakha nokuzithola. Ngakha ubudlelwano nabantu abadayisa izinto zokwenza izinto ezinjengamakha nezinto zokugcoba. Ngaqala ngidayisela izitshudeni lapho ngihlala khona nalapho kuhlala khona ezinye.”
E-LitKlean kudayisa amakha, izimonyo, i-air freshner, i-bleach, upholishi wemoto, upholishi wamathayi, ushibhoshi, i-degreaser, i-pine gel nensipho eyiqhuzu. Izinto abazenzayo zihloliwe kanti banesitifiketi seSouth African National Accreditation System.Manje basezinhlelweni zokugunyazwa yiSouth African Buruea of Standards (iSABS) athi “kuwumsebenzi ongashibhile”.
Amanani abo aqala kuR60 o-5 litre, uR140 noR190 o-750ml.
UNksz uCele neminye yemikhiqizo yeLitKlean Chemicals
Umsebenzi wadlondlobala edayisela abantu ngabodwana naba-oda okuningi ukuze bayodayisa. “Ngagcina ngithola abantu abanothando lokufunda ukwenza izinto azidayisayo. Yasunguleka kanjalo iLitKlean Training Academy. “Ngo-2019 ngaba nekilasi lokuqala edolobheni. Abantu bakhokha, ngaqasha indawo yokubafundisa.
Ngenxa kuzithola engena emkhakheni wokuqeqesha uNksz Cele ucine ezicija ngezitifiketi zokuba yi-facilitator, i-assessor ne-moderator.
UNksz uCele ecobelela isitshudeni ngemfihlo yokwenza umkhiqizo
Uthi ufunde lukhulu ebhizinisini njengokuthi wenzenjani uma ubhekana nezingqinamba. Uthi namakhasimende aneqhaza lawo ekwenzeni umnikazi webhizinisi aphikelele ngisho esecabanga ukuyeka. Muzwe echaza.
Ezintweni azizuzile ubala ulwazi alutholile, ukuxhaswa yi-UKZN InQubate, ukwazi abantu bakwamanye amazwe, ukungenela imincintiswano yosomabhizinisi kaMasipala waseThekwini ukubanesitolo eneminyaka ewu-25 nethuba lokuya eMelika ngoJune kulo nyaka. “Ngangingazi ukuthi ngiyoke ngiphathe idola laseNamibia, imali yaseLesotho. Namuhla iZambia ithumela abantu bezofunda esikhungweni sami.”
Ngenxa yamangwevu akhe, usanda kuthola umklomelo we-Mandela Washington Fellowship for Young African Leaders, osho ukuthi uzoya eMelika izinyanga ezimbalwa ukuyothekela ulwazi, ukucijwa nokuhlangana nabanye abaholi basemhlabeni jikelele. Muzwe ekhuluma ngaleli thuba.
Nakuba aqala ediliva ngoPep kuphela, manje usesebenzisa ne-The Courier Guy kanti kukhona ne-online store.
Namuhla izinto zihamba kahle. Nokho ubunzima uyabazi. “Obukhulu yizikhukhula zango-2022, lapho ngalahlekelwa yistoko sonke. Kuningi umuntu adlule kukona – ukungangeni kwemali. Kwake kwabheda ngaze ngenza amasemishi. Ngangivuka ngo-5 ekuseni ngenze amasemishi, ngiyodayisa edolobheni,” kukhumbula yena. Uthi umi ngokuphikelela ngenxa yokukholelwa entweni ayenzayo.
UNksz uCele uneseluleko kwabafisa ukusungula ibhizinisi. Uthi: “Qala ngokuncane onako. Okunye wukuthi umqondo wakho uvuleke, uhlale uthekela ulwazi. Ukuzithuthukisa ngolwazi kubaluleke kabi. Manje kunezinhlelo zokuqeqeshwa zamahhala. Ngisho ungakaliqali ibhizinisi, hamba kulezi zinhlelo noma uye enkampanini eyenza into oyicabangayo ubone ukuthi ungakwazi yini ukwenza le nto impilo yakho yonke.”
Manje iLitKlean iphokophele ukuthola igunya leSABS, ukusungula ikolishi nokufaka imikhiqizo yayo ezitoli ezinkulu eNingizimu Afrika yonke.
Uma ukwazi ukusungula ibhizinisi, ukuphatha imali yakwamanye amazwe ase-Afrika, ukuwela izilwandle nokucobelelana ulwazi nabaholi bomhlaba jikelele, ubani odinga isikhundla sika-CEO?
- Facebook: LitKlean Chemicals/LitKlean Training Institute
- Instagram: litklean_chemicals_official