Umandla kwimisiko yabesifazane esezingeni eliphezulu neqhakazile
WUTHOBILE ZWANE
UKHULE ezithungela izingubo zokugqoka ngesandla. Namuhla uwumnikazi wesitolo sezingubo esisimamayo esithunga izingubo zabantu besifazane ezisezingeni eliphezulu.
I-VALC Fashion Studio yasungulwa wuNksz uValentia Nxasana ngo-2018. Igama lenkampani lisuselwa ekufingqeni igama lakhe kuthiwa VAL noC, omele ukuthi class, izinga eliphezulu.
UNksz uNxasana wazalelwa futhi wakhulela eMlaza, eThekwini, KwaZulu-Natali. Ufundele imfashini eShennele Academy of Fashion ngemva kokuphothula uMatikuletsheni, waqeqeshwa naseWideband Fashion Fair ngo-2017.
Namuhla uqashe abantu abawu-20 kanti sesinamagatsha eThekwini naseGoli. Usenezitolo ezine e-113 Main Street Mathomo Mall eMarshalltown eGoli, e-3 Union Street Moola Centre eMpangeni, e-6 Dr Phuthuma Road kwaR eMlaza eThekwini, naseRoom 535 eWest Walk Passage kuWest Street eThekwini.
Uthi izingubo zabo zithengwa ngabantu besifazane abasha nabadala. “Izingubo zami zenziwe ukuthi zigqamise futhi zithokozise abantu besifazane abaningi. Ngihlale ngibheka imibala egqamile futhi ehlukile ukugqamisa noma ukutshengisa ingubo yami,” kusho yena.
Izingubo zakhe ziqala kuR350 kuya kuR500. Ungomunye wosomabhizinisi abasafufusa abahlomule ohlelweni lokucija osomabhizinisi bemfashini eThekwini iDurban Fashion Fair (iDFF) Mentorship Programme. “Singabafundi beDFF Mentorship Programme sathola ithuba lokukhangisa umsebenzi wethu emcimbini omkhulu weDFF neDurban Business Fair, okusijabulisayo kakhulu nokusenza sizikhandle,” kulanda uNksz uNxasana.

UNksz uNxasana nomunye wemisiko yakhe eqhakazile
Uthi ukuba usomabhizinisi elokishini kuwumqansa. “Njengoba ngiwumnikazi webhizinisi elokishini ngithwala kanzima ngemicikilisho. Njengoba kusenzima ukuthola isitolo esihloniphekile eThekwini. Ngaphezu kwaloko, ngifunde amakhono amaningi ebhizinisi, ukuphatha ibhizinisi namakhono okuthuthukisa izisebenzi,” kusho uNksz uNxasana.
Ngale kwezinselelo zebhizinisi, uNksz uNxasana uke wathwala kanzima ngesikhathi kuphela umshado wakhe. Uthi walahlekelwa yikho konke kodwa yiloko okwamgqugquzela ngoba efuna kubekhona enye into izingane zakhe ezizoyixoxa ngaye, zingagcini ngokuthi zazalelwa emshadweni owagcina uphelile.
“Sesiqala ukuzuza inzalo nakwabanye abadayisi. Ngiyazi ukuthi ukutshala imali ebhizinisini awunakulahlekelwa nhlobo nganoma yisiphi isikhathi. Kunoma wubani onentshisekelo ebhizinisini ngingameluleka ukuthi ahloniphe uhlobo lomkhiqizo futhi aqonde ukuthi ibhizinisi, kungakhathaleki ukuthi yimuphi umkhakha noma imboni, lidinga ukunakekelwa, uthando, isikhathi nenhlonipho.
Esinye iseluleko sakhe kwabafisa ukuqala ibhizinisi sithi: “Ngikholwa kakhulu ukuthi kungcono ngaso sonke isikhathi ukuba namava omsebenzi ngaphambi kokuthi umuntu aqale ibhizinisi.”
- Facebook: Valc Fashion Studio
- Instagram: valc fashion studio
- Twitter: @msanxncwane/VALV FASHION STUDIO