Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa nentatheli nomfundi wezindaba uThabile Mbhele. Usebenze iminyaka ethula izindaba kwiSABC futhi eyintatheli yezempilo kanti manje usezokwethula izindaba kwiNewzroom Afrika, esanda kumemezela ukuthi isizosakaza izindaba ngesiZulu nangesiXhosa
Usemncane wawuphiwa imali?
Sikhule sihlala noKhulu owayesenzela umphako uma siya esikoleni. Imali sasiyiphiwa nje uma kuphele inyanga. Uma ngingaphosisi kwakuba wusheleni, wawumkhulu ngaleziya zikhathi, nayo nje yokuthenga oncamnce esikoleni.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange kanti wayivula kuliphi?
Ngaqala ukuba ne-akhawunti sengisebenza ngoba kwakuphoqelekile emsebezini ukuze ngihole. Ngayivula e-Absa.
Yini oyikhumbulayo futhi yini owayifunda ngemali ekukhuleni kwakho?
Ngikhumbula kuthiwa imali ayihlali ikhona kanti uma ikhona kumele siyisebenzise ngendlela efanele. Ekukhuleni kwethu saqala saba nezikoqokoqo kodwa ngiyakhumbula nje ukuthi sasibuye sizivule sikhiphe imali siyothenga oswidi.
Waqala nini ukusebenza, kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?
Ngaqala ukusebenza ngamaholidi kaDisemba emva kokuqeda ukubhala uMatikuletsheni. Ngangishaya isisefo eCheckers eScottsville Mall eMgungundlovu. Angisakhumbuli kwakumalini ngehora, yayincane yona kumuntu onomndeni nezidingo eziningi kodwa yayiningi kumina ngoba ngangingenakho okudinga imali ngalolo hlobo. Ngafunda lukhulu ngokuphatha imali nokwenza imali encane yenze okuningi. Sasinezitok’fela ezahlukene, esesonto nesenyanga, nokwakusiza ukuthi yande imali.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngiyakhumbula umama wayehlala ethi umholo wokuqala uya kumzali. Ngathi uma ngihola ngangingazi ngempela ngizoyenzani imali, ngamnika. Angazi noma kwenza ukuthi yayincane noma wayedlala kodwa wathi angiyisebenzisele izidingo zami. Ngaleso sikhathi ngangingenazidingo. Yahlala nje ebhange, yagcina isebenzile.
Yini into enhle owake wayenza ngemali?
Ukwenzela abazali nokubalungisela izindlu ngaphakathi kwangithokozisa kakhulu ikakhulu uma ubona bona bejabule ngenxa yaloko engikwenzile. Namanje basangikhumbusa ukuthi ‘wasenzela lokhu nalokhu layikhaya’. Okuqondene nami nje, wukukwazi ukuzenzela izinto ezihlukene zokuzithokozisa.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Ukuvula ama-akhawunti ezitolo zempahla yokugqoka. Ngake ngazithola nginesikwetu esiwuR11 000 ezitolo ezimbili lapho kuswenka wonke umuntu ekhaya ngenxa yami mina do into ephathekayo. Ngafunga lapho ukuthi angisidingi isikweletu sezimpahla zokugqoka. Uma ingaphezu kwamandla ami, ngixolisa inhliziyo ngidlule noma ngilinde indali. Nje nje nje angiyithengi into ebizayo nengaphezu kwamandla ami. Angisifuni isikweleti nalapho sihambe khona.
Wake walutheka mhlawumbe ngokungena “ebhanoyini?”
Ave ngiwasaba kanti nje nokufaka imali ezintweni engingaziqondi kahle angikujwayele. Engikwenzayo nje wukudlala izitok’fela nabantu engibathembayo.
Yisiphi iseluleko esihle owake wasithola ngemali?
Ungazixaki ngezikweletu. Thenga okusemandleni akho. Beka imadlana eceleni zinyanga zonke noma estok’feleni noma ebhange. Kubalulekile ukuzijabulisa ngemali yakho ngokuhamba kwesikhathi.
Uma ungawina uR1 million kwi-lottery ungawusebenzisa kanjani?
Nginganikela ebandleni, nginikele ngokuthengela imindeni embalwa entulayo, ngiphe uMama nomyeni wami abone umisa kanjani emndenini wethu bese sizijabulisa siwumndeni.
Ungabeluleka uthini abanye abasembonini okuyona ngokuphatha imali?
Beka imali yezimo eziphuthumayo, ungayisebenzisi uma singekho isidingo. Uma kwenzeka, ukhokhele izinyanga ezizayo ngoba ikusasa lalo mkhakha aliqondakali. Ngifunde lukhulu ngemali ngesikhathi ngidilizwa emsebenzini. Okunye engingakusho wukuthi ungabolekisi ngemali kumuntu obonakala engeke akukhokhele noma umngani, uzakwenu noma emndenini ngoba vele ngeke ayibuyise nigcine senixabene.
