Imvula enjengalena necekele phansi idolobha iMargate, oGwini oluseNingizimu yeKwaZulu-Natali, ikhinyabeza abafuyi. Izithombe: Zithunyelwe

Abemikhiqizo yobisi bakhala ngezimvula ezinamandla

YINTATHELI YOMBELE 

IZIMVULA eziloku zina ngamandla KwaZulu-Natali zicekela phansi ingqalasizinda, okuthwalisa kanzima abalimi kulesi sifundazwe ikakhulukazi abenza imikhiqizo yobisi. Ukulimala kwemigwaqo kwenza isimo sibe sibi kakhulu.  

Linile eKZN ngempelasonto okucekele phansi kakhulu izindawo ezisoGwini oluseNingizimu ikakhulukazi iMargate, lapho lidlule khona nemiphefumulo. Linetha nje ibivele imboni yezolimo isakhala ngomonakalo owenzeka ngoJanuwari emva kwemvula eyana amasonto ayisithupha. 

 UMnu uDavid de Jager, isikhulu esiphezulu eTip-Top Milk, inhlangano ethuthela abafuyi ubisi, uthe umonakalo emigwaqweni wenza kube nzima ukufinyelela kubafuyi ukuyolanda ubisi, okuphazamisa indlela abaludayisa ngayo.

“Sithole imibiko eminingi kubafuyi abaseHarry Gwala, eMount Currie, eMngeni, e-Underberg naseMooi River ngesimo sezulu esibili, umoya onamandla, imvula, izikhukhula nokukhithika. Laba bafuyi baphiliswa wukufika kwamaloli ethu ezolanda ubisi. Uma singakwazi ukufinyelela kubo ngenxa yomonakalo epulazini 

nasemigwaqweni, abakwazi ukungenisa imali futhi bayaphoqeka ukuthi bachithe ubisi ngoba izinkomo zisengwa kabili ngosuku, zonke izinsuku,” kusho yena.

U-De Jager uthi kuphazamiseka namakhasimende uma bengakwazi ukulanda umkhiqizo wobisi

U-De Jager uthe okunye okuyinselelo wukuthi nabo babhekene namakhasimende nawo anezidingo zawo kanti babuye bangakwazi ukumelana nakudingayo uma indlela abathola ubisi ngayo iphazamiseka. 

“Ezindaweni eziningi ezihlwempu, imikhiqizo yobisi yiwona kuphela umsoco abawutholayo kweyisishiyagalolunye okufanele ngabe bayayithola, ikakhulukazi odingwa yizingane,” kusho yena. 

U-De Jager uthe ukuphazamiseka komkhiqizo wobisi akuyona kuphela into exaka abafuyi uma kubenesimo sezulu esibi.  

“Kwezinye izindawo lapho line khona amasonto ayisithupha kulimala lapho amadamu echithela khona, okuphazamisa ukutholakala kwamanzi. Abasenga izinkomo baxova udaka, nako okunezakho izinkinga. Izitshalo ezingenwa amanzi kakhulu namadlelo kwehlisa isivuno sombila, nokuthinta ngqo ukudla ezinyangeni ezimbalwa ezizayo,” kusho uDe Jager.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/08/03/bangabalimi-abazibophezele-ukuguqula-imboni-yemikhiqizo-eyenziwa-ngobisi-ukuze-kwande-abantu-abamnyama-kuyona-oyedwa-wabo-uxoxe-notebogo-mokwena/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page