UMnu uPravin Gordhan, owake waphatha iminyango weziMali nowamaBhizinisi kahulumeni nesishoshovu somzabalazo ushonile. Isithombe: Sithunyelwe

Ugalagala lukangqongqoshe alusekho emhlabeni

WULANGA KHANYILE

OWAKE wawungqongqoshe womNyango weziMali, ungqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni, ukhomishana weSouth African Revenue Service nesishoshovu somzabalazo uMnu uPravin Gordhan akasekho emhlabeni.

U-Gordhan, obeneminyaka ewu-75, ushone entathakusa namhlanje (ngoLwesihlanu) esibhedlela. 

Ngokusho kokhulumela umndeni, uMnu u-Adrian Lackay, ngemva kokuphathwa wumdlavuza uGordhan ushone engungwe wumndeni, abangani namaqabane akhe. U-Lackay wayewumkhulumeli kaGordhan ngenkathi esewukhomishana weSouth African Revenue Service (iSars), azokhunjulwa ngokuyenza isikhungo sikahulumeni esiqoqa intela esasiphethwe kahle ezweni.

Umsebenzi wakhe waholela ekutheni agcine eyinhloko yeWorld Customs Union iminyaka eyisithupha kusukela ngo- 2000.

Isitatimende sithe: “Kusuka ngoMashi wango-1999 kuya ngo-2009, (uGordhan) wayewukhomishana weSars, ayigugula yabayisikhungo esiqoqa intela esihlonishwayo emhlabeni.”

U-Gordhan, obewusokhemisi nowangena kwipolitiki yomzabalazo eseyibhungu, uthathe umhlalaphansi ngemva kokhetho lukahulumeni kulo nyaka. Waqala ukulwa nohulumeni wobandlululo kwi-Natal Indian Congress, wagcina kwi-United Democratic Front (i-UDF) ngenkathi i-ANC isavalwe umlomo ezweni. 

EnoMnu uNelson Mandela ungomunye wongqondongqondo bokusungula uhulumeni wentando yabantu. Wayewusihlalo wezingxoxo zamaqembu ehlukene kwiConvention for a Democratic South Africa, wabayilungu lePhalamende likaKhongolose ngo-1994. 

“Isikhundla sakhe sokugcina kwikhabhinethi yaseNingizimu Afrika bekungesikangqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni, kusukela ngo-2018 kuya ngo-2024, ngemva kokuphatha isikhundla sokubawungqongqoshe weziMali kabili kusuka ngo-2009 kuya ngo-2014 nango-2015 kuya ngo-2017. Wake wawungqongqoshe wokuBusa ngokuHlanganyela neziNdaba zoMdabu ngo-2014 kuya ngo-2015,” kusho isitatimende.

Ngemva kokubawungqongqoshe isikhathi eside wake waxoshwa ngowayewumengameli uMnu uJacob Zuma ngenxa yokusungulwa kweKhomishini yeJaji uMnu uRaymond Zondo, eyayibheka izinsolo zokugwamanda amandla ombuso, ongqondongqondo kuthiwa wumndeni wakwaGupta.

Ngemva kokuxoshwa wuZuma, wabuyiswa wumengameli uMnu uCyril Ramaphosa ukuthi azophatha umNyango wamaBhizinisi kaHulumeni. Wazakhela izitha eziningi ngokuzama ukulungisa izinto e-Eskom naseTransnet, ezinye zezinkampani ezakopolotwa ngesikhathi sokugwamanda amandla ombuso. Walinganisa ukuthi ukugwamanda amandla ombuso kwadla uhulumeni uR500 billion.

Umngani kwaGordhan, iqabane lakhe nathatha kuyena izintambo zokuba wungqongqoshe weziMali uMnu uTrevor Manuel, ebhala kwi-Daily Maverick ekhumbula ubudlelwano babo beminyaka eyevile kwewu-45, uthe ubewungqongongqondo wokusungulwa kwe-UDF. 

“Umqondo wokusungulwa kwe-UDF wafika emphemeni weflethi likaPravin ku-Edward Street (eThekwini), kulapho isiphakamiso sokuyisungula savela khona,” kukhumbula yena.

U-Manuel uthe indlela umlingani nomngani wakhe abezinikele ngayo emzabalazweni akumangalisi ukuthi wasebenza isikhathi esifishane eKing Edward Hospital futhi wayenekhemisi encane eThekwini ngaphambi kokungena shi emzabalazweni wokulwela inkululeko.

Uthe umbono kaGordhan waholela ekusunguleni iDurban Housing Action Committee, eyayixube izinhlanga eThekwini neyakhuthaza ukusungulwa kweCape Action Committee ngo-1981, enye yezinhlaka ezindulela i- UDF.

Amazwi  akhe akugcina athe: “Angizisoli ngalutho, angizisoli ngalutho… silibambile iqhaza.” 

Ushiye umkakhe uVanitha namadodakazi amabili u-Anisha noPriyesha.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/12/01/uhulumeni-utakula-itransnet-ngor47bn-onemibandela-uslindile-khanyile-uyabika/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page