UMengameli uCyril Ramaphosa ethula iNkulumo eBhekiswe esiZweni izolo

Izithombe: Zithunyelwe

Abahlaziyi bashaya amakhala ngezethembiso ezintsha zikaRamaphosa. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUZOQOKWA ungqongqoshe kagesi ozosebenzela eHhovisi likaMengameli kanti inkinga yokushoda kukagesi isithathwa njengenhlekelele. Kusukela izolo iNingizimu Afrika isilawulwa wumthetho wezinhlekelele. 

Lezi ngezinye zezinyathelo ezimenyezelwe wuMengameli uCyril Ramaphosa izolo ngesikhathi ethula iNkulumo eBhekiswe esiZweni.

Lesi sinqumo abahlaziyi bepolitiki basihlabe basihlikiza njengoba bethi asinasidingo futhi sizomosha imali.

URamaphosa uthe ungqongqoshe kagesi uzobhekana ngqo nenkinga kagesi esebenzisana nekomidi elisungulelwe loku iNational Energy Crisis Committee. 

Uthe: “Ungqongqoshe uzosebenza ngokugcwele nebhodi le-Eskom nabaphathi ukuqeda ukucinywa kukagesi nokuqinisekisa ukuthi i-Energy Action Plan ayibambezeleki. 

“Ukuze kungabi bikho ukudideka, uNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni (uMnu uPravin Gordhan) wuyena osazomela uhulumeni e-Eskom futhi usazoluhola uhlelo lokuhlela i-Eskom kabusha, aqinisekise ukuthi kusungulwa inkampani yokusabalalisa (ugesi), engamele uhlelo lokuthi kushintshelwe kugesi ongaphehlwa ngamalahle nokusungula iSOE (i-state-owned enterprise) Holding Company.”

Usomnotho nomhlaziyi wepolitiki ozimele uSolwazi uBonke Dumisa uthe: “Akukho okutheni engizokusho ngaphandle kokuthi yonke leya nto eyenzeke izolo yinhlekelele. Angikwazi ukungcambaza ngenze sengathi yinto yinhle ekubeni kungenjalo.”

UDumisa

U-Gordhan akusiye yedwa ungqongqoshe obheke i-Eskom, kukhona noMnu uGwede Mantashe owuNgqongqoshe wokuMbiwa Phansi namaNdla kodwa uRamaphosa akacacisanga ngesikhundla sakhe.

USolwazi uBheki Mngomezulu, umhlaziyi wepolitiki, uthe inkulumo kaRamaphosa ibinhlakanhlaka. 

“Ukhulumile ngezinto ezibalulekile kodwa inkulumo yakhe ibinhlakanhlaka. Mina bengithi uzoqala asazise ukuthi kuhambe kanjani ngalezi zinto ezinhlanu ayethe yizona eziseqhulwini ngo-2022, asho okwenzekile, izinselelo ezibe khona bese edlulela kokubalulekile ngo-2023. 

“Ekangqongqoshe kagesi-ke nje kumoshwa imali ngoba ukhona uPravin (Gordhan) noGwede (uMantashe). Okulandelayo phela kusho kuthi sizogcina sinongqongqoshe weMedupi neKusile. Into edingekayo wukwazi imbangela yezinkinga e-Eskom. Mina bengingafane ngiqoke umcwaningi ozophenya kunongqongqoshe,” kusho yena.

UMngomezulu

Ephawula ngokufakwa kwezwe ngaphansi komthetho olawula izinhlekelele, uRamaphosa uthe iNational Disaster Management Centre isithatha inkinga kagesi nemiphumela yayo njengenhlekelele. 

“Ukulawula izwe ngaphansi komthetho olawula izinhlekelele kuzosisiza sikwazi ukuthatha izinyathelo esizidingayo ukweseka amabhizinisi asembonini ekhiqiza ukudla, ekugcinayo nabakudayisayo, okukhona kuzo ukuthenga ama-generator nama-solar panel ukuze ungaphazamiseki ugesi. 

“Lapho kungenzeka khona, kuzosisiza zivikele ingqalasizinda emqoka njengezibhedlela nezindawo ezihlanza amanzi ukuze ungacinywa ugesi kuyona. Sizoletha umCwaningimabhuku-Jikelele azogada indlela imali esetshenziswa ngayo ukuze sigade ukuthi kungagangwa ngemali ehlinzekelwe inhlekelele.”

URamaphosa ubalule ukucinywa kukagesi njengenselelo enkulu ezweni kulandela ukuntuleka kwemisebenzi, ububha nokunyuka kwezindleko zempilo, ubugebengu nenkohlakalo.

“Azikho izisombululo ezilula zazo zonke lezi zinselelo kodwa sinawo amandla nezindlela zokuzinqoba. Uma sisebenzisana, sithatha izinqumo ezinqala, kungasali muntu, sizokwazi ukuzixazulula izinselelo zethu.”

Enye inkinga ekhona eNingizimu Afrika wukushoda kwamanzi. Umengameli umemezele izinhlelo ezimbalwa athe zizokwenziwa ukulungisa le nkinga. Lezi zinhlelo yiLesotho Highlands no-Umzimvubu Water Project.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page