‘Umlawuli uvikela amakhasimende ngelayisensi yebhange laseKZN’
WUSLINDILE KHANYILE
UMLAWULI wemboni yemali iFinancial Sector Conduct Authority (iFSCA) uthi ibhange iThala SOC lingaqhubeka nomsebenzi walo, yize ilayisensi yalo imisiwe kodwa elingeke likwazi ukukwenza yizivumelwano ezintsha.
I-FSCA ithi uma leli bhange, elilawulwa wuhulumeni waKwaZulu-Natali, lifisa ukwenza izivumelwano ezintsha kuzodingeka ukuthi lixoxisane namakhasimende alo nabalihlinzeka ngemisebenzi ukuze lezo zivumelwano zenziwe yinkampani egunyaziwe ukuhlinzeka ngosizo lwezimali.
Lo mlawuli, osanda kumemezela ukuthi ilayisensi yaleli bhange lizoqhubeka nokumiswa njengoba ayeshilo ngenyanga edlule, uthe loku kuzokwenzeka, inqobo nje uma leli bhange lingakayigcini imigomo nemibandela eholele ekumisweni kwelayisensi yalo.
“Ithala lagunyazwa ngokomthetho i-Financial Advisory and Intermediary Services Act (iFAIS) ukuthi libewumhlinzeki wezimali ongaphansi kuka-category 1. Ngesikhathi senza umsebenzi esivame ukuwenza wokugada umsebenzi, iFSCA ithole ukuthi iThala alizigcinile zonke izimfanelo zokugada kahle imali njengokusho kwesigaba 46(1) nesigaba 48 (1) (2) se-Determination of Fit and Proper Requirements sango-2017. Kumqoka ukuthi izinkampani ezihlinzeka ngemali zigcine zonke izimfanelo zeFAIS Act, ezihlose ukuvikela imali yamakhasimende.
“Ukukwazi kwenkampani ukukhokha izikweletu nezindleko zayo ngenye yezinto ezibalulekile ekusebenzeni kwanoma yiphi inkampani ehlinzeka ngemali kanti ukukwazi ukugcina zonke izimfanelo eziqondene naloku kubaluleke kakhulu. Loku kuthinta ukuvikela amakhasimende, okungenye yezinjongo zomlawuli. Loku kwenziwa ukuqikelela ukuthi inkampani iyakwazi ukubhekana nezindleko ezidinga imali ezingahlelelwe futhi ngendlela ehlelekile, ngaphandle kokubeka imali yamakhasimende engcupheni,” kusho iFSCA.
IThala belifake isicelo sokuthi kubuyekezwe lesi sinqumo kodwa i-Financial Services Tribunal isichithile isicelo seThala, nokungakho ilayisensi yalo isamisiwe.
Izolo uNgqongqoshe wokuThuthukisa umNotho KwaZulu-Natali uMfu uMusa Zondi nabaphathi beThala babize isithangami nabezindaba, lapho bethe khona asikho isidingo sokuthi amakhasimende atatazele ngoba ukusebenza kwebhange kusaqhubeka njengokujwayelekile.
UZondi uthe kunendlela abazongenelela ngayo bewuhulumeni wesifundazwe futhi kukhona iziphakamiso abazozenza.
Ithala lingaphansi komnyango kaZondi kanti liyingxenye ye-Ithala Group, yona eqondene nokuxhasa imisebenzi yentuthuko. Ithala Group ayilawulwa yiFSCA.