Isiyaphothulwa indawo yokubhukuda eKings Park elungiswa ngoR42 million
YINTATHELI YOMBELE
UMASIPALA waseThekwini usumemezele ukuthi sekuseduze uphele umsebenzi wokulungisa iKings Park Swimming Pool, owenziwa ngoR42 million.
Ukulungisa iKings Park Swimming Pool kuyingxenye yezinhlelo zikamasipala zokulungisa ingqalasizinda.
I-Kings Park iyona yodwa eNingizimu Afrika egunyaziwe yinhlangano yokubhukuda emhlabeni iFederation Internationale de Natation Amateur (ukwenza imincintiswano esezingeni lama-Olympic.
Umsebenzi wokulungisa iKings Park ugxile ekulungiseni ingqalazisinda eyalimala ngesikhathi kunesiphepho ngonyaka odlule.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/11/11/umasipala-uthule-amapitsi-ezindaweni-ezinenkinga-yamanzi/
Kuzofakwa izibani eziwu-1 500 ezibizwa ngama-lux light, amawindi, izinto ezenza ukuthi zingashibiliki izitebhisi nezinye izindawo zokuhamba. Kuzolungiswa nezinye izindawo zokuhamba zifakwe izinto zokubambelela, kulungiswe indawo yokudlela, kuplastelwe futhi kupendwe. Kuzokufakwa amabhodi amasha aveza amaphuzu, amabhodi okutshuza namabhodi akhomba indlela.
Umasipala uqale ukulungisa iKings Park Swimming Pool ngoNovemba wonyaka odlule, kanti uma isimo sezulu sivuma kahle kulindeleke ukuthi umsebenzi wokuyilungisa uphele ekupheleni kwenyanga ezayo.
UmNyango wezokuXhumana kumasipala waseThekwini uthi uma isilungisiwe iKings Park Swimming Pool izojabulisa ababhukudi njengoba izoba yinhle kakhulu kunakuqala, izoba nama-swimming pool asezingeni lomhlaba, iphephe kakhulu futhi idle ngemidlalo ehlukene yasemanzini.