Ibhikawozi iyisibani emphakathini ontulayo
WUTHOBILE ZWANE
UKUBHEDUKA kwe-COVID-19 kwamenza wabona ithuba lokushintsha indlela enza ngayo izinto ebhizinisi ngoba ebona abantu abaningi baphelelwa wumsebenzi.
Wasuka lapho umcabango wokubhaka isinkwa esithengekayo emindenini eyayilahlekelwe ngabantu abasebenzayo.
UNkk uHlengiwe Shandu waseMlaza, eThekwini, KwaZulu-Natali, usungule ibhikawozi iGemisquare Bakeries ngo-2014 kodwa ngo-2020 washintshela ekubhakeni isinkwa emva kokuyeka emsebenzini ayeqashwe kuwo ngokugcwele embonini yokukhiqiza ukudla ukuze agxile ebhizinisini lakhe.
“Ibhikawozi yami isendaweni eyimijondolo elokishini. Ngicabanga ukuthi loko yikona okwenza sihluke nokuthi yonke into siyenza khona endaweni yethu futhi le ndawo iyisibani sethemba emphakathini wethu wonkana ngoba siqasha intsha yasemphakathini. Ngiyaziqhenya futhi ngokuthi ukupakisha isinkwa sethu kunophawu futhi isinkwa sethu sihloliwe,” kusho yena ngeqholo.
Uqashe abantu abayisikhombisa okungabesifazane abathathu nabesilisa abane. Isinkwa saseGemisquare sibiza uR14 sisinye.
UNkk uShandu, ogqoke iphinifa phakathi nendawo, nethimba leGemisquare Bakeries
Abagcini nje ngokudayisa, kodwa baphinde bafundise ukubhaka izinkwa kubabhaki abanentshisekelo yokufunda ukubhaka, athi kunika abanye amandla okuziqalela amabhizinisi ikakhulukazi abantu besifazane.
“Izinselelo esihlangabezana nazo ikakhulukazi yizinkinga zemali ngoba angikwazi ukufinyelela kuwo wonke amakhasimende engifuna ukufinyelela kuwo futhi angikwazi ukuthatha wonke ama-oda ngenxa yendawo esisebenzela kuyo okuyi-container ewu-12 metre,” kusho uNkk Shandu.
UNkk uShandu ufisa iGemisquare inabela nakwamanye amalokishi esifundazweni.
- Facebook: Gemisquare Bakeries
- Instagram: @gemisquarebakeries