I-Statistics South Africa ithi amanani emfundo anyuke mawala ngo-2024. Izithombe: Zithunyelwe

Amanani emfundo agugisa iphakethe, kusho ucwaningo

WUSLINDILE KHANYILE 

UKWEHLA kwamandla emali kube ngcono ngoMashi njengoba kufinyelele ku-5.3%, kusuka ku-5.6% ngoFebhuwari. 

Izibalo ezishicilelwe yiStatistics South Africa (iStats SA) izolo ziveze ukuthi ukwehla kwamandla emali kumi phakathi kuka-5% no-6% kusukela ngoSepthemba wangonyaka odlule.

Imvamisa kuba wukunyuka kwamanani okudla okwehlisa amandla emali kodwa sekunesikhathi encipha amanani okudla. Izibalo ziveze ukuthi amanani okudla neziphuzo ezingenatshwala anciphele ku-5.1% ngoMashi, esuka ku-6.1% ngoFebhuwari. Uma kubhekwa kuMashi wangonyaka odlule, amanani okudla ayemi ku-14%.

Izinto ezinyuke kakhulu ngoMashi yizimpahla nemisebenzi ebizwa ngama-miscellaneous goods and services ngo-8.5%, ezemfundo ngo-6.3%, ezempilo ngo-6% nezinto ezibizwa nge-housing & utilities ngo-5.9%. 

“Imali yesikole icwaningwa kanye ngonyaka, ngoMashi. Lilonke, ezemfundo zibiza ngo-6.3% ngo-2024 kanti loku kungaphezu kuka-5.7% ezazinyuke ngawo ngo-2023 kanti yikona kunyuka okuphezulu kunako konke kusukela ngo-2020 ngesikhathi kwakunyuke ngo-6.4%.

“Izikole zamabanga aphezulu yizona ezinyuke kakhulu ngo-2024 (ngo-7.3%), kuthi amabanga aphansi nezikhungo zemfundo ephakeme zikhuphuke ngo-5.9%. Kucwaningwe izinkulisa nezindawo zokuhlala emanyuvesi ngoMashi. Imali ekhokhwa ezinkulisa ikhuphuke ngo-6%. Izindawo zokuhlala emanyuvesi zibiza ngo-8.2% kunangonyaka odlule,” kusho iStats SA.  

Izimpahla nemisebenzi, ama-miscellaneous goods and services kunyuswe kakhulu yimali ekhokhelwa umshwalense wezempilo, okuvele ngenyanga edlule ukuthi kukhuphuke ngo-12.9% ngo-2024.

Iqhubeka iStats SA ngamanani okudla, ithe isinkwa ne-cereal kwehlele ku-5.1% ngoMashi kusuka ku-6.1% ngoFebhuwari, kanti kungaphansi kakhulu kuka-21.8% okwakuyiko ngoJanuwari wangonyaka odlule. U-flour wesinkwa, i-pasta, ama-rusk, impuphu nesinkwa esimhlophe kushibhile kunangonyaka odlule. 

“Namanani enyama ehlile ngoMashi ngenxa yokwehla kwamanani enyama yenkomo neyesiklabhu. Uma kubhekwa ngonyaka odlule, amanani okudla abewu-0.8%, okwehle kakhulu ku-11.4% wangoFebhuwari wangonyaka odlule,” kusho lesi sikhungo socwaningo. 

Amanani kashukela, uswidi nabanye oncamnce aloku engaphezu kuka-15% kusukela ngoJuni wangonyaka odlule. Ngenyanga edlule abewu-17.8% kanti okunyuke kakhulu wushukela onsundu, okhuphuke ngo-22%, ushukela omhlophe ukhuphuke ngo-20.1%, ushokoledi oyisixebeledu wanyuka ngo-17.9%, kwathi oyiqhuzu wakhuphuka ngo-15.9%. 

Usomnotho waseFNB uNks uKoketso Mano uthe yize bebheke ukuthi amanani okudla ehle phakathi konyaka kodwa kungenzeka isivuno sehle ngenxa yesimo sezulu esingesihle okungenzeka sifake ingcindezi emananini okudla. 

UNks uMano, usomnotho waseFNB 

Uqhube wathi udweshu oluseMiddle East luzophazamisa ukuhlinzekwa kukawoyela, nokubeka engozini amanani kaphethroli nawezokuthutha. 

“Irandi liphazanyiswa nayizo zonke izinto lezi ezikhulunywayo ngomgomo wemali eMelika. Konke loku kungehlisa amandla emali kakhulu kunokulindelekile. Loku kusho ukuthi imalimboleko isazoma lapho ikhona isikhashana,” kusho yena.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/03/28/akubanga-nashintsho-kwimalimboleko/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page