UMnu uRaymond Ngcongo, weRaymond Tank Services yasePort Shepstone, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natali, efakela abantu amanzi emizini yabo. Izithombe: Zithunyelwe

Wenza impilo ibelula kubantu abantula amanzi

WUSIMANGALISO NTSHANGASE

INKINGA yokushoda kwamanzi ezweni ibhokile kwezinye izindawo, kangangokuthi abanye abantu bathembele emalolini kamasipala ukuze bawathole.

Wukukhathazwa yiloko emphakathini wangakubo okwenza uMnu uRaymond Ngcongo waqala ibhizinisi lokusiza abantu ngokubafakela amathangi amanzi emakwabo.

UNgcongo, owakhulela eMthwalume, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natali, waqala iRaymond Tank Services ngo-2017 ukuxazulula inkinga yokushoda kwamanzi. Waqeqeshelwa i-general civil work eLDA Projects eMgungundlovu.

“Ngiqale leli bhizinisi ngifakela abantu amathangi amanzi (emizini yabo), ngibaxhumele amapayipi ngendlela eyenza ukuthi uma kubuya amanzi angene nakuwona ukuze babenamanzi anele ukubalonda.

“Sikwazi nokwenza ukuthi amathangi ethu axhumeke ngendlela yokuthi uma kuna imvula amanzi angene nasendlini futhi siyawahlanza ukuqinisekisa ukuthi asesimweni esihle ukuwaphuza. Asigcini ngamathangi kuphela njengoba sesixhuma konke no-sink namathoyilethi asendlini,” kulanda yena.

“Ngibiza kusuka kuR7 800 kuya phezulu ukwenza lo msebenzi, kuncike (ebukhulwini) bomsebenzi odingwa yikhasimende. Kuthatha usuku kuya kwezintathu ukwenza yonke into ngiqede,” kusho uNgcongo.

UNgcongo ematasa nokuxhuma imishini elawula amanzi emathangini amanzi

Eqala ibhizinisi ubeqasha o-plumber abamsiza ukwenza umsebenzi ngoba engakakwazi ukuwenza ngaleso sikhathi kepha manje usekwazi ukwenza yonke into, aqashe izisebenzi eziyitoho ukumlekelela uma umsebenzi umningi.

Nakuba kubuye kucwebe isiziba ngezinye izinsuku kodwa uNgcongo uvame ukuthola amakhasimende eMthwalume, eMbumbulu naseMlaza, eThekwini, naseMpangeni, enyakatho yesifundazwe, imbala.

Ufisa ukugcina esenendawo edayisa amathuluzi awasebenzisayo ngamanani aphansi ukusiza ukunciphisa izindleko zebhizinisi.

“Ngifuna nokuthola umshini wepitshi ukusiza ukuqinisekisa ukuthi ikhasimende lithola amanzi ngokushesha futhi kalula uma sengiphothule umsebenzi bese ngithenga iloli noma inqola enkulu yokusiza ukuthwala amathuluzi namathangi kokusebenza ngokukhululeka,” kuphetha yena. 

  • Facebook: Raymond Tank Service

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/04/20/usizi-lomphakathi-limenze-waqhamuka-nesu-lokuxazulula-inkinga-yamanzi-ngakubo-ixoxe-nentatheli-yombele/ 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page