Izinyunyana zonogada sezifake isikhalo ngemali yonogada engabasizi uma bedinga usizo lwezempilo Isithombe: yiFlickr.com

Zibhodla umlilo izinyunyana ngemali yomshwalense ‘entshontshwa’ konogada. ULUCAS LEDWABA uyabika

IZINYUNYANA ezimele izinkulungwane zonogada abaqashwe embonini ezimele zizimisele ngokufaka ingcindezi izinkampani ukuthi zikhokhe izigidi okuthiwa zibanjwe ngokungemthetho emiholweni yabo.

Lezi zinyunyana, iNational Union of Metalworkers of SA, iSA Transport and Allied Workers Union,  iKungwini Amalgamated Workers Union na-Abanqobi Workers Union zikhiphe isitatimende zathi zizomemezela imininingwane ephelele ngokuthi yiziphi izinyathelo ezizozithatha ukuze kubuye imali yonogada.

Lokhu kwenzeka emva kombiko oshicilelwe yiMukurukuru Media ngenyanga edlule, lapho kukhishwe khona imininingwane yokuthi ezinye izinkampani zonogada, ezinye zazo, ezisebenza nohulumeni, zenzenjani ukubamba imali eyizigidi emiholweni yezisebenzi zenza sengathi yimali yokusiza izisebenzi ngezidingo zezempilo.

Izinyunyana sezibike lolu daba emkhandlwini olawula izinkampani zemishwalense wezempilo iCouncil for Medical Schemes (iCMS) ukuze uphenye zithi bangaphezu kuka-30 000 onogada abathithekayo kanti bakweletwa imali ecela kuR50 million. 

Ngokusho kwesivumelwano esasayinwa ngoMashi ngo-2021 neNational Bargaining Council for the Private Security Sector (iNBCPSS) bekufanele kube nomshwalense wezempilo wale mboni emva kokusayinwa kwesivumelwano phakathi kwabaqashi nezinyunyana.

I-NBCPSS ibhalisiwe ngokomthetho wezisebenzi i-Labour Relations Act kanti kuthiwa inhloso yayo  “wukulawula, ukugcina nokuqinisekisa ukuthi imigomo nemibandela ebekwe kwi-Main Collective Agreement, nethi izinyunyana ezibhaliswe ngokusemthethweni nabaqashi bamele izisebenzi eziyingxenye yemboni yonogada”.

Ngokwesivumelwano, umshwalense ulawulwa yi-Affinity Health kanti izisebenzi beziphoqeke ukukhokha uR250 ngenyanga, uhhafu wawo obubanjwa emholweni. 

Emihlomulweni yakhona kukhona ukunakekela nokukhipha imithi yezifo eziyisimbelambela, imali yokukhokhela odokotela, eyokuthola usizo oluphuthumayo esibhedlela neyokuzinakekela uma unesifo sengculazi nesifo sofuba. Nokho inqwaba yezisebenzi isibike ezinyunyaneni ukuthi nakuba imali ibanjwa emiholweni yazo nyanga zonke, kodwa aziyitholi imihlomulo yezempilo futhi i-Affinity Health ayiyitholi imali.

Onogada abaxoxe neMukurukuru Media kodwa abacele ukuthi amagama abo angavezwa bathi abakaze bawathole amakhadi abo e-medical aid okufanele ngabe bawatholile ukuze bathole usizo lwezempilo uma beludinga. 

Loku sekwenze izisebenzi, iningi lazo elingaholi kahle, ukuthi lingakwazi ukukhokhela usizo ezikhungweni zezempilo ezizimele okuziphoqa ukuthi zime olayini abade ezikhungweni zezempilo zikahulumeni yize zikhokhela ukuthi zisizakele kwezizimele.  

UMnu uZongezile Baloyi, i-executive corporate services e-CMS, ukuqinisekisile ukuthi basitholile isikhalo. 

“Lolu daba oluphenywayo lwabikwa kwiCMS kanti izinsolo zokungagcini izimfanelo zibhekiwe ngaphakathi,” kusho yena. 

UBaloyi akazange ayikhiphe imininingwane yophenyo, wathi lusaqhubeka. 

 

I-CMS yenza uphenyo ngokubanjwa kwemali yonogada ‘abaqolwayo’

Okhulumela iPrivate Security Industry Regulatory Authority (iPSIRA) uthe abazange basithole isikhalo sezinyunyana ngezinkampani okuthiwa zihlulekile wukugcina i-Collective Bargaining Main Agreement

Embikweni wonyaka wango-2021/22 iPSIRA yathi ekupheleni kukaMashi wango-2021 bekunonogada abawu-586 042 ababhalisiwe futhi abasebenza ezinkampani eziwu-11 540 ezisebenzayo. 

Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.mukurukurumedia.co.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page