Zitotose somabhizinisi usaqala unyaka, kuloba uNtokozo Biyela
NGIYATHEMBA uliqale kahle mfundi walengosi isonto. Namhlanje ngithanda sibhekisise indaba yenhlalo nesimo sempilo yakho njengo somabhizinisi. Isikhathi esiningi siye sithi uma siqala unyaka sibe nezinto esizibekele zona esifisa ukuzenza emabhizinisini ethu kanye nasempilweni yethu.
Kodwa isikhathi esiningi loko kuye kungafaki ukunakekela imizimba yethu noma impilo ngokwengqondo yethu. Baningi impela abaya kozivocavoca emajimini kodwa isikhathi esiningi kusuke kuwukwakha imizimba nje noma ukunciphisa isisindo emizimbeni.
Uma ngikhuluma ngokuzitotosa ngibalula isimo somqondo nomzimba wakho, ukuthi ingabe wena qobo lwakho lonke usesimweni esihlelekile yini ukuthi ukwazi ukuphatha ibhizinisi kuze kuphele unyaka? Kuloku kwafika iCOVID-19 ngo-2020 baningi osomabhizinisi abahlukumezekile ngokomqondo ikakhulukazi ukhwantalala. Ziningi izimo esezifake osomabhizinisi abaningi ikakhulukazi abamnyama ingcindezi.
Lengcindezi isekhona namanje ngenxa yokucishwa kukagesi lapha eNingizimu Afrika. Lento ilimaza imizwa nengqondo, osomabhinizinisi abaningi sebephila nokhwantalala zonke izinsuku. Abasakwazi ngisho nokusebenza ngendlela abafisa ngayo ukuze amabhizinisi asimame. Kwabanye sekuze kube likhuni ngisho ukuxosha ikati eziko ngendlela izinto esezenzeka ngakhona.
Yingakhoke ngithi thatha leligxathu wena somabhizinisi uhambe nje kusekahle uye ezindaweni ezibhucunga imizimba nezicwala izinwele ukuze kwehle ukhwantalala. Kuhle ukwenza loku njalo nje ngoba abezempilo bayasho ukuthi konke ukukhathala nemizwa ebuhlungu oyizwayo iya enhliziyweni nakwezinye izindawo zomzimba ezigcina sezikhathala nazo zingabe zisasebenza ngendlela okufanele zisebenze ngayo.
Kufanele ukuthi nangaphakathi emzimbeni bakwazi ukukukhuculula ukuze ezinye zezitho zomzimba zizokwazi ukusebenza ngendlela okuyiyona. Uyadinga ukuthi uphile nje ube umqemane ngoba uma kungenjalo loko kuzokulimaza wena engqondweni nasemzimbeni. Uma ungaphilile kahle kusho ukuthi nebhizinisi lakho ngeke liphile.
Ngake ngakubalula loku kwenye ingosi yami, ngathi wena ufana ncamashi nemoto noma umshini osebenza imihla namalanga, ngakhokhe uyadinga ukuthi uloku uhlolwa nje ukuthi yonke into ihamba kahle yini ukuze umsebenzi uqhubeke ngohlelo.
Siyazi-ke sonke ukuthi kwenzakalani uma imoto noma umshini osebenza kanzima ungayi kohlolwa. Uyafa kume yonke into. Kanjalo ke nawe bayokucosha phansi ngelinye ilanga bengazi ukuthi kwenzenjani.
Uma futhi kukhona imadlana esekhona ongakwazi ukuyisebenzisa ukuzitotosa, hamba uye le ezintabeni noma ngasolwandle uthole indawo ethule lapho kungenamsindo khona uzihlalele wedwa unanele imisindo yemvelo. Uma ungazibuza, wagcina nini ukulalela izinyoni zikhala endle, wagcina nini nje ukuzwa umoya uheleza ngaphandle, wagcina nini ukuzwa amanzi egeleza noma ulwandle luhaza lungena luphuma osebeni?
Ngiyacabanga lezi izinto esizithatha kancane ngoba sesajwayela imisindo yezingane, amafriji endlini, izimoto namabhasi nenqwaba yemisindo esiyizwa mihla namalanga. Kuyathukela ukuthi wena uke uzihambele nje wedwa uyozitotosa.
Uyakudinga, futhi kuhle uma ungakwazi ukukwenza njengoba usaqala unyaka ukuze kuthi uma izinto seziqala ukukunetha ebhizinisini noma embonini okuyo, kungcono uzobe uke wazitotosa kancane. Noma ngabe kusho ukuthi hamba uyozidlela nje ukudla kwakho okukhonzile wedwa, yenza njalo. Hhawu zitotose nje kube kanye empilweni.
- UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi enkampanini yakhe iMindset Shift Consulting.
Facebook: Ntokozo Mondli Biyela
