Uhulumeni awunandaba namabhizinisi amancane, kusho izinhlaka. USLINDILE KHANYILE uyabika
UHULUMENI ubeke uR1.4 billion ozohlinzeka ngawo osomabhizinisi abasafufusa kulo nyaka.
Loku kuvele enkulumweni kaMengameli uCyril Ramaphosa ayethulele isizwe ngesonto elidlule.
URamaphosa uthe le mali ezokhishwa ngeSmall Enterprise Finance Agency izolekelela osomabhizinisi abangaphezu kuka-90 000. “Uhulumeni ngokubambisana neSA SME Fund uzama ukusungula isikhwama esiwuR10 billion ukuxhasa amabhizinisi asafufusa ukuze akhule. Uhulumeni ucabanga ukufaka uR2.5bn kulesi sikhwama bese kuthi uR7.5bn wona uqhamuke embonini ezimele.”
URamaphosa ubalule le mizamo ngenkathi ekhuluma ngomsebenzi osuwenziwe kusukela kuqokwe uMnu uSipho Nkosi, okwathiwa uzolekelelela ukunciphisa imidanti okufanelwe ilandelwe osomabhizinisi ukuze kube lula ukusebenza.
Umengameli uthe uNkosi usebenzisana neminyango kahulumeni ehlukene ukufeza loku. “Kusize ukusebenzisana neminyango kahulumeni nezinye izinhlaka ngezinto ezithinta ukukhishwa kwezimvume zezimayini, izimvume zabantu abanamabhizinisi okuthutha izivakashi, izimvume zokusebenza kwabavela kwamanye amazwe, izinkulisa nabantu bamabhizinisi angemakhulu.
URamaphosa wengeze wathi: “Kulo nyaka sizophothula ukuchibiyela i-Business Act ukunciphisa imithetho enqinda amabhizinisi asafufusa nemifelandawonye ukuze kube lula ukusungula amabhizinisi.”
Uthe enye into ezosiza ukufukula amabhizinisi amancane wukuguqulwa kwePostbank esizoba yibhange lombuso elizoxhasa amabhizinisi asafufusa, aphethwe yintsha, abantu besifazane nemiphakathi entulayo. IPhalamende libuyekeza iPostbank Amendment Bill.
Inhlangano yosomabhizinisi iBlack Business Council ithe ukungaxhaswa ngendlela efanele kwamabhizinisi amnyama asafufusa kunqinda ukukhula komnotho nokuvuleka kwamathuba omsebenzi. Ithe kubi ukubona ukuthi le ndaba ayisukunyelwa.
Isikhulu esiphezulu seBBC uMnu uKganki Matabane sithe: “I-BBC idumele ngokuthi akushiwongo lutho ngeBroad-based Black Economic Empowerment, ikakhulukazi ngoba lona wunyaka wesi-20 wasungulwa umthetho. Loku kukhombisa ukuthi ukuguqula umnotho yinto engabalulekile kuhulumeni.”
UMatabane uthe bayakwamukela ukuthi inkinga yokushoda kukagesi ithathwe njengenhlekelele kodwa wathi akakholwa wukuthi ukuqokwa kukangqongqoshe kagesi kuzosiza, kunaloko uthe babona kuyinto ezokwengeza imidanti.
Isikhulu esiphezulu seSMME Forum uMnu uTebogo Khaas sithe nakuba inkulumo kamengameli ithinte ukubaluleka kwamabhizinisi asafufusa, ikakhulukazi ukudala imisebenzi, kodwa ayishongo lutho ngezinselelo ezisahlupha amabhizinisi amancane mihla namalanga.

Uthe kade babenxusa ukuthi kushintshe imithetho yokuqasha ngoba ukuthi lena ekhona yokuqasha amathwasa ivuna izinkampani ezinkulu.
Wengeze ngokuthi: “Umsebenzi kaNkosi awuwasizi ngalutho amabhizinisi amancane kodwa ulekelela amakhulu kuphela.”

