UNks u-Abongile Sigwebela, umsunguli weSolanga Fashion Creations yaseGoli, eGauteng.

Zabonakala ebuncaneni bakhe oweSolanga izinkomba zokuthi uyophelela kwezemfashini. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngohambo lwakhe 

WAQEDA isikole esevele enamakhasimende ebhizinisi lakhe oselokhu kwathi nhlo uyadweba futhi wayekhonze ukudlala ngokuthungela onodoli izingubo. Yingakho engapholisanga maseko ukuvula ibhizinisi uma eseqedile ukuthwasela umsebenzi ngoba futhi wayazi ukuthi ufisa ukuzisebenza.

UNks u-Abongile Sigwebela, umsunguli weSolanga Fashion Creations, yaseGoli, eGauteng, ungomunye wabasiki bengqephu abangaconsi phansi eNingizimu Afrika, ikakhulukazi kubantu abakhonze imvunulo yesiXhosa, imibhaco. 

Uyazithunga nezinye izinhlobo zezimpahla ezingeyona imibhaco kanti uthungela abantu besilisa nabesifazane.

“Ngikhule ngiwumuntu ongakhonzile ukuba sesixukwini futhi ngenza noma yini enomsebenzi wezandla. Ngenza i-Physics ne-Maths esikoleni kodwa ngangenza izingubo zonodoli ngamahleza kambila ngoba abazali emakhaya babengenasikhathi sokuthenga amathoyizi.

“Ngangibuye ngithunge ngensonto ngizenzele imali nakuba ngangingayidingi. Umama wuyena owatshela ubaba ukuthi ngiwumuntu wobuciko. Ubaba wayeyisifundiswa kanti engayiziswisi le nto,” kukhumbula yena.

Imibhaco ngenye yemisiko iSolanga edume ngayo

Ngemva kokuphothula uMatikuletsheni, uNks uSigwebela, odabuka eLusikisiki, eMpumalanga Kapa, wadedelwa ukuthi alandele iphupho lakhe. Wabhalisela i-Fashion Design Diploma eTshwane University of Technology, nayiphothula ngo-2008. 

Wathi angaqeda ukuba yithwaswa wathuthela eGoli ngoba ekholwa wukuthi yilapho kunamathuba amaningi okuthi akhule, wasungula ibhizinisi lakhe ngokusemthethweni ngo-2009.

Uthi: “Ibhizinisi liyehla liyenyuka kodwa lilonke ibhizinisi lami belihamba kahle kwaze kwaba kufika iCOVID-19. Ngangingakaze ngicabange ukuthi ngingake ngicabange ukulivala ibhizinisi ingakafiki iCOVID-19 kodwa-ke ukuphonsa ithawula angikuvumelanga kanti iphupho elikhulu enginalo yilona elingigqugquzele ukuthi ngiphokophelele ukukhula ngisuke kule ndawo ebisingenze nganethezeka. 

“Bengicabanga ukuthi iCOVID-19 iyona kuphela into ezongivimba ukuthi ngikhule kodwa ukucinywa kukagesi kudlulele kuneCOVID-19. Nginawo amakhasimende kodwa ugesi anginawo, sekuze kwadingeka ukuthi sithenge i-generator futhi sifunde nokwenza ezinye izinto. 

“Ngiyathanda ukumbona umuntu ngaphambi kokumthungela ngoba uma sengimbonile ngiyakwazi kahle ukubona ukuthi uzofanelwa yini kodwa ibhizinisi bekufanele liqhubeke ngesikhathi abantu bengakwazi ukuza kithi, sisebenzise ubuchwepheshe, uWhatsApp futhi izimpahla sizipose. Angikaze ngicabange ukuthi kunganomakoti ongangithemba ukuthi ngimthungele ingubo, angayilinganisi, ngize ngimthumele yona, aqale ukuyilinganisa ngoba sengiyiposile,” kusho yena. 

Ikhona neminye imisiko okungeyona imvunulo

UNks uSigwebela useqashe abantu abane, isibalo esehle sisuka ku-12 ngenxa yobhubhane nokucinywa kukagesi. Uthi kwakungesiyo inhloso yakhe ukugxila ekuthungeni imibhaco ngesikhathi evula ibhizinisi kodwa-ke amakhasimende amaningi anawo ngabantu baseMpumalanga Kapa ngisho abasuke bezinze kwezinye izifundazwe. Unawo namakhasimende azinze kwamanye amazwe njengaseBotswana, eNigeria naseCongo, nakhona kusuke kungabantu baseNingizimu Afrika.  

UNks uSigwebela uthe kuyadingeka ukuhlonipha umsebenzi nokuwuthanda. Uthe ukuwuthanda kukodwa akwanele ngoba kwesinye isikhathi ugqozi awunalo kodwa uma uwuhlonipha uzozimisela ngisho nangezinsuku uthando olungekho ngazo. 

“Ibhizinisi ngeke uliphathe wedwa. Uyabadinga abantu ukuze likhule. Kuyafuneka nokuthi ubahloniphe abantu, izisebenzi oziqashile ngabantu kanti badinga ukuhlonishwa, ubacabangele,” kweluleka yena. 

UNks uSigwebela unabantwana ababili. Uthi nakuba enamakhasimende angosaziwayo kodwa akagxilile kulolo hlobo lwamakhasimende ngoba wake wagileka.

Instagram: @solanga_fashion_creations

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page