UMnu u-Asande Mbense, umnikazi we-AMS Nyathi Flooring, yaseThekwini, KwaZulu-Natali, inkampani efakela ama-tile izikhondlakhondla zezinkampani ezinjengoWoolworths noCaltex. Izithombe: Zithunyelwe

Isikole silibeka kwelinye izinga ithalente lokuzalwa

WUSIMANGALISO NTSHANGASE

ABANYE abantu kuthi ngokuba nesiphiwo ezintweni ezithile bese bengasiboni isidingo sokuthuthukisa ulwazi nokucija ikhono labo ngesikole ukufundela umkhakha abakuwona.

UMnu u-Asande Mbense, oneminyaka ewu-26, uwusomabhizinisi osemncane nowenza ezibukwayo embonini yokwakha nomkhakha okukhonya ezinye izinhlanga kuwona i-AMS Nyathi Flooring, inkampani efaka ama-tile ezinkampanini ezinkulu, wehlukile kwabanye abantu abanalo mqondo.

Umsebenzi we-AMS Nyathi Flooring usha endaweni yekhasimende

UMbense, wasePhoenix, eThekwini, KwaZulu-Natali, uthi i-AMS, ayiqale ngo-2019, uyiqambe ngeziqalo zamagama akhe u-Asande, uMinenhle noSiyabonga nesithakazelo sakhe uNyathi.

Uthi ukholwa wukuthi ngaphandle kwemfundo ubengeke afike kuleli zinga akulona manje ngale nkampani ayiqale enza konke okuthinta ukwakha kanti manje usegxile ekufakeni ama-tile emabhilidini ezikhondlakhondla.

“Ukuzihlupha kwami ngolwazi lwemfundo yalo mkhakha kwenze ngazuza ulwazi olwenze kwalula ukungena nokuchuma kule mboni. Ngasizwa nawukuqale ngisebenze ezinkampanini zokwakha iminyaka emibili ngathola amava angisize kakhulu sengishiya kuzona ukuqala ibhizinisi lami,” kulanda yena.

Umsebenzi wabo uyazikhulumela njengoba esenamakhasimende amakhulu naziwayo okukhona kuwo iWoolworths, iCoca-Cola, iSPAR, iCaltex neStandard Bank.

Kusala kuqhakaze kanje endlini uma sekuthinte i-AMS Nyathi Flooring

UMbense une-National Diploma in Building, i-Bachelor of Technology in Construction Management ne-Bachelor of ne-Honours in Construction Management, konke akufunde eDurban University of Technology.

UMbense uthi ikhasimende lakhe lokuqala walibiza uR50 000 ngomsebenzi elalimqashele wona wokufaka ifenisha endlini. Loko kwamsiza ukuthenga izimfanelo zokusimamisa ibhizinisi.

Konke loku kungazwakala kulula kodwa kuMbense akunjalo. Uthi: “Kuyenzeka senze umsebenzi wekhasimende (kodwa) lingakhokhi ngesikhathi esivumelene ngaso, loko okuholela ekutheni singakwazi ukwenza izimfanelo zebhizinisi.

“Nokuthi ngo-Ephreli wonyaka odlule ngehlelwe wumshophi ngidunwa imoto. Ngalahlekelwa yizinsiza eziningi zokusebenza ezazikuyona, loko kwangibuyisela emuva kakhulu. Ngenxa yokuthi ngenza into engiyithandayo, angivumeli izinselelo ezinjalo (ziwise) ibhizinisi,” kusho uMbense, onqobe indondo emkhakheni i-Youth in Property kumaKZN Youth in Business Awards ngonyaka odlule.

I-AMS Nyathi Flooring isiqashe izisebenzi eziwu-20.

Mayelana nezinhlelo zangomuso, uMbense uthi uhlela ukungena kwezinye izifundazwe, abe yinkampani ethenjwayo yezokwakha. Ukuqhubeka nokuzithuthukisa ufisa ukuphothula i-Master’s in Business Administration engakahlanganisi iminyaka ewu-30.

  • Facebook: AMS Nyathi Flooring
  • Instagram: ams_nyathi_flooring

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page