Azizakwali kahle iziphakamiso zokulungisa inkinga kagesi zikaRamaphosa, kuloba uBusi Mavuso

ABEZINHLANGANO zamabhizinisi bazimisele ukulekelela uhulumeni kusebenzeke endaweni ezokhulisa umnotho. Yingakho ngayilalelisisa iNkulumo eBhekiswe esiZweni eyethulwa wuMengameli uMnu uCyril Ramaphosa ngesonto elidlule. 

Bangasiza kanjani osomabhizinisi? Njengoba nomengameli azi, kunzima kakhulu ukuthi osomabhizinisi batshale imali kulesi simo esikhona njengamanje. Ukucima kukagesi yiyona nselelo enkulu. 

Osomabhizinisi bayaliseka ikomidi elibunjelwe ukubhekana nenkinga kagesi iNational Electricity Crisis Committee (iNecom) eselisebenze kanzima ukubheka izisombululo ezingasiza ukunciphisa le nkinga. Bengimagange ukuzwa izinhlelo ezintsha umengameli azoqhamuka nazo ezisusela eziphakamisweni ezenziwe yikomidi.

Zimbili izinto ezigqamile enkulumweni yakhe: wukusungula isikhundla esisha sikangqongqoshe kagesi nokumemezela ukuthi izwe selibuswa ngaphansi komthetho wezinhlekelele. Kepha kuzona zombili akucacile kahle ukuthi osomabhizinisi bangalekelela kanjani. 

Impela ngikhathazekile ngokuthi zombili zingahle ziphazamise indlela osomabhizinisi abasebenzisana ngayo nohulumeni ukuxazulula lezi zinkinga manje.  

Angiqale ngekangqongqoshe kagesi. Inkinga yokuqala wukuthi akucacile kahle ukuthi kuzoba yini umsebenzi walo ngqongqoshe. Imisebenzi eqondene ne-Eskom nomgomo olawula ugesi iyaziwa ukuthi iqondene nobani – ungqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni wuyena omela uhulumeni, kuthi ungqongqoshe wokuMbiwa Phansi naMandla yena abheke ukubekwa komgomo kagesi. Le misebenzi eyabiwa ngokomthetho ayikwazi ukuvele ishintshwe inikwe omunye umuntu.

Sidinga ukuqhubeka nokuphothula ukuhlela kabusha i-Eskom. Uma kusheshe kwenzeka loko, kuzoshesha nokuthi sifinyelele emnyombweni wezinkinga zemboni kagesi. 

Umbuzo engisale ngizibuza wona uthi kungani umengameli eqoke ungqongqoshe omusha esikhundleni sokufaka abantu eminyangweni evele inomsebenzi wokuhlela izinto kabusha?

Ngiyawuzwa umbono kamengameli wokuthi ungqongqoshe uzokwengamela umsebenzi weNecom kodwa okudingekayo wukuthi ongqongqoshe bamaBhizinisi kaHulumeni nowokuMbiwa Phansi naMandla baphuthume ukwenza umsebenzi wekomidi, hhayi omunye ungqongqoshe. 

Ngenyanga edlule iBusiness Leadership South Africa (iBLSA) ngokubambisana neBusiness Unity South Africa babhalela umengameli bebeka uvo lwabo ngezinguquko ezilindeleke kwiKhabhinethi. 

Sabhala sathi: “Kukhulu okubhekwe eHHovisi likaMengameli, yingakho sicabanga ukuthi kubalulekile ukuthi, kube yiKhabhinethi lonke eliphendulayo ngezinto okufanele zenziwe.” 

Kepha ukuqoka ungqongqoshe kagesi eHhovisi likaMengameli kuyaphikisana naloku. Kuyancipha okufanele yiKhabhinethi iphendule ngakho njengoba kwanda eHhovisi likaMengameli. 

Mhlawumbe uMengameli unecebo futhi kukhona okuhle okungenziwa yilo ngqongqoshe. Ngingakujabulela loko. Uma kucacile kahle okufanele akwenze futhi kunesikhathi esibekiwe, kungaba yinto enhle. 

Kodwa ingozi wukuthi sakha esinye isikhundla nje ngoba sithi sizama ukushintsha izinto embonini kagesi nase-Eskom. Kumanje abaholi be-Eskom kufanele baphendule kubantu abaningi kanti ungqongqoshe wesithathu ngeke awusize kule nkinga obhekene nayo. 

Ukuphatha izwe ngaphansi komthetho wezinhlekelele yinto engeke iwasize ngalutho amabhizinisi. Njengoba ngasho ngesonto elidlule, ukuphatha ngaphansi komthetho wezinhlekelele ngesikhathi kuqala iCOVID-19 kwashiya abantu bengazi ukuthi bazobuza kubani futhi kwavula intuba yokuthi kukhwatshaniswe futhi kunyathelwe amalungelo abantu.

Kwenza nomthetho ungasebenzi kahle kanti kungenzeka kunciphise ithemba kosomabhizinisi. Pho kuzohluka ngani kulokhu? Yini lena ukubusa ngaphansi komthetho wezinhlekelele okuzokwenza yenzeke ebingeke vele yenzeke? 

Inkulumo kamengameli ayikucacisanga loku kanti namanje yize sekuphele izinsuku, ayikho imthetho esishicilelwe, akukho okunye esikwaziyo. Nokho ngizimisele ukulalela uma kukhona ongangichazela. Uma kuwukuthi kuzosiza ukulungisa inkinga esinayo, ngizokwamukela. 

Kumqoka ukuthi kubekwe izindlela ezizogada ukuze sigweme ukuxhashazwa okwenzeka ngenkathi izwe libuswa ngomthetho wezinhlekelele. Ziningi izingozi okufanele zilawulwe kodwa-ke futhi uma kunohlelo olucacile lokuzokwenzeka nokuthi kuzoba yisikhathi esingakanani, mhlawumbe kuzosiza. 

Osomabhizinisi bazoxoxisana nabeHhovisi likaMengameli ukubanika ithuba lokuthi basenze sibone kuzosiza ngani. Uma bephumelela, sizojabula. 

Ukushiya kobehola ithimba elibheke ukuxhaswa kwezinhlelo zokuguquguquka kwesimo sezulu uMnu uDaniel Mminele nokusula kwesikhulu esiphezulu se-Eskom uMnu uAndré de Ruyter sekunyuse amaphaphu kwabanovalo lokuthi uhlelo lokushintshela kugesi ovuselelwayo esikhundleni sowamalahle sekuphazamisekile. 

Lolu shintsho luzokwenzeka kanti luyaqhubeka kwezinye izindawo. Ubufakazi baloku yisinqumo se-Eskom sokuvala iKomati Power Station. Kepha izinselelo zepolitiki nokufihla ezinye izinto ngalolu hlelo kuyakhathaza kanti abanye babantu abaxhase lolu hlelo sebecele ukuthi kuphuthunywe lwenziwe. 

Ngibheka izindlela iBLSA engaphucula ngayo ukuze kuvikelwe abaqhumbuza ithumba ngobugebengu nenkohlakalo. Ezinye zezinto esizizwile ngendlela impilo yabanye abantu abenze loku ziyadabukisa. 

Laba bantu bayasiza ukulwa nenkohlakalo kodwa azikho izinhlaka ezisemthethweni zokubeseka kanti balahlekelwa yisinkwa, basatshiswe ngokuthathelwa izinyathelo zomthetho futhi banokhwantalala. 

EMelika kunemithetho enxephezela abaletha ubufakazi bobugebengu. Kukhona abaphakamisa ukuthi kuyadingeka loku naseNingizimu Afrika. 

Kufanele sisebenzise sonke isikhali esinaso ukuqeda inkohlakalo emphakathini futhi silandele iziphakamiso ezenziwa yiKhomishini kaZondo sokuthi kube nezinhlaka nezinhlelo ezisungulwayo ukulwa nenkohlakalo.  

  • UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page