UMnu uZakhe Ntshingila, umsunguli we-Inkunzi Sauces yaseThekwini, KwaZulu-Natali. Izithombe: Zithunyelwe

Inkunzi ye-sauce yamfikela ezama ukwenza into entsha

WUTHOBILE ZWANE

UKUBHEDUKA kwe-COVID-19 kwamnika umqondo wokuqala ibhizinisi elenza ama-sauce enziwe ngamaveji nezithelo. 

Umsunguli we-Inkunzi Sauces yaseThekwini, KwaZulu-Natali, uMnu uZakhe Ntshingila uthi ngesikhathi eqala ukuzikhiqizela ama-sauce wayengahlosile ukuqala ibhizinisi kodwa wayezenzela nje, kwathi uma izihlobo nabangani bezwa ukuthi amnandi, babuza ukuthi ayimalini. Wafika lapho umqondo webhizinisi.

UNtshingila, oneminyaka ewu-46 nodabuka eMlaza, uthi uqale ukwenza ama-sauce ngo- 2020 ngesikhathi se-COVID-19 ngenhloso yokuzama izinto ezintsha ngaleso ngesikhathi wonke umuntu evaleleke ekhaya. Uthi akakuyelanga esikoleni ukwenza ama-sauce njengoba eneziqu ze-graphic design zase-Durban University of Technology.

Uthi wayenopepele endlini, wazibuza ukuthi yini angayenza ngawo. Wafikelwa wumqonda wokwenza i-sauce kanti kuzophuma isihahadolo esimnandi.

“Ngaqala ngayibona lapho ukuthi imnandi (le sauce). Ngabe sengiqala ukuqhathanisa ama-sauce engiwenzayo nawasezitolo. Ngaleso sikhathi bekuthi uma ngiwaqhathanisa nomndeni wami nabangani sithi ‘le iyinkunzi’. Laqhamuka kanjalo igama lokuthi Inkunzi, kwakungeyona into ehleliwe,” kusho yena.

Izinhlobo ezihlukene ze-sauce ye-Inkunzi Sauces 

Uthi awusheshi ukubona ukuthi ama-sauce enziwe ekhaya awafani nenziwe ngomshini kanti kunomehluko. Uthi bona benza ngamaveji nezithelo zangempela, abazifaki izithako ezengeziwe, phecelezi ama-preservative, okwenza ukuthi ahluke wukunambitheka okukhona okungamaveji nezithelo zangempela. 

“Okwamanje sisadayisa ezimakethe nakuma-festival. Kuyadayiseka kona futhi uma into uqala ukungena kuyona, yila ubona khona ukuthi baningi kanjani abantu abenza le nto oyenzayo. Okuhle wukuthi bakhona futhi abayithandayo le oyenzayo yize kukhona nabanye,” kusho uNtshingila. 

Uthi ngonyaka odlule bangenela umcintiswano wenye yezimakethe zaseDurban North i-Greatest East Coast Chilli Fest, baphuma isibili. 

UNtshingila uthi manje bafisa ukungena ezitolo ezincane njengoba besakhiqizela ekhaya kodwa abantu bayakwazi ukuthi babathumelele uma bedinga umkhiqizo wabo noma bamemezele ezinkundleni zokuxhumana ukuthi bazotholakala kuphi. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2020/11/02/ukuhlasela-kwecovid-19-ukuvalwa-kwezwe-ukuvaleka-kumenze-waqala-ibhizinisi-abenqena-futhi-esaba-ukuliqala-uxoxe-nolanga-khanyile/

Uthi kuma-sauce abo bagxila kakhulu ekutheni ayanambitheka noma kuthiwa iyababa kodwa uyayizwa ukuthi yehla esiphundu. 

Okwamanje uthi usazisebenzela ubengakaqashi muntu kodwa kuyisifiso sakhe sangomuso ukuvula amathuba omsebenzi.

Uthi amakhasimende akhe amaningi ngabantu abathanda ukuzama izinto ezintsha nabathanda izinto ezibabayo. “Noma ikhona le engababi kodwa ayidayisi kakhulu njengale ebabayo. Sibona kakhulu amakhasimende abuyayo kwathanda upelepele omnandi nabahashukayo,” kusho yena.

Udayisa kakhulu uma kuphele inyanga, ikakhulu ngoMgqibelo nokuphela kwenyanga, lapho ezwe nokuphawula kwabantu ukuthi bacabangani ngomkhiqizo wakhe noma kukhona iziphakamiso anazo.

Uthi ufisa ukuhlinzeka izitolo ezinkulu futhi akwazi nokuthuthela umkhiqizo wakhe kwamanye amazwe ukuze bezwe ukunambitheka komkhiqizo ophuma eNingizimu Afrika.

Uthi ama-sauce enzelwe ukuthi umuntu akwazi ukuthakasela ukudla kwakhe. 

“Omunye (umuntu) akakwazi ukupheka ukudla okubabayo ngoba unomndeni kodwa yena uyakuthanda ukudla okubabayo. Ukufaka i-sauce yethu kumenza ezwe ukuthi ukudla kumnandi, akuthokozele,” kusho uNtshingila. 

Eluleka abafisa ukuqala ibhizinisi, uthe: “Umuntu akaqale, uma eyithanda into akaqale. Kokunye siyayesilinde sicabange ukuthi kukhona isikhathi esilungile ukuthi uqale kanti isikhathi esihle yila usuke ucabanga khona. Ngalesi sikhathi ucabanga, akubekhona okwenzayo bese ubheka nabanye abenza leyo nto ofisa ukuyenza.”

Uthi nasezinkundleni zokuxhumana kukhona amaqembu asizanayo ngamacebo okwenza into oyenzayo. Mlalele echaza.

“Qala lapho ukhona, okunye uyokubona ngendlela. Ungaze ucabange ukuthi uzothola indawo noma ikhishi elikhulu ukuze ukwazi ukukhiqiza. Qala ekhishini lakho, uzokhula ngendlela,” kucebisa uNtshingila.

Facebook: Inkunzi Sauces

Instagram: @inkunzisauce

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page