Yize ziseningi ezinye izinselelo kule mboni kodwa ukusebenza kahle kukagesi ezinyangeni ezimbalwa ezidlule kuyasiza ukunciphisa izindleko ezifana nokuchelela kwezolimo. Izithombe: Zithunyelwe

Ishayekile imboni yezolimo ngemisebenzi – usomnotho

YINTATHELI YOMBELE

IZIBALO zezinga lokungasebenzi kwabantu eNingizimu Afrika eziveze ukuthi isibalo sabantu abangasebenzi sinyukele ku-33.5% ngekota yesibili yango-2024, ezishicilelwe yiStatistics South Africa ngesonto elidlule, zitshengise ukuthi ukuncipha 

kwemisebenzi kushaye kwezwakala kakhulu embonini yezolimo.  

Kule mboni, isibalo sabantu abasebenzayo sehle ngo-4.8% ngekota yesibili uma kuqhathaniswa nekota yokuqala. Sesimi kubantu abawu-896 925. 

Nokho-ke lesi sibalo singaphezudlwana ngo-0.2%, noma abantu abawu-1 480, uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngo-2023 futhi singaphezulu ngabantu abawu-97 284 uma kuqhathaniswa nokuba yisona uma kubhekwa isikhathi eside, phecelezi i-long-term average, sabantu abawu-798 640. 

Usomnotho omkhulu wezolimo eFNB uMnu uPaul Makube uthe yize le mboni ibhekene nezinselelo kodwa isikwazile ukuthi isibalo sabantu abasebenzayo sihlale singaphezu kwaleso okuba yisona uma kubhekwa isikhathi eside amakota awu-13 elandelana kusukela ngekota yokuqala yango-2021. 

UMakube uthe izitshalo ezimbili zasehlobo umbila ne-soybeans zinciphe ngo-18.8% nango.35.8% kulandelana njengoba umbila okhiqiziwe ube ngamathani awu-13.33 million kwathi i-soybeans yaba ngamathani awu-1.78mn uma kuqhathaniswa lo nonyaka odlule. 

Usomnotho omkhulu wezolimo eFNB uMnu uPaul Makube uthi ziningi izinselelo ezimise ezolimo kabi 

“Kwezinye izimboni eziyimixhantela yezolimo okwehle kuzona isibalo sabantu abasebenzayo zifaka eyezemfuyo neyamahlathi kanti eyemfuyo isazama ukuzivuselela njengoba iphazanyiswe yizifo eminyakeni emibili edlule futhi kunyuke mawala namanani okudla kwezilwane,” kusho yena.

Uma kubhekwa izifundazwe, uMakube uthe iNtshonalanga Kapa yiyona esaqashe abantu abaningi kwezolimo njengoba bewu-18.1%, yize isibalo sinciphile ngo-24.7% uma kuqhathaniswa amakota nango-19.1% uma kuqhathaniswa lo nyaka nodlule.

“Ezinye izifundazwe ezehle kakhulu yiNorthern Cape lapho imisebenzi inciphe ngo-38% uma kuqhathaniswa ikota, iGauteng eyehle ngo-28.5% uma kuqhathaniswa unyaka neNorth West enciphe ngo-27.7% uma kuqhathaniswa unyaka. Lezi ezinye ezintathu azibanga nasandla esitheni njengoba kube ngu-3.7%, u-6.3% no-3.7% kuyona yonke imisebenzi yezolimo ezweni.

“Lezi zibalo zokwehla kwemisebenzi zitshengisa nokwenzekayo embonini yezitshalo njengoba okunye esibona ngakho wukudayiswa kwemishini yezolimo okuloku kwehlile kusukela unyaka uqalile. Yize kuthe ukunyuka ngo-12% ngoJulayi uma kuqhathaniswa noJuni, ukudayisa kwemishini yezolimo (ogandaganda neyokuvuna) kwehle kakhulu ngo-17% uma kuqhathaniswa nonyaka odlule njengoba kudayiswe ewu-571 unyaka wonke kuze kube nguJulayi,” kuqhuba uMakube. 

Lo somnotho uthe ukulungisa izinto ezifana nemigwaqo, ingqalasizinda yezitimela, izidingo ezihlinzekwa ngomasipala nengqalasizinda yamachweba kungasiza kakhulu ekutheni ezolimo zikwazi ukuvula amanye amathuba emisebenzi.  

“Nokho-ke, akukubi konke kangako njengoba ezinyangeni ezidlule ezimbalwa usebenza kahle ugesi, okunciphise izindlelo zokuchelela, iziqandisi neminye imisebenzi yezolimo efana nezinkukhu, imikhiqizo yobisi nezingulube. Ngaphezu kwaloko, nokubhekiwe esimweni sezulu kushintshile njengoba kulindelwe i-La Nina ehlobo lango-2024/25 nezimvula,” kusho uMakube. 

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/02/28/bathakasile-abalimi-ngezimemezelo-ezethulwe-kwisabelomali-uslindile-khanyile-uyabika/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page